zulu.2839.bala
BONA – April 2007
Basuka kowe-kwaito bashaya opholile
Izelamani ezishaya ingcwenga yomculo
Izelamani zakwaBala uZwai, Loyiso noPhelo basuke sebeshaye amasudi ama-tuxedo nezigqoko ze-fedora kanti kumanje kubukeka bengabanye abaphambili njengoba bedlala ezindaweni eziphakeme emakhonsathini abantu abaphezulu, osopolitiki kanjalo nawezinhlangano ezinkulu
IZELAMANI zakwaBala uZwai noLoyiso ngabantu asebazakhela igama emculweni we-pop nowe-classic. Omunye wayekuTKZee, omunye edlala emdlalweni weTV kanti bobabili baqeqeshwa kwezomculo kwiDrakensberg Boys Choir futhi bakwazi ukusebenzisa amakhono abo ukuzakhela igama emculweni we-kwaito noweR&B esikhathini esingangeminyaka elishumi esedlule.
Njengamanje sebejoyinwe ngumfowabo omncane uPhelo (15) nokudingeke ukuba amise izifundo zakhe zikaGrade 10 kwesinye sezikole eziphambili ukuze leli qembu likwazi ukumelana nokuba matasa kwalo njengoba libhukwa ubuthaphuthaphu.
“UPhelo ushaya into ecokeme,” kusho uLoyiso evuma ukuthi waze wakhala izinyembezi ngesikhathi ezwa iphimbo lomfowabo selivuthiwe limnandi.
UZWAI waduma emculweni we-kwaito ngeminyaka yo-1990 ngezikhathi zoBoom Shaka noBongo Muffin kanti uLoyiso yena wakwazi ukuqopha nokudlala kwiBackstage.
Laba baculi bangabanye abashisayo kwelase-Africa kusukela ekuzibonakaliseni kweSoweto String Quartet eminyakeni engu-15 eyedlule.
UPhelo wacula okokuqala ngoSeptember nyakenye kwiStarlight Classics show eCountry Club eGoli.
“Angizange ngibe naso isikhathi sokuba nokwesaba,” kusho yena. “Athi nje evuleka amakhethenisi ngabe sengise-steji. Kulapho ubona khona ukuthi kubalulekile ukuziqeqesha - wena wenza okwenzayo, abantu ababukele bakwenze uzizwe ukomunye umhlaba.”
UZwai uthe: “Kwasithokozisa ukuba sihlangane njengeBala Brothers. Emzini wami ngaletha upiyano saqala sasebenza ezingomeni zeCD yethu.
“Konke esasikwenza kwahamba ngokuyikho. ULoyiso waqhamuka nengoma emnandi yesiXhosa ethi Masibuyelane, nokuyisicelo sokubuyelana kwezithandani ezehlukene.
“Iphimbo likaPhelo lengeza obunye ubumnandi.”
LE-albhamu ethi Bala Brothers… B3 yaphekwa yaqoshwa ngesikhathi esingangamasonto ayisithupha.
Emva kwalokho uPhelo kwadingeka ukuba abuyele esikoleni eyobhala izivivinyo zikaGrade 9 kanti uLoyiso yena kwadingeka ukuba akhansele uhambo lwakhe lokuyocula eGermany amise ne-albhamu yakhe elandelayo yeR&B ukuze akwazi ukusebenza nabafowabo.
Babezimisele ukukhipha iCD yabo ngesikhathi sebhizi kaKhisimusi njengoba abanye abaculi base bevele bekhangisa ngomculo wabo kwiTV.
Ngazo lezo zikhathi uZwai wayevele esebonakala ohlelweni oluwuchunge lomdanso kwiTV iStrictly Come Dancing.
“Le-show yeTV yase ivele ikhona ngaphambi kokuba siqophe iCD, ngaleyo ndlela kwaba yizinyanga zokuba matasa kakhulu,” kusho kuvuma yena.
“Kwathi lapho ngiwuthokozela umdanso, ngaqala ngawuthanda. Ukulalela umculo nokuhambisana nesigqi kuphela okubalulekile.”
I-Strictly Come Dancing yiyo eyanika iBala Brothers udumo lweTV, kodwa umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kukaMbhishobhi uDesmond Tutu egubha iminyaka engu-75 yiwo owaba yingqophamlando kulezi zelamani wavula amathuba okuzibonakalisa njengeqembu elisha kwezomculo. Izihlabani zaseHollywood ezifana noSamuel L Jackson no-Alfre Woodard zaziphahle owayengumongameli wakuleli uNelson Mandela nowakwakhe uGraca Machel, kukhona nezikhulu zikahulumeni, osaziwayo kwezamabhizinisi nakwezikaqedisizungu abaphuma kulo lonke elase-Africa.
“Kwakuyikhonsathi ephambili kunawo wonke esengake ngacula kuwona,” kusho uZwai. “Into eyasithinta kakhulu emoyeni, wukubona okaMadiba indlela akhombisa ngayo ukuwuthakasela umculo wethu.
“Wayengezuhlala kakhulu esesukumile evalelisa ngesikhathi sicula ingoma yethu yokuvula. Ngangimbuka - waphinde wahlala phansi, walalela saze saqeda. Lokho kimina kwangikhombisa ukuthi, sihamba ngokuyikho.”[z]
u
BONA ZULU – April 2007
indaba nguDOUG GORDON
t
Okwasithokozisa kakhulu, yindlela uMadiba awuthakasela ngayo umculo wethu
BONA ZULU – April 2007
I-make-up, izikhwama namashethi, okubiza
IDREAMGIRLS yifilimu yomculo echazwa njengomdlalo “othokozisayo nowenziwe ngobuciko”.
Le-movie yaba nelikhulu isasasa ngesikhathi yethulwa eBeverly Hills kanti akungatshazwa ukuthi abaningi bazoyithanda. Ngesikhathi yethulwa phesheya, abantu babeshaya elikhulu ihlombe uma bezwa izingoma ezithile abazithandayo.
Bonke abadlali abadlala kule filimu bayayazi into abayenzayo kanti uJennifer Hudson uyena mdlali oqavile. U-Beyoncé naye akazibekile phansi ngengoma yakhe ethi Listen ayicula kamnandi.
U-Eddie Murphy naye ushaya into ecokeme ekanye no-Anika Noni Rose abacula naye ingoma yakhe ethi Patience. Ngabe ukhona obenolwazi lokuthi le nsizwa ibuye ibe nekhono lokucula?
U-Jamie Foxx udlala indawo yomuntu ongalungile kanti akanalo ugazi kubabukeli.
Le filimu inika bonke abalingiswa abasemqoka ithuba lokuba bazibonakalise. Likhulu ithalente elibonakala kubadlali kanti akufanele neze ukuba ikuphuthele.
UBONA uphisana ngezimpahla zeDreamgirls ezibiza R3 500: ama-make-up kits angu-10, izikhwama ezingu-10 nama-T-shirt angu-10. Wungenele manje!
Ukuze uwine
Gcwalisa izikwele ukuze uthole igama elifihleke kulezo ezimnyama. Bhala impendulo kwi-postcard, ufake igama lakho, ikheli nenombolo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA April / Block Puzzle No 66, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe DREAMGIRLS ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.) [z]
Kuvalwa mhlaka: 30 April 2007
WINA! WINA! WINA!
R3 500
BONA ZULU – April 2007
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho ulandele imicibisholo uzothola igama lomculi ezikweleni ezimnyama.
