zulu.2824.golden cloud
B3497/07 Isithombe nguGraeme Borchers I.styling nguLinda Bean
ISELULEKO SABABHAKI
• Amakhekhe ungawagcina esitsheni esivaleka kahle izinsuku ezintathu, noma uwaqandise (engafakiwe i-icing) izinyanga ezintathu.
• Uma ikhekhe lomile livuthuka, kusho ukuthi ulibhake isikhathi eside ezingeni lokushisa eliphansi, noma ufake u-baking powder kakhulu.
Bonke ababhaki abayingxenye yeGolden Cloud i- ‘I Bake I Care’ basethubeni lokuwina ivawusha ka-R500 yeGolden Cloud. Ukuze uwungenele, sika i-barcode ephaketheni lalo mkhiqizo - ngemumva kwayo ubhale igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini bese ukuthumela kuleli kheli: Golden Cloud I Bake I Care, P O Box 35413, Northway, 4065. Kuvalwa ngomhlaka 30 September 2007.
Bhaka ngeGolden Cloud uxhase uhlelo lwe-
‘I Bake I Care’, okuhloswe ngalo ukuhlomisa abesimame
ukuze babhake bathole imali
130g ibhotela noma imajarini
90g i-caster sugar
4 okweqanda okuphuzi
120g iGolden Cloud Cake Flour
2 ama-teaspoon (10ml) i-baking powder
ibinzana likasawoti
½ inkomishi (125ml) ubisi
i-icing sugar yokuvuvuzela
I-topping
4 okweqanda okumhlophe
90g i-caster sugar
90g i-dessicated coconut
COCONUT-TOPPED SPONGE CAKE
Kuphuma ikhekhe elilodwa
Bhaka
ngokucophelela
ezentengiso
1. Shisisa uhhavini ngo-180°C. Gcobisa ithini lokubhaka elingu-23cm.
2. Shaya ibhotela noshukela. Faka okweqanda okuphuzi, okukodwa ngesikhathi, ukushayisise emva kokukufaka.
3. Sefa ufulawa, i-baking powder nosawoti ukufake engxubeni yeqanda, uthele ubisi ukufake ethinini lekhekhe.
4. I-topping: Shaya okweqanda okumhlophe, faka ushukela kancane. Qhubeka ukushaye. Faka u-coconut ukubeke phezu kwekhekhe.
5. Bhaka imizuzu engu-30 bese wehlisa umlilo ube ngu-160°C emva kwalokho ukubhake imizuzu engu--20. Khipha kuhhavini ukupholisele ethinini. Kubeke kwi-wire rack uvuvuzele i-icing sugar, ukuseve.[z]
