zulu.2818.crane
Udaba oluxhasiwe
ama-crane amakhulu
NJALO ekuseni ngehora lesithupha uNompumelelo Duma (33) waseThekwini owaziwa ngelikaMpume ukhuphuka indawo engu-22m ukuze afinyelele phezulu ehhovisi lakhe. Wenza umsebenzi wakhe wokuhambisa ama-container kuPier 1 eTransnet Port Terminals.
Ungomunye wabesimame abayisikhombisa emhlabeni abaqeqeshelwe ukushayela ama-crane anamasondo anamarabha - ama-rubber-tyred gantry cranes (RTGs), asetshenziselwa ukulayisha nokwethula ama-container emikhunjini.
Umsebenzi wakhe awulula njengoba abanye becabanga ngoba uma ama-container engalayishiwe ngendlela eyiyo, angawa, adale omkhulu umonakalo kulimale nabantu abasebenza kuleyo ndawo.
Uma abashayeli bamaRTG befinyelela esibalweni sokugudluza ama-container angu-24 ngehora, bathola ibhonasi.
“Nakuba ngingakafinyeleli kuleso sibalo, umholo wami unginika lokho kwaneliseka negunya lokuphila kamnandi,” kusho uMpume owaqala umsebenzi wakhe ngoFebruary emva kokuthatha amashansi ngesikhathi ebona ithuba eliyingqayizivele likhangiswe ephephandabeni.
Abantu abalusizo
Le ntokazi yaqeqeshwa izinyanga eziyisithupha kanti isiyinqobile inkinga yayo yokwesaba ukuphakama. Ukusebenzisana kahle kwamehlo akhe nezandla sekungcono kakhulu njengoba kuyikho phela okudingekayo kulo msebenzi. UMpume ukhumbule iphutha ake alenza ekuqaleni… eshayisa isigxobo.
Ichweba laseThekwini ngelokuqala eSouth Africa ukusebenzisa lezi zingangamela zemishini. Liyichweba lokuqala futhi emhlabeni ukuqasha abesimame abangama-RTG operator – uMpume nozakwabo besimame abayisithupha basebenza ndawonye nabesilisa abangu-50 abangama-RTG operator.
“Ekuqaleni ozakwethu besilisa babenokungabaza ngabesimame abashayela imishini emikhulu, kodwa manje yibo abalusizo kithina,” kusho yena.
Ngaphandle kokuba ngunkosikazi nomama wentombazane eneminyaka emine, uMpume uthi umsebenzi wakhe awuyiphazamisi impilo yomndeni wakhe. Uzinika isikhathi esanele sokuhlala nomyeni wakhe kanye nendodakazi.
Umndeni
“Umyeni wami akanankinga ngokusebenza kwami njengoba amashifu ami eshintshashintsha - nami ngiyakwazi ukuba ngiwenze ahambelane nendlela yami yokuphila.”
Into ebalulekile nayithokozelayo ngomsebenzi wakhe nokuqhubeka nempumelelo kuwona, ngokusho kwakhe, wukutuswa ngabaqashi bakhe kanjalo nabanye abawuthakaselayo. “Ukutuswa abaphathi nabanye abantu basemhlabeni jikelele, yiyonanto enhle kakhulu nejabulisayo njengamanje,” kusho uMpume. “Kusenza nathi njengabasebenzi sibone ukuthi kuhle esikwenzayo nokuthi sibalulekile enkampanini.
“Ngithanda ukweluleka nabanye besimame ukuba babe ngama-RTG operator. Uma kukhona into oyifunayo empilweni, kufanele wenze imizamo yokuyithola - ngisho ngabe lokho kusho ukuthatha amashansi.”[z]
BONA ZULU – December 2007
UMpume Duma uqopha umlando ephezu kwechweba laseThekwini ngamamitha angu-22
indaba nezithombe nguZAMANDELU MNCWANGO
Ushayela
UMpume Duma egibela “ehhovisi” lakhe elingu-22m ukuphakama.
Amaqiniso ngama-RTG
l Ingu-22m ukuphakama.
l Iyakwazi ukuthwala i-container yesisindo esingu-40,6 ton.
l I-crane ingalayisha ama-container amahlanu kuya kwayisithupha agibelene.
l Umshayeli uxhumana nehhovisi lezokuhlela umsebenzi ngokuhanjiswa kwama-container.
l I-crane ayinaso isitelingi kodwa isebenzisa amagiya anyakaziswa wumshayeli ewasa ngalapho kufanele khona.
NGENHLA: UMpume esehhovisi lakhe eshayela iRTG crane esetshenziselwa ukulayisha nokwehlisa ama-container emikhunjini.
AWUCABANGE nje usebenza esitolo sezicathulo kudingeke ukuba uhlole i-pair lezicathulo ngalinye elizodayiswa. UDumisane Danisa oyi-cargo controller lapho kunama-container khona echwebeni laseThekwini, wenza lesi sibonelo esilula ukusichazela ngokubaluleka komsebenzi wakhe eTransnet Port Terminals.
Umsebenzi wakhe wukuhlola wonke ama-container afikayo ukuze abheke ukuthi ayahambisana yini nemibandela yabeTransnet Port Terminals yokuphepha nokuthunyelwa kwezimpahla. Abangabahloli bemithwalo kudingeka ukuba babhale yonke impahla efikayo noma ephumayo.
Kubalulekile ukuba ama-container abe sesimweni esihle ngoba i-container engekho esimweni esihle ingadala umonakalo ezimpahleni eziphakathi kuyona nakwamanye bese kuba nomphumela wokulahlekelwa kwenkampani yemikhumbi ethintekayo noma abanini bezimpahla.
UDumisane kudingeka futhi ukuba aqiniseke ukuthi kuma-container anamafriji (reefers) okufakwa kuwo ukudla okonakalayo okufana nama-fruit nenyama, ahlale esezingeni elithile lokubanda ukuze okuphakathi kungonakali.
Abangama-Cargo controller badinga ukuba babe ngabantu abacabangayo bakwazi ukuxazulula izinkinga ngokushesha. Badinga futhi nokusebenzisana kahle nabantu nokuxhumana kahle nabanye ozakwabo abanjengabashayeli bama-crane ngoba bobabili babalulekile ukuze umsebenzi uhambe kahle.
Okudingekayo kulo msebenzi wuGrade 12 one-mathematics, science nolwazi lwekhomphyutha.
Imali ongayihola ingaba ngu-R7 000 kuya kuR8 000 ngenyanga kanti ayanda amathuba omsebenzi eSouth Africa njengoba izindawo zamachweba zinwetshwa ukuze zimumathe isibalo esikhulu sama-container.
Oyi-cargo controller
NGENHLA: UDumisane Danisa oyi-cargo controller ehlola enye yama-container.
BONA ZULU – December 2007
