zulu.2804.NEWFROGGIE
izithombe nguSALLY CHANCE
ABENZI bezicathulo zakwaFroggie bayawuthanda umsebenzi wabo: benza izicathulo ezisesitayeleni, ezikuphatha kahle zikulingane kahle. Izicathulo zakwaFroggie zenzelwe ukuhlala kahle onyaweni kanti yizona kuphela eSA ezenziwe kulandelwa izeluleko zikadokotela wezinyawo ukuqinisekisa ukuthi izinyawo zakho zihlala ziphatheke kahle.
KwaFroggie bayaqikelela ukuthi benza izicathulo ezikuphatha kahle kanti uchunge lwezicathulo zabo zabesimame lwenziwe lwafana nolwakwamanye amazwe.
Lezi zicathulo zenziwa eSouth Africa ngesikhumba esiyikhwalithi ukuze zikuphathe kahle nawe uzithande!
Ungakwazi ukuzigqoka kunoma yimuphi umcimbi. Uchunge lwakamumva lwezicathulo zakwaFroggie luzokuqhakazisa kule sizini.
Ukungenela
Sinamapheya amathathu ezicathulo zakwaFroggie esizowapha abafundi abangu-18. Ukuze unyathele ngokusesitayeleni kulobu busika, thumela i-postcard enegama lakho, ikheli, inombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kanye nosayizi wezicathulo zakho kuleli kheli: BONA/Froggie Shoe Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSe FROGGIE ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)[z]
Gqoka okusefeshinini nokukuphatha kahle kulobu busika ukhethe amapheya amathathu ezicathulo zakwaFroggie
IZITHOMBE ZATHATHELWA E-LA PIAZZA, EMANZIMTOTI 031-903-6113
WINA! Izicathulo zasebusika zika-R30 000!
BONA ZULU – July 2007
IMITHETHO. 1. Lo mncintiswano uvuleleke kuwo wonke umuntu ngaphandle kwabasebenzi bakwaCaxton nabemindeni yabo, abaxhasi babo nalabo abathuthukisa ukuthengiswa kwemikhiqizo yabo. 2. Isinqumo samajaji singujuqu akuyukuxhunywana kubuzwane ngaso.
3. Imiklomelo ngeke ishintshaniswe ngemali.
4. Kuyokwamukelwa kuphela imingenelo yamafomu angungqo athunyelwe ngeposi. 5. Imiklomelo engalandwanga abanini bayo kuze kuphele izinyanga eziyisithupha iyodliwa. 6. Izicathulo ngeke zishintshwe.
7. Kungenzeka uthole imibala engafani naleyo ekuleli khasi.
BONA – August 2005
