zulu.2793.BEC success-tips
Udaba lwempumelelo kaCharlotte
NGESIKHATHI uCharlotte evula ibhizinisi lakhe wayengenamali kodwa efuna ukuvula i-restaurant yakhe ingakapheli inyanga.
“Umhlaka 20 kuleyo nyanga washaya nginempuphu nenkukhu eyodwa ngingazi ukuthi ngizozithathaphi ezinye izithako engangizidinga.
“Ongisizayo wayelangazelele ukuba siqale.
“Kwathi uma ngifika endaweni esasizosebenzela kuyona, ngathola okukhulu ukumangala uma ngifica ongisizayo epheke ipapa!
“Ikhasimende lokuqala la-oda itiye elinobisi. Sasingenalo ubisi ngabe senginika umyeni wami u- R4,50 wokuluthenga ngamcela ukuba alufake esikhwameni ukuze ikhasimende lingaluboni. Ubisi lwalungu-R3 ngaleso sikhathi.
“Ikhasimende elalandela lelo la-oda ipapa nenyama. Nganika ongisizayo u-R1,50 owawusele emalini yobisi ukuba athenge iklabishi.
“Walipheka ngamafutha ayephume enkukhwini.
“Lokho kudla kwabiza u-R12. Saqhubeka njalo nebhizinisi lethu.
“Usuku lwaphela sesenze u-R1 119! Inyanga yaphela senze inzuzo ka-R6 000!”
Ungameseka uCharlotte ngokuyodla eMykonos Restaurant, ekuShop 19a, President Street, eWitbank.
UKWANELISA AMAKHASIMENDE Amakhasimende afuna okuyikhwalithi ngemali yawo. Ebhizinisini lokuseva abantu kumele uqinisekise ukuthi udayisa okufunwa noma okudingwa amakhasimende. Ibhizinisi lakho lizodlondlobala uma udayisa okudingwa amakhasimende.
Okuyishumi okufunwa amakhasimende:
lIkhwalithi
lOkulungele imali
lOkuhlale kukhona
lUkuphathwa kahle
lUkunikwa usizo olusheshayo
lImpatho egculisayo nangasemva kokudayiselwa
lUhlelo lokufaka izikhalo olusheshayo
lUlwazi
lUkuxhumana nabafanele ngocingo
lIziqinisekiso.
Okunye okubalulekile uma unebhizinisi yimpatho oyinika abasebenzi bakho. Lokho kungasho ukubukeka kwabo, indlela abakhuluma ngayo namakhasimende, ukupakishwa kwezimpahla, impatho abayinika amakhasimende nokunye.
Khumbula lezi zinto ezintathu ezibalulekile:
lUsizo olusheshayo – ngabe amakhasimende azothola umkhiqizo noma usizo ngokushesha noma kuzodingeka ukuba alinde isonto noma inyanga?
lUkuxazulula izikhalo – uma uzicubungula kahle izikhalo zabathengi, ngeke bagcine ngokuphinda babuye kodwa bazotshela nabanye ngebhizinisi lakho.
lIndlela yokukhokha – ngabe kukhokhwa nge-credit card, ngesheke noma ngokheshi?
BONA ZULU – June 2006
Taste the Soul of Africa… Taste Success with Mageu Number 1
Imiklomelo iMageu Number 1 Small Business Awards yenzelwe ukukhuthaza ithuthukise abafundi bakwaBONA kwezamabhizinisi. Lo mncintiswano waqala ngo-October 2005 kanti uzophela ngo-October kulo nyaka. Abaphumelele zinyanga zonke bazovela kuBONA. Abawinile bayomenyezelwa emcimbini ophambili oyoba seGoli ngoNovember kulo nyaka. Ungakhohlwa wukufaka i-barcode emngenelweni wakho ngamunye ubhale nayo yonke imininingwane yakho. Sazise futhi ngebhizinisi lakho usho usayizi walo, indawo oliqhubela kuyona, nokuthi lenzani. Ngabe udayisa ukudla, une-spaza noma okunye? Amafomu okungenela neminye imininingwane kungatholakala kule-website yethu: www.empowermentclub.co.za
Ukuze uthole ikhophi ethunyelwe nge-fax shayela uWellington kule nombolo: 011-883-8829.
U-Charlotte Stafa noJoyce Skefu uMC weBONA Empowerment.
I-Mageu Number 1 Small Business Awards –
owafinyelela kowamanqamu ngoFebruary
I-Classic Wares cc yinkampani ethengisela amakhasimende izimpahla zezipho, imifaniswano nokokugqoka. Yavulwa nguMokete Mofokeng eTembisa ngoFebruary 2004. Namuhla isibhaliswe eMnyangweni wezoHwebo nezeziMboni kanti ngenyanga ithola amakhasimende angu-160.
Bathathu abantu abaqashwe yile nkampani abadayisayo kanti noMokete uyazibambela mathupha kuleli bhizinisi.
Siyamhalalisela ngokufinyelela kwakhe kowamanqamu kwiMageu Number 1 Small Business Awards. I-Mageu Number 1 iyakubongela! [z]
UMokete Mofokeng, owafinyelela kowamanqamu ngoFebruary emukela isheke lika-R2 000 kuDorah Ditshwene.
BONA ZULU – June 2006
