ZULU.2790.Swazi
Inkosi uMswati kungenzeka abe ngunombolo 15 emakhosini acebile emhlabeni, kodwa u70% wabantu besizwe sakhe uyahlupheka kangangoba leli lizwe lisengozini yezitha eziningi ezingabonakali. Ngenhlanhla kunabesilisa nabesimame abazimisele ngokulwisana nalokhu. Linjani pho ikusasa laleli lizwe?
Izwe laseSwazini linesibalo esikhulu emhlabeni sabaphila nesifo se-HIV/AIDS
UKUGUBHA iminyaka engu-40 inkosi yamaSwazi yazalwa nezwe laseSwazini lathola inkululeko, inkosi uMswati yasungula imicimbi eyaziwa ngokuthi yi-40/40.
Nakuba le micimbi yayiseqophelweni eliphezulu, kodwa iningi labantu laqhubeka ngokugxeka inkosi ngokuthi ngabe kungcono ukube igubhe ngendlela yokuba ivikele leli lizwe ezifweni ezingumbulalazwe ezikhungethe leli lizwe.
Lezi zitha ziyingozi kakhulu ngaphezu kwalezo zombusazwe. Phakathi kwalezi zifo singabala iTB ne-HIV/AIDS.
Izwe laseSwazini linesibalo esikhulu kunazo zonke emhlabeni sabantu abaphila nesifo se-HIV/AIDS.
Kunalabo abathi isithembu yiso esikhuphula izinga lokungenwa kwabantu yilesi sifo. Oyedwa wabantu abaphezulu onesithembu, iyona inkosi uqobo enamakhosikazi angu-13.
Leli lizwe labantu cishe abangu-1 million linesibalo futhi esikhulu kunazo zonke zabantu abaphethwe yi-TB – cishe bangu-1 200 kwabangu-100 000.
Cishe u-80% wabantu abakhwehlelayo nabajulukayo beneTB, baphethwe futhi yi-HIV, kusho uThemba Dlamini oyisikhulu sohlelo lukazwelonke leTB.
“Labo ababambeke kakhulu ngabeminyaka engu-14 kuya kwengu-39 – okungabantu abondlayo emakhaya,” kusho yena.
Izibalo ezigciniwe kusukela ngo-2007 zikhomba ukuthi cishe u-40% wesibalo saleli lizwe, ngabantu beminyaka engu-15 ekubeni isibalo sabantu abadala ezweni sincane. I-TB yisona sifo esibulala kakhulu kulaba bale minyaka. Ngaphezu kwalokho, umbiko wabamazwe omhlaba ukhombisa ukuthi baningi abantu abafayo eSwazini kunalabo abazalwayo.
Lokho kukhomba ngokusobala ukuthi isimo sesisibi kangakanani, kusho labo abamangazwa yimali eyasetshenziselwa imicimbi ye-40/40.
“Uma sekuziwa ngakuTB, inselelo yethu enkulu wukuba sisheshe sikwazi ukuthola abantu abaneTB lesi sifo sisanda kubaqala,” kusho uRejoice Nkambule wezempilo eSwazini.
Ukuhlupheka okuleli lizwe kwenza isimo sedlulele. Inkosi uMswati III wumbusi okeliswe unombolo 15 kubabusi abacebile emhlabeni - kodwa u-70% wabantu bakhe bayahlupheka kangangoba iningi labo alazi ngisho nokuthi lizodlani.
UThemba Lushaba (37), ngisho umbuka uyambona ukuthi uphila impilo yosizi engafani neye ‘nkosi’ yakhe. Impilo yabantu baseSwazini ayidluli eminyakeni engaphezu kuka-42.
Le nsizwa ihlale izilalele kumata endlini eduze kwaseHluti esifundeni esiseningizimu yaseShiselweni nokuyilapho cishe ikota yabantu baseSwazini behlala khona. Umndeni wakhe, awunahhashi, awunamoto noma imali yokumuyisa esibhedlela.
Akukho ngisho oyedwa ekhaya lakwaLushaba osebenzayo. Abanayo ngisho nempuphu eyanele ukondla izingane zakhona eziningi.
Kusukela ngo-2000 lo mndeni wabantu abangu-33 walahlekelwa amalungu angu-15 - izingane nabadala.
Lesi simo yiso esesenze izinhlangano nabantu bazinikele ekutheni babambe iqhaza ekulweni neTB neHIV/AIDS.
ABOMNYANGO wezeMpilo eSwazini, abohlelo lweTB kuzwelonke nezinhlangano zamazwe omhlaba iMédecins Sans Frontières (Doctors Without Borders) nabe-University Research Corporation bangabanye balabo abahlanganile ngenhloso yokwehlisa isibalo sabantu ababulawa yiTB.
Ukwelashwa kukuvikela ekufeni. Ngisho nasemndenini wakwaLushaba, abashadikazi u-Ellen noJohn nodadewabo sebelashwa iTB kanti kumanje basebenzisa imishanguzo yeHIV (ARV’s).
“Kufanele sihambise usizo kubantu,” kusho u-Aymeric Peguillan wabeMédecins Sans Frontières (MSF).
Abe-MSF sebehambise odokotela nabahlengikazi emitholampilo eseShiselweni lapho kukhona iziguli zeTB HIV/AIDS. Uhlelo lomsebenzi olukhulu emtholampilo waseNhlangano, okuyisikhungo esibhekene nabeTB neHIV/AIDS usiza cishe iziguli ezingu-70 ngosuku kubandakanya nezingane.
Iziguli kule mitholampilo zihlaliswa endaweni evulekile enokushisa kwelanga nokuyilapho zilinda khona ukuhlolelwa iHIV noma ukuhlolelwa iTB nokuyilapho zithola khona ama-refills ezidakamizwa zokwelapha ngalo lolo suku kunokuba ziphinde zibuye.
UDoctor Aowa Hima Oumarou wabeMSF unakekela iziguli ezineTB emitholampilo eminingi phezu kwezingqinamba eziningi.
Omunye weziguli zakhe uThembi D, wayengumsebenzi efemini kakotini oneHIV. Ngesikhathi u-Oumarou embuza ukuthi usenjani, lona wesimame oshaya 46kg wathi uyaphila.
“Ngezinye izinsuku asibi nakho ukudla, kodwa ngeke nakancane ngingawaphuzi amaphilisi ami,” kusho yena ehleka.
“Sidinga umhlahlandlela ngaphansi kweSouthern African Development Community ukuze sehlise ukudlondlobala kokungenwa izidakamizwa zokwelapha egazini,” kusho uRejoice Nkambule.
I-Multidrug-resistant TB (MDR-TB) iyona nkinga enkulu.
Isibalo sabeTB sesenyuke cishe safinyelela kwesiphindwe kahlanu kusukela ngo-1997 lapho babengaphansi kuka-2 000 ababephethwe yiTB.
“Njengamanje sesinabantu cishe abangu-10 000 – isibalo esikhulu ezweni elinabantu abancane kangaka,” kusho uDlamini.
I-MDR-TB iyelapheka njengoba lokho kubonisiwe ngomunye wabasebenzi basebhange uThobile Mthethwa. Le ntokazi eneminyaka engu-30 isisinde ngokuphelele kwiTB ngisho nasemzimbeni isibukeka iphilile.
Ababusi baseLesotho bayisibonelo esihle. Ukwenza isibonelo, ngo-2004 ungqongqoshe uPakalitha Mosisili wahlolelwa iHIV esidlangalaleni ekhuthaza ukuba lokhu kwenziwe emhlabeni wonkana.
Abafani nenkosi yamaSwazi - bona abakhuthazi ukuziphatha kahle ngemikhosi yemihlanga yamatshitshi ako-50 000 azishayela ngamabele. [z]
Indaba: Claire Keeton
FEATURENET.CO.ZA
KUYAHLUSHEKWA ESWAZINI
►UThemba Lushaba (37) elele kumata. Amalungu angu-15 omndeni wakhe asashona.
EZASEBUKHOSINI
