ZULU.2788.muthi
nguFORCE KHASHANE
WAKE wambona umuntu ongakudli ukudla kwasendaweni enabantu abaningi okuphekwe abanye abantu angabazi" Omunye wesimame, ukwenza isibonelo, uthi uyesaba ukudla noma yini elungiswe emshadweni.
"Uma kwenzeka kukhona engikudlayo ngihanjiswa yisisu," kuchaza yena.
"Ngake ngalaliswa esibhedlela izinsuku ezintathu emva kokudla ukudla kwasemshadweni.
"Anginasiqiniseko ngokudala lokhu ngempela ngaphandle kokuthi isisu sami siyaxoveka ngokudla ukudla kwalapho kunabantu abaningi.
"Angilazi elinye ikhambi ngaphandle kokuthi ngivele ngingadli emicimbini enjalo."
Ngesikhathi ekhula akazange abe nayo le nkinga - kodwa manje lokhu kugula sekushintshe impilo yakhe ngendlela embi.
"Ngesaba ngisho ukuthinta ukudla emaphathini ezihlobo ezisondelene nomndeni wami," kusho yena.
Akayedwa kulokhu. Baningi abafundi ababhalile bekhalaza ngento efanayo. Ngempela kufanele bakhathazeke.
Ukuseva ukudla
Lolu wudaba olubucayi kakhulu. Ngokosiko lwethu, umngcwabo noma umshado ongenakho ukudla okulungiselelwe abantu abakhona yinto eyethusa kakhulu.
Ngokuvamile imindeni ichitha izimali ezishisiwe ukuqinisekisa ukuthi abantu abazobe bekhona bahlinzekiwe ngokudla.
Kungakhoke nomuntu ongadli ethathwa njengowenza indelelo.
Uma umuntu othile engadli emngcwabeni, lokhu kubonwe ngabanye abantu, kungenzeka nabo bangavumi ukudla lapho naye emndenini wakhe sekuvele isifo.
Abantu abasuke beze emngcwabeni bangakwazi ukuba bageze izandla zabo emva kokubuya emathuneni bese beyahamba ngaphandle kokudla.
Ngakhoke lezi zintokazi zifanele ukukhathazeka.
Kodwa ngabe yini eyenza abantu bagule emva kokudla emngcwabeni noma emcimbini lapho kukhona abantu abaningi"
Uma uzicwaningisisa kahle lezi zigigaba, uzothola ukuthi inyama ebomvu iyathinteka. Kungani kunjalo"
Umuntu ofanele ukuhlinza
Emiphakathini yethu sinochwepheshe kwezokuhlinza nokuyibo ababhekana nalo msebenzi lapho kuhlinzwa - imvu, inkomo noma imbuzi. Inyama ephuma kulezi zilwane ithathwa njenge "msulwa".
Kodwa ukuhlinza uma kwenziwa ngumuntu ongenalwazi, inyama iba yimbi yenze abantu baphathwe yizisu.
Kuvamile-ke ukuba abantu bangayicabangi eyokwenza amalungiselelo okuqasha umuntu onguchwepheshe ekuhlinzeni uma benemicimbi noma umngcwabo.
Baye bacabange ukuthi ukhona onguchwepheshe emndenini noma komakhelwane.
Uma kwenzeka engeke aphumelele ngenxa yokubambeka kweminye imisebenzi - sisuka lapho-ke isixakaxaka sokuthola umuntu ozothatha indawo yakhe.
Nawe usungacabanga ukuthi yini eyenzekayo okulandelayo. Wenziwa wumuntu ongenalwazi ozithathela ushansi.
Imiphumela yalokhu kuba wukugula kubantu abamenyiwe.
Ngeshwa ochwepheshe kulo mkhakha baya ngokuncipha.
Lona ngumsebenzi wabesilisa ngokwesiko, kodwa ukuze sigcine lolu siko, mhlawumbe sekuyisikhathi sokuba sifundise nabesimame lo msebenzi wokuhlaba.
Kodwa-ke ikhona indlela yokwelapha lokhu kugula okungumphumela wokudla inyama "embi".
Umuthi obizwa ngokuthi isiphephetho ngesiZulu, iserokolo ngesiSuthu ungaziqeda izinkinga "zokungezwani" nokudla okuphekwe emngcwabeni nakunoma yimuphi umcimbi onabantu abaningi.
Kufanele baqale baphathe isiphephetho kusasele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kwalowo mcimbi. Emva kwalokho, ngaphambi kokudla ngosuku lomcimbi, kufanele baqale bahlafune ingxenye encane yesiphephetho, bagwinye amathe bese befela phansi izinsalela ngesikhathi lo muthi uphelelwa ukunambitheka.
Isiphephetho siqeda izinkinga zakho emgudwini wokudla.[z]
36 BONA ZULU - October 2006
Ezemithi yesintu
Angikwazi ukudla emingcwabeni nasemishadweni ngaphandle kokugula"
Zama isiphephetho!
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
