zulu.2785.fashionOct
BONA ZULU – October 2006
Okuhle –
konke
kungaphansi
kuka
Ngabe ufuna okungabizi kakhulu, noma okuhle? Nakhu esikuphathele kona!
KWESOBUNXELE: Umbala omhlophe yiwo ohamba phambili ehlobo. Khetha okwe-cotton ngoba ‘kuyaphefumula’. Okucwebezelayo embaleni osagolide nosasiliva kuyezwana...
I-top emhlophe (R49,99), Mr Price. Umgexo (R299), Miglio. Ama-bracelets acwebezelayo (R25,99 iyinye), Mr Price.
NGENHLA: Okumhlophe, oku-navy
nokubomvu yiyona mibala ehlangana kahle kakhulu kanti nakuleli hlobo ibuye ngezinkani. Qedela lobo buhle ngama-polka dots nesikhafu sasekhanda. Ingubo (R290), Max. Isikhafu (R19,95), The Hub.
KWESOKUDLA: Khetha amabala agqamile ukuze ube nokuzethemba. Umbala osawolintshi uzokwenza ugqame. Umbala osagolide uhamba phambili ngale sizini. Hloba ngemigexo, amabhande namacici.
I-top engenazingalo (R119,95), Victoria And Grace. Umgexo wegolide (R59,99), Mr Price. Ibhande eliphothiwe (R59,95) Victoria And Grace. Ihembe elimibalabala (R299), Truworths. Ibhengela (R29,99), Mr Price.
BONA ZULU – October 2006 47
48 BONA ZULU – October 2006
KWESOBUNXELE: Izitayela ezinhle ezigqamile njengama-top anezigqoko mahle ukukuvikela emakhazeni.
I-top e-lemon (R69,99), Mr Price.
I-mini ka-denim (R250), Ondine at YDE.
KWESOKUDLA: Ufuna lobo buhle bezihlabani zamafilimu? Khetha okunezimbali bese ufaka ibhande elikhulu. Okuvulekile eduze komqala kuwaveza kahle amahlombe.
Ingubo enezimbali (R200), Max. Ibhande elibomvu elicwebezelayo (R199), Zip Code. Umgexo osasiliva R79,99), Mr Price.
KWESOKUDLA: OkukaKhakhi nokufana nenyumfomu yamasosha ngezinye zezitayela eziphuma phambili. Akubizi kanti ungakuthola kuphelele, ibhande noma isikhwama se-camo style. Ukuze ugqame, faka uKhakhi nokunombala omuhle.
Ingubo kaKhakhi (R89,99), Mr Price. (Umgexo ngowomkhangisi)
okuhle – konke kungaphansi kuka
Ama-chiffons afanele ikakhulu izinsuku ezinde zasehlobo nobusuku obufudumele. Gqoka okubhaliwe okunemibala e-plain kunokuxuba okubhaliwe. I-mini yinhle ekugqamiseni imilenze yakho emihle.
I-Peasant top (R275), C/X at YDE. I-mini ka-denim (R169), Miglio.
BONA ZULU – October 2006 49
Okumithende kubukeka kahle kakhulu uma ukufake nokungenalutho. Ungalokothi ufake okumithende kodwa.
I-top enokumithende (R239), Romeo And Juliette at YDE. Ibhulukwe elimhlophe
(R250), Dare at YDE. Isigqoko (R39,99), Mr Price.
ukudidiyela nezitayela nguCHRISTINE HAMMANN
izithombe nguCHRISTOPHER LAURENZ
umkhangisi nguSIPHOKAZI ophuma kwaModels International
IZITOLO
THE HUB: Ezweni lonkana
MAX: 031-312-8834
MIGLIO: 021-851-6802
MR PRICE: Ezweni lonkana
TRUWORTHS: Ezweni lonkana.
VICTORIA AND GRACE: 031-202-2323
YDE: Ezweni lonkana. Buza lapha: 021-797-8002
BONA ZULU – October 2006
okuhle –
konke kungaphansi kuka
