zulu.277.health oct
Ezempilo
Phuza itiye
Phuza inkomishi yetiye ukuze ungasheshi ukuguga ngokukaDokotela uZeno Apostolides we-University Of Pretoria. Lokho kudalwa wukuthi itiye linama-antioxidants asiza ngokugwema ukonakala kwama-cells noma ama-tissue.
Ukuphuza izinkomishi zetiye ezine noma ezinhlanu ngosuku kwenza ukuba imithambo ethumela igazi enhliziyweni ingabi ne-plaque eyimbangela yokuphathwa yisifo senhliziyo ne-stroke.
I-teabag kumele icwiliswe imizuzu emithathu ukuze ikhiphe ama-chemicals anempilo.
Lala kahle, uphile Ukuphuza ukulala nokusebenza kakhulu kusihlwa kungakubeka engozini yokuba uphathwe umdlavuza ngokocwaningo olwenziwe e-UK olwenze kwatholakala isizathu sokuba u-60 percent wabahlengikazi nalabo abasiza emabhanoyini okuyibona abavame ukusebenza ebusuku baphathwe umdlavuza webele.
Ngokwabacwaningi, ukuhlala ungalali kwenza ukuba umzimba wakho uhluleke wukukhiqiza i-hormone ebizwa nge-melatonin. Le hormone ikhiqizeka ekuseni ngovivi kanti isiza ngokunqanda ukuphathwa umdlavuza.
Ngabe abulungile-
Zibuze lokhu... ubuthandelani utshwala- Ngesikhathi kwenziwa ucwaningo kwabaseBritain, u-40 percent wabantu bakhona wathi utshwala benza bangabi novalo; u-26 percent wathi bubasiza ukuze babhekane nokugqilazeka kwengqondo; u-30 percent wathi wenza bakhohlwe yizinkinga. NgokweMental Health Foundation, kusho ukuthi bangu-96 abantu abavuma ukuthi utshwala bubasiza ezinkingeni zabo zokomoya.
Kodwa ngokwale nhlangano utshwala buyingozi ngoba bukhubaza ama-chemical obuchopho ehlisa uvalo nokukhandleka kwengqondo.
BONA ZULU - October 2006
IQINISO:
Hlala uphilile noPatricia McCracken
Isisindo senhliziyo singu-300g
Usawoti okahle
AbaseSouth Africa bazwana nokudla okunongwe kahle - kodwa ngokukaPriya Lalla onguchwepheshe kwezokudla kwaSugar Association, qiniseka ukuthi ukhetha usawoti othasiselwe nge-iodine ngoba inhlabathi yaseSouth Africa ayinayo i-iodine. Ucwaningo lwakamumva lwakhomba ukuthi kwezinye izindawo eSA zibalelwa ku-42 percent izingane ezishoda nge-iodine.
Lokhu kungayibulala ingane noma izalwe inesisindo esiphansi, kuthikamezeke umzimba nomqondo wayo kuvuvukale umphimbo kwabadala.
GREAT STOCK!
Ngabe ama-cellphones angakhubaza ama-cells obuchopho enze ube nezigaxa- Njengoba sekungenise izimboni zama-cellphone emhlabeni, udaba lwawo selube ngundaba- mlonyeni kwabezempilo. Ocwaningweni olusanda kwenziwa yi-UK Institute Of Cancer Research kwatholakala ukuthi akunamehluko emdlavuzeni wobuchopho ophatha abantu abasebenzisa ama-cellphone nabangenawo. Kodwa lokhu kungabuye kushintshe njengoba kwenzeka nakuma-ringtones.[z]
Ama-cells asebuchosheni
IQINISO:
Ngabe niyaxabana-
Ukuhilizisana nothandana naye kuqinisa imithambo ethumela igazi enhliziyweni ngokocwaningo olwenziwe eMelika. Ingxabano eyingozi kakhulu kwabesimame yileyo ehambisana nolaka ikakhulu uma kungukuthi nabathandana nabo banolaka.
Uma ungowesimame osothandweni oluhambisana nolaka kufanele uthole ukwelulekwa ukuze impilo nothando lwenu kungathikamezeki.
Amanzi asemzimbeni wakho angu-60 percent
BONA - August 2005
