zulu.2779.spar
BONA – August 2005
ABANTU balamba kakhulu uma kubanda, ngakhoke thatha imizuzu embalwa ubenzele lo-pudding. Umndeni wonke uzowuthanda kanti kungenzeka ukuthi izithako ezidingekayo unazo ekhabetheni lakho.
Apple Syrup Pudding
Izithako
2 iSPAR Eggs
3/4 inkomishi (180ml) iSPAR White Sugar
1/4 inkomishi (60ml) iSPAR Milk
1 inkomishi (250ml) iSPAR Cake Flour esefiwe
1 i-teaspoon (5ml) i-baking powder
1 x 410g ithini iSPAR Pie Apples
1 isipuni (15ml) iSPAR Castor Sugar
1 i-teaspoon (5ml) i-cinnamon
100g iSPAR Flaked Almonds (ngokuthanda kwakho)
I-Syrup
1/2 inkomishi (125ml) i-syrup
2 izipuni (30ml) iSPAR Margarine
2 ama-teaspoon (10ml) iSPAR Lemon Juice
Indlela yokwenza
1. Shaya amaqanda noshukela ndawonye. Thela ubisi.
Faka ufulawa no-baking powder.
2. Faka ama-apula endishini egcotshiwe esetshenziswa kuhhavini (15cm x 20cm). Vuvuzela nge-castor sugar ne-cinnamon. Thela inhlama uvuvuzele ngama-almonds uma kunesidingo.
3. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-180oC imizuzu engu-35-40.
4. I-Syrup. Fudumeza i-syrup, i-margarine ne-lemon juice ndawonye kuze kuncibilike i-margarine. Thela phezu kwe-pudding ephuma kuhhavini.
5. Seva kushisa neSPAR Vanilla Custard, noma ukuseve kubanda neSPAR Vanilla Ice-cream.
Kwanela abangu-6
Kumnandi
kushisa noma kubanda, kuyashesha kulula ukukwenza – tenda umndeni wakho ngalesi sidlo esinoshukela
Okunoshukela
Uthi ubuwazi?
Kunochunge oluningi lwemikhiqizo yakwaSPAR ongakhetha kulona kwaSPAR oseduze nawe. Le mikhiqizo ithathwa kuma-supplier athenjwayo ukuze uthole okuyikhwalithi ngamanani aphansi.
Uma ungagculisekile ngomkhiqizo wakho wakwaSPAR, uSPAR ukubuyisela imali yakho isiphindwe kabili ukuze ukhululeke.
ezentengiso
BONA ZULU – April 2006
