ZULU.2752.yourfood_lesson
INDLELA YOKUCHUTHA INKUKHU
1. Indlela elula yokuchutha inkukhu eyokuyichutha emva kokuyihlaba ngoba isikhumba sisuke sisathambile.
2. Uma ingachutheki, yithele ngamanzi abilayo kodwa ungayiyeki emanzini ngoba isikhumba sizocosuka uma usuyichutha.
3. Bamba izimpaphe eziningi uzibambele phansi lapho zingene khona esikhumbeni uzidonse. Qala emaphikweni, uze esifubeni ugcine emzimbeni.
4. Izimpaphe ezicolisekile ezingasuki kalula zithele ngamanzi abilayo uzisuse.
5. Uma usuyichuthile, faka amanzi ebhodweni elikhulu, faka isipuni sika- vinegar (noma ujusi kalamula) ugeze inkukhu. Lokhu kuqeda iphunga.
Isifundo sokupheka
noNtwenhle Mpanza
Akungatshazwa, akukho okwedlula inkukhu efuywa ekhaya! Nanka amaresiphi amabili azokwenza ukuthi ibe mnandi kakhulu
CHICKEN BITES
* 200g izifuba zenkukhu ezikhishwe amathambo
* 1/2 u-anyanisi oqotshiwe
* 1 isigaxa ugaligi ogxotshiwe
* 1 ucezu lwesinkwa esiyizimvuthu
* ibinzana likasawoti
* 1 iqanda
* 3 izipuni (45ml) uwoyela
1. Qoba inkukhu ozokwenza ngayo i-mince.
2. Yifake endishini ufake u-anyanisi, ugaligi, izimvuthu zesinkwa, usawoti neqanda. Hlanganisa kahle.
3. Yenza ingxube ibe amabhola alingana nawegalofu.
4. Epanini, shisa uwoyela. Thosa ama-chicken bites imizuzu engu-3-4, waphendule aze avuthwe.
5. Kucwenge nge-kitchen paper.
Kwanela abangu-2
INKUKHU NEDOMBOLO
* 2 izipuni (30ml) uwoyela
* 1 u-anyanisi oqotshiwe
* 1 isigaxa ugaligi oqotshiwe
* 1 i-teaspoon (5ml) u-curry powder
* 4 ophisi benkukhu (izifuba noma ama-thighs)
* 1 utamatisi oqotshiwe
* 3 ukherothi oqotshiwe
* 1 iqhuzu lesobho lenkukhu
* 2 izinkomishi (500ml) amanzi abilayo
Idombolo:
* 4 izinkomishi (1 000ml) i-cake flour
* 1 inkomishi (250ml) i-sweetcorn
* 2 ama-teaspoon (10ml) usawoti
* 1 i-teaspoon (5ml) ushukela
* 1 x 10g iphakethe i-instant yeast
* 2 izinkomishi (500ml) amanzi afudumele
1. Shisa uwoyela ebhodweni. Thosa u-anyanisi nogaligi, pheka u-anyanisi ube nsundu ngokusagolide.
2. Faka u-curry powder, thosa imizuzwana engu-10.
3. Faka ophisi benkukhu. Thosa uphendule uphisi ngamunye.
4. Faka utamatisi nokherothi. Ncibilikisa isobho emanzini, thela enkukhwini. Mboza upheke imizuzu engu-45.
5. Ukwenza amadombolo, endishini, hlanganisa ufulawa, i-sweetcorn, usawoti, ushukela ne-yeast. Faka 1 inkomishi yamanzi, hlanganisa. Faka inkomishi yesibili uqhubeke uhlanganise. (Inhlama ingabi manzi kakhulu.)
6. Kudove imizuzu engu-7. Kubeke eceleni imizuzu engu-45 udove njalo emva kwemizuzu engu-15.
7. Yenza amabhola alingana nawethenisi ufake engxubeni yenkukhu.
8. Mboza upheke eminye imizuzu engu-30 wehlise umlilo. Kuseve kushisa.
Kwanela abangu-4 [z]
OKUMNANDI
