zulu.274.fashion
Okwangaphansi nokokulala kufanele kukuphathe kahle kodwa lokho akusho ukuthi akufanele kube kuhle kulungele ukugqokwa noma nini. Uma ufuna ukuthenga lezi zinto esizibalile, khumbula lezi zeluleko...
Okwangaphansi nokokulala
nguCHRISTINE HAMMANN, umsizi wakhe JESSICA MITCHELL, izithombe SALLY BLACKMAN, umkhangisi ANCHEN ophuma kwaModels International, i-make-up nezinwele KATIE ophuma kwaMuse
U-lace muhle
U-lace umele uthando nokuphatheka kahle. Ubuhle bawo benze waba yintandokazi iminyaka ngeminyaka.
Ubhodisi o-cream ohlotshiswe ngo-lace omnyama (R130), ne-panty elimeshayo (R89) Truworths.
Iseluleko
Uma kusala omaka ababomvu emagxalabeni akho ngesikhathi ukhumula ubhodisi wakho, zama ukudonsa izintambo. Uma besasala labo maka kusho ukuthi amabele akho akaxhasekile kahle lapho kuhlala khona amabele, noma ezintanjeni nangaphansi kwawo. Zama izitayela ezihlukahlukene.
BONA ZULU – March 2007
Ubhodisi ogcwele oyi-magenta (R120-R130), ne-panty elimeshayo (R49,95-R55), Woolworths.
Ubhodisi ongu-lace okubamba kahle (R139 – kukhona u-size 34-42DD), Bra Boutique. I-panty elingu-lace (R69), Bra Boutique.
Okwezinsuku ezikhethekile
Siyakudinga esingakugqoka ngalezo zinsuku ezikhethekile. Khetha okuhlotshiswe ngoboya nezimpaphe nama-top e-corset ukuze uqhakaze!
I-chiffon cami ebomvu ehlotshiswe ngophaphe (R199,95), Temptations. I-G-string ebomvu (R89), La Senza. I-gown ebomvu ehlotshiswe ngoboya emikhonweni (R199,95), Temptations.
I-corset emhlophe eneribhini
e-pink (R199,95), Temptations.
Ingubo ehlotshiswe ngokukhilimu nokucwebezelayo (R249,95), Wonderbra.
BONA ZULU – March 2007
Iseluleko
Ukuwasha okokulala nobhodisi ngesandla kuzokwenza ukuba kuhlale isikhathi eside. Ungakomisi ngomshini!
I-camisole
I-camisole yinhle kanti ungayigqoka noma nini. Ungayigqoka yodwa noma nobhodisi uma ingawaxhasi kahle amabele akho.
I-camisole emhlophe ehlotshiswe ngembali e-pink (R79,95), Temptations. I-panty elihlotshiswe ngezimbali (R34,95), Edgars.
I-camisole e-cream eno-lace o-grey (R249), Bra Boutique.
I-camisole e-pink (R79,95), Edgars.
Iseluleko
Uma uthenga okwangaphansi okumeshayo, thenga amapheya amabili ama-panty ozowagqoka nobhodisi ngamunye ngoba ama-panty awashwa njalo agcine esephuphile.
BONA ZULU – March 2007
I-camisole enombala omnyama no-pink (R159), Bra Boutique.
Ubhodisi onama-pads
Obhodisi balolu hlobo bayizitayela ezihlukahlukene, kukhona abangama
T-shirt kube khona abaphakeme.
Babukeka kahle kunoma yimaphi
amabele kanti bawaxhasa kahle
amabele ngoba bano-wire.
Ubhodisi omnyama onama-pads ohlotshiswe ngeribhini (R79,95), Woolworths.
Iseluleko
Uma ubhodisi wakho ukhuphuka ngemuva kusho ukuthi indawo engezansi yinkulu. Zama usayizi omncane.
Ubhodisi o-cerise pink onama-pads (R99,95), Temptations.
Ubhodisi onama-pads o-pink ohlotshiswe ngo-lace (R140), Woolworths. I-panty elimeshayo, (R79,95), Woolworths.
BONA ZULU – March 2007
Iseluleko
Izimpahla zakho zokulala eziyi-satin nokwangaphansi ziwashe uziphendule ungazomisi elangeni.
BONA ZULU – March 2007
I-nightdress emnyama ende ehlotshiswe ngoku-cream ephambene ngemuva (R199), Woolworths.
Okokulala okuqhakazile
I-satin ewusilika eno-lace ayigcini ngokukuqhakazisa kuphela kodwa ikwenza uzizwe uphelele! I-satin iyanwebeka ngakho-ke qiniseka ukuthi uyakulinganisa ozokuthenga.
IZITOLO
ACCESSORIZE: Uma unemibuzo shayela ku-021-447-7718 BRA BOUTIQUE: Uma unemibuzo shayela ku-031-579-2879 EDGARS: Ezitolo ezweni lonke. Uma unemibuzo shayela ku- 086-033-4277 LA SENZA: Uma unemibuzo shayela ku-021-447-7718 TEMPTATIONS: Fashion Hotline 086-033-4277 TRUWORTHS: Ezitolo ezikhethiweyo ezweni lonkana WOOLWORTHS: Ezitolo ezikhethiweyo ezweni WONDERBRA: Uma unemibuzo shayela ku-031-460-8605
I-nightdress enezimbali (R129,95), Edgars.
Isethi yamaphijama eyi-satin ekhilimu (R179,95), Edgars.
I-nightdress eyi-satin e-pink (R149), Temptations.
