zulu.2744.purity
USis Purity uthi...
USis Purity uyilungu lesigungu soChwepheshe boKudla kweziNgane kanti nguye osiphendulela imibuzo ngokudla kwezingane okunomsoco
Nginengane yentombazane enezinyanga eziyisikhombisa ogama layo nguJabulile okudingeka ukuba ngiyishiye nomngani wami uma ngiya emsebenzini. Umngani wami ubuye agade ezinye izingane ezintathu ezineminyaka engaphansi kwemine. Ngikhathazekile ngoba uJabulile usegule kwaze kwaba yikabili ezinyangeni ezimbili ezedlule njengoba egadwa ngumngani wami. Ngingamvikela kanjani emagciwaneni?
LE nkinga ijwayelekile uma idlanzana lezingane lichitha usuku ndawonye – ziyadlala, zidle zilale ndawonye. Amagciwane asabalala kalula ngisho nakulawo makhaya ahlanzekile. Kungakuhle uJabulile abe namabhodlela akhe, izitsha nokudla azokudla. Ukudla okunomsoco kungamsiza kuqinise amasosha akhe omzimba okuyiwona amvikela ezifweni. Ubisi lwebele noluyimpuphu olunothiswe nge-iron luqukethe ama-vitamin nama-mineral asiza ingane ukuze ikhule kahle onyakeni wokuqala izelwe. Qiniseka ukuthi uthenga ama-cereals ano-vitamin A, C, ne-zinc ne-selenium. Lezi zithako ezine zisemqoka ekugcineni umzimba uphila kahle ukwazi nokulwa nezifo. Uchunge lwePurity’s Baby’s Soft Porridge oluneCream of Maize neMabele alugcini ngokuba nalama-vitamin nama-minerals kodwa kubuye kube lula ukulwenza, kube lula kumama ogada uJabulile ukuthi amenzele ukudla.
Ngisanda kuyisa uMakika indodana yami enezinyanga eziyisishiyagalombili emtholampilo. Umhlengikazi wathi u-vitamin A ukahle esikhumbeni sengane kanti usiza ngokulwa nezifo. Wabuye wamjova ngo-vitamin A. Wathi angibuye ngimuphe ama-veg nokherothi ngoba kuno-vitamin A. Akawathandi ama-veg uyawafela. Ngenzenjani?
KUSEMQOKA ukuthi uMakika athole u-vitamin A ekudleni kwakhe. Umzimba wethu awukwazi ukukhiqiza u-vitamin A okusho ukuthi kufanele awuthole ekudleni akudlayo. Ama-cereals aqukethe u-vitamin A ikakhulu lawo angadingi kuphekwa isikhathi eside noma lawo angaphekwa. Kulula ukwenza iMabele yakwaPurity nePurity Cream of Maize Baby’s Soft Porridge. Lokhu kudla akugcini ngokwenzeka kalula kodwa kubuye kunothe ngo-vitamin A osiza ngokwenza ukuba ingane ibone kahle, ikhule kahle kuqine namasosha omzimba. Izithelo namaqanda kuno-vitamin A kanti kungathatha indawo kakherothi uMakika angawufuni. Ungamfakela ukherothi esitshulwini ukuze angawuboni. Amanye ama-veg angawathanda ubhatata ne-butternut. Ukherothi namanye ama-veg aphuzi ane-carotene ekahle njengo-vitamin A. Sikufisela inhlanhla!
Isiqalo Esihle
QALA USUKU ngokunika umuntuza wakho isidlo sasekuseni sakwaPurity. Khetha ochungeni lweBaby’s Soft Porridges olunomsoco nolusuthisayo, lunama-vitamin, i-selenium, i-zinc ne-iron. Ungakhetha iPurity Cream of Maize (Original, Strawberry noma iBanana) noma iPurity Mabele (Original, Mixed Fruit noma iVanilla). I-calcium eyengeziwe isiza ekwakheni amathambo namazinyo aqinile kanti u-vitamin B1, B2, B3 no-B6 usiza ekwakheni ubuchopho obuphila kahle. I-Purity Baby’s Soft Porridges egayeka kalula neyenziwe ngokolweni iyindlela enempilo yokusuthisa ingane yakho.[z]
ezentengiso
