zulu.2739.freshpak_2
B4688/05/09
Nampa abawinile...
AbakwaFreshpak, BONA nabakwaJose House Of Beauty baba nomncintiswano oyimpumelelo lapho babephisana khona ngemifundaze emibili yezifundo zokucwala kwezobuhle nezintathu zokucwala izinzipho. Sahlangana nabawi-
nile kwaJose, sezwa ukuthi baphawula bathini ngemfundo yabo.
UThandiwe Phakathi noFikile Madingwane, abawina imifundaze yeminyaka emibili bathi ukufunda eJose House Of Beauty kumnandi ngendlela emangalisayo kanti nothisha babo bafana nomndeni wabo wesibili. U-Jose wachaza ngokuziqhenya okukhulu wathi “amantombazane esiwafundisayo azikhandla ngendlela emangalisayo alungiselela ikusasa lawo futhi ayazithokozela izifundo zawo”.
UNthati Joyce, Tintswalo Baloyi noNthabiseng Sethaka bawina izifundo ababezenza part-time zobuchwepheshe bokucwala izinzipho kanti bayawuthanda nomsebenzi wabo.
AbakwaFreshpak, abakwaBONA nabakwaJose House Of Beauty bayaziqhenya ngalezi zintokazi, bathemba ukuthi zizoqhuba kahle.[z]
EZENTENGISO
