zulu.2737.BEC events
BHUKA MANJE UBHUKELE
I-WORKSHOP YETHU ELANDELAYO EZOBA SETHEKWINI NGOLWESIHLANU MHLAKA 17 NOVEMBER 2006
Ababili bokuqala ukushaya bebhuka, bayothola izinto zombhede zabakwaPres Les umuntu emunye
Indawo: Edward Hotel, Belmont Terrace, Central,
Port Elizabeth
Usuku: ULwesihlanu, 13 October 2006
Isikhathi: Fikani ngo-6 ntambama ukuze siqale ngo-6.30pm
Imali: R30 umuntu (kukhokhwa emnyango)
Imali yokudla ibaliwe. Umuntu uyozithengela
ngokwakhe e-bar.
UKUZE UBHUKE: SHAYELA KWETHI: 011-883-8829 NGEZIKHATHI ZOMSEBENZI
Qala ibhizinisi lokudayisa obhulankethi
Amalungu eBONA Empowerment Club ngabanye babantu abanenhlanhla eSA ngokuthola ithuba lokuzisungulela ibhizinisi elizobangenisela imali lokudayisa obhulankethi bakwa-Aranda.
Obhulankethi bakwa-Aranda ungabathenga babe baningi ngesaphulelo ubadayise uthole iphrofithi.
Odinga ukuba ukwenze:
1. Hambela ama-forum noma ama-workshop abeBONA Empowerment Club.
2. Thola imininingwane egcwele yebhizinisi lakho namafomu oku-oda emicimbini yethu kulo nyaka.
3. Qala uzitholele amakhasimende, uxhumane nabantu ongabathengisela. Uma ungeke ukwazi ukufika kwi-workshop yethu, shayela uWellington kwethi: 011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi umcele akuthumelele nge-fax imininingwane.
BONA ZULU – October 2006
I-forum yale nyanga izokuba ePORT ELIZABETH
INGQIKITHI: Ukuba ngusomabhizinisi onempumelelo
Mageu Number 1 Small Business Award
UMA unebhizinisi elincane, ngenela iMAGEU NUMBER 1 SMALL BUSINESS AWARDS namuhla.
Kunemiklomelo engukheshi kaR50 000 engawinwa. Le miklomelo yenzelwe ukukhuthaza ikakhulu abafundi bakaBONA nalabo abangamalungu e-Empowerment Club.
Amafomu okungenela ayatholakala kwiWebsite yethu:
www.empowermentclub.co.za, noma uhambele iforum yeBONA Empowerment Club uzizwele mathupha.
Amafomu okungenela mawathunyelwe kuleli kheli: MAGEU NUMBER 1 SMALL BUSINESS AWARDS, BOX 3858, RIVONIA 2128.
Abayofinyelela kumafayineli bayokhishwa zinyanga zonke kuBONA bakhishwe futhi nakwiWebsite yethu. Ngale ndlela, ibhizinisi lakho lizokhangiseka futhi.
Taste the Soul of Africa...Taste success with Mageu Number 1
Oyosithokozisa nguBELLE
IZIKHULUMI
UNopinky Qalo weNelson Mandela Metropolitan University, ongumxhumanisi wabakwa-ABSA
ULydia Wolmarans, oyimenenja kwaPres Les e-Eastern Cape
URebecca Masilo, Ditebogo Consulting
Izithako
Base
1 inkomishi izimvuthu ze-chocolate wafer biscuit
3 izipuni Illovo Sugar
3 izipuni imajarini encibilikisiwe
Filling
250g i-cream cheese
1 inkomishi Illovo Sugar
2 izipuni ufulawa
2 ama-teaspoon i-vanilla essence
4 amaqanda
1 isipuni i-instant coffee
3 izipuni coffee-flavoured liqueur
Indlela yokwenza
1. Base: Endishini hlanganisa ndawonye izimvuthu, ushukela nemajarini. Kucindezele esinqeni nasemaceleni epanini elikhulu.
2. Ngezinga elingu-150oC, kubhake imizuzu engu-10.
3. Filling: Sebenzisa i-blender oyibeke ku-medium, hlanganisa ndawonye i-cream cheese, ushukela, ufulawa ne-vanilla essence.
4. Beka i-blender ku-low ufake amaqanda, elilodwa ngesikhathi.
5. Enkomishini, ncibilikisa ikhofi kwi-liqueur ukufake engxubeni kashizi ukuhlanganise ukuthele kwi-crust.
6. Kubhake kuhhavini ongu-150oC imizuzu engu-55-60 kuze kusethe phakathi nendawo. Kugudluze kuhhavini. Eduze kwe-rim hambisa ummbese noma i-spatula sensimbi ukuze kuxege ikhekhe. Kupholise ngaphambi kokususa i-rim yepani.
7. Kuqandise amahora amane noma ukulalise ubusuku bonke. Kuhlobise ngama-almonds acwiliswe kushokoleti noma kuma-coffee beans acwiliswe kushokoleti.
Kwanela abangu-12
Baked Cappuccino Cheesecake
I-Bake for Profit Workshop ezayo izoba
sePORT ELIZABETH
Indawo: Edward Hotel, Belmont Terrace, Central, Port Elizabeth
Usuku: UMgqibelo, 14 October 2006
Isikhathi: 9 ekuseni kuze kube semini
KUFANELE UBHUKE
Imali: R10 umuntu (kukhokhwa emnyango)
Shayela kwethi: 011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi ukuze ubhuke.[z]
BONA ZULU – October 2006
