zulu.2736.gordon
BONA ZULU - July 2007
Okwenza uGordon aziha- mbele yedwa!
AKUNGATSHAZWA - uGordon Igesund owazalelwa eThekwini ungumqeqeshi onempumelelo emlandweni webhola eSA. Ukuwina kwakhe indebe yeligi neSundowns kuyiqinisekisa ngempela leyo mpumelelo yakhe.
Kodwa kwabanye leyo mpumelelo yakhe ibingabonakali.
Nakuba ibiyinto ebisobala, akazange atuswe ngokufanele ngayo kanti ubewa evuka ezama ukuqhakambisa isithunzi sakhe.
Lokho kuyamkhathaza lo mqeqeshi ohlale egxekwa ngesitayela asisebenzisa uma kudlalwa.
Abamgxekayo bathi usebenzisa isitayela esisodwa sokudlala kanti ube nenhlanhla yokuqeqesha iqembu elinabadlali abahle kwiPSL.
Kodwa yirekhodi lakhe elimkhulumelayo.
Ngesikhathi u-Igesund esaqeqesha iManning Rangers yaseThekwini neSantos yaseCape Town wayengenabo abadlali abasezingeni eliphezulu.
Impumelelo yeRangers eminyakeni engu-10 edlule ifana neyeSundowns kule sizini njengoba nayo ikwazile ukuwina isicoco sayo ingakapheli imidlalo yeligi.
Wawina lesi sicoco esaqeqesha iManning Rangers ngo-1997, wasiwina ne-Orlando Pirates ngo-2001, kanye neSantos emva kwezinyanga ezingu-12.
Abadlali abahle
Kulo nyaka uqeqeshe iqembu leSundowns ebelinabadlali abahle uma ubaqhathanisa nabamaqembu ake wawaqeqesha wakhombisa ukuthi angenza lidlale kahle leli qembu.
Ama-Brazilians adlala ibhola elihle kanti ayahlasela. Abalandeli batheleka ngobuningi babo bezowabukela kanti ukuwina kwawo kwenza amathe abuyele kwasifuba kwabagxeka u-Igesund.
Wafika kuleli qembu izinto zingalihambeli neze kahle kanti lamthatha emva kokuxoshwa kukaMiguel Gamondi wase-Argentina noNeil Tovey ababesize leli qembu ekuwineni kwalo isicoco phambilini.
"Uma unabadlali abahle baba nomqondo wokuthi badlala kahle," kusho u-Igesund ekhuluma ngesizini abonakale ewina kuyona imidlalo yePSL engu-11 kusukela ngoJanuary kuya ku-April.
"Ngathola abadlali ababezimisele kodwa bengakwazi ukufaka amagoli. Okokuqala okwakufanele ngikwenze kwakungukuqeda umqondo wokuthi abadlali bazitshele ukuthi badlala kahle, okwesibili ngishintshe isitayela ababedlala ngaso.
"I-Sundowns yayidlala ibhola elihle ukusuka emuva kwesobunxele, esiswini, emuva kwesokudla kuye kunozinti.
"Ibhola labo laliphelela ezinhlangothini lingayi phambili. Babengahlaseli ngokushesha. Mina isitayela sami esokudlala ibhola elisheshayo kuhlaselwe. Akufanele abadlali balahle amabhola,."
Ukuzikhandla
U-Igesund uthi uyakwazi ukubona izinkinga azilungise, kodwa impumelelo incike kakhulu ekusebenzeni ngokuzikhandla. Okunye okubalulekile yisimo sengqondo kubadlali.
"Ngibasiza ngokubalungiselela ngokomqondo abadlali bami. Ngiyakhuluma nabo. Ngenza bazethembe bakulangazelele ukudlala nokulwa," kusho u- Igesund.
"Kufanele bakuhloniphe njengomqeqeshi ungabaphoqi ukuba bakuhloniphe ngenkani. Angifiki kubona ngithi, 'Mina nginguGordon Igesund, umqeqeshi osewine izicoco, nizokwenza engikufunayo.'
U-Igesund uthi ubuye akwazise ukuthi abadlali badlale ngendlela abayale ngayo.
"Uma umdlali etshelwe ukuthi yini okumele ayenze ngesikhathi kudlalwa kufanele enze lokho atshelwe kona. Angizwani nabadlali abangezwa."
Ukuqeqeshwa kwabadlali
U-Igesund uthi kuningi okumele kwenziwe uma kuqeqeshwa abadlali enkundleni.
"Ngiyathanda ukwenzisa abadlali into engisuke ngifuna bayenze enkundleni." Kokunye ubenzisa izindlela zokuzilolonga ezinhlanu kuye kweziyisithupha.
Uyabathethisa abadlali kuma-change rooms kanti usakuthola akufunayo kubona.
Ngokusho kwakhe iSundowns yiqembu elimthwalise kanzima.
Linabadlali abahle kanti lokho kwenza kube nzima ukuthi abakhiphise lonke ikhono labo.
Abanye abadlali banethalente lokudlala elibenza bazenze kalula izinto enkundleni - kodwa kokunye lezo zinto azilisizi ngalutho iqembu.
U-Igesund uthi umqeqeshi owaziyo umsebenzi wakhe udinga inyanga kuphela ukuze abafunde kahle abadlali.Ubukeka engumqeqeshi oyaziyo into ayenzayo uma ubheka isibalo sezindebe aseziwinile. [z]
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabakwaGALLO IMAGES
U-Gordon Igesund usewine indebe yePremier Soccer League kane eminyakeni elishumi edlule wazakhela igama njengomqeqeshi onempumelelo emlandweni webhola laseSouth Africa.
Akekho ofana naye
BONA ZULU - July 2007
U-Gordon noPatrice Motsepe bephethe indebe eyawinwa yiSundowns. "Ngiyabalungiselela ngokomqondo abadlali. Ngenza babe nokuzethemba, balangazelele ukudlala nokulwa," kusho u-Igesund.
.
