ZULU.2722.yourstyle_teen
Phila Mazibuko
Umethuli we-Live udalula imfihlo yakhe yefeshini nothando lwayo
IFESHINI YABASHA
1. Ngibona ifeshini iba…
Njengeyakudala. Sigqoka okwakugqokwa abazali bethu.
2. Ngigqokiswa…
UTshepo Morumo uma ngisemsebenzini. Kodwa nezingubo zami ngiyazigqoka nazo.
3. Uhlobo lwesitayela sami…
Anginaso esikhethekile. Ngigqoka noma yikuphi engikubona kukuhle.
4. Ngakhetha isitayela sezinwele zami ngoba…
Nginekhanda elikhulu elidinga ukufihleka ngandlela thize!
5. Imfihlo yami yefeshini…
Angiwafaki amakha. Ngizithanda ngiyimi.
6. Indawo engithenga kuyona…
Ayikho ekhethekile. Uma ngibona into engiyithandayo kunoma yisiphi isitolo ngiyayithenga.
7. Ifeshini engiyithanda kakhulu…
Amabhande nezicathulo ze-Timberland
8. Nhloboni yezimpahla zefeshini engiyithandayo
I-Ritro. Ngichazwa yimibala yakhona
9. Ukuxhumana phakathi komculo engiwuthandayo nezimpahla zokugqoka…
Akukho. Kokubili kwehlukene..
10. Iseluleko sami ngefeshini…
Khululeka ngobunjalo bakho ukuze ubukeke kahle.[z]
Omgqokisile: Thato-ya-Ona Lerefolo
Umsizi wakhe: Keletso Modisakeng
Iziphaqulo: Vuyo Varoyi
Izithombe: Peter Whitfield
