zulu.2708.students
Badlala ngabazali!
Iningi labazali liyazidela lithathe imali eliyisebenza kanzima lifundise ngayo izingane emanyuvesi, kodwa kuleyo mali, eningi iphelela ezingubeni zikanokusho ezithengwa yintsha ukuze idlise kontanga... indaba nezithombe nguBrenda Nkuna
BONA ZULU November 2008
UBONA UYASIPHENYELA
ABAZALI basebenza kanzima bebeka imali ukuqinisekisa ukuthi izingane zabo zizokwazi ukufunda ekolishi noma enyuvesi. Kodwa ziningi izingane ezingenandaba naleyo mfundo engcono abazali abasuke bezizamela yona. Okubonakala kubaluleke kakhulu entsheni wukuncintisana nontanga kanti njengoba ifeshini ibukeka idla lubi esikhathini samanje, ukuze ubukeke usesitayeleni enyuvesi kufanele ugqoke kahle uhlobe kahle.
Leyo mpilo ifuna imali enhle kanti abazali uma bebeka imali, yimali yokubhalisa, eyezincwadi neyendawo yokuhlala emqoka kakhulu kubona.
Labo bafundi abazithola besalele emumva ngoba bengenazo izinto ezisesitayeleni bagcina beqambela abazali amanga bathi badinga imali yokuthenga izincwadi ukuze bathole imali yokuthenga abakudingayo.
Abazali abathwele kanzima bathatha imali yabo yokugcina bayithumele enganeni bekholwa wukuthi izoyisiza esikoleni.
UYandiswa Ndiwa (22), umfundi owenza unyaka wesithathu ezifundweni ze-psychology e-University Of The Western Cape (UWC), uthi unenhlanhla ngoba ubaba wakhe uhola kahle uyasibona nesidingo sokuba abukeke kahle njengoba efunda. Kodwa uyavuma ukuthi abafundi bayasangana uma kukhulunywa ngamagama anjengoCarvella, Gucci, Tommy Hilfiger nePolo.
"Bazitshela ukuthi ngokugqoka izimpahla ezinalamagama bazohlonishwa badonse amehlo abangani okucashunwa kusale emakubo," kuqhuba yena.
Izitshudeni ezinabazali abangenamandla okuthenga izimpahla ezibizayo noma abanqabayo ukukhipha imali zikhetha ukuzibulala noma zithandane nobaba abadala, ngokusho kukaZinzi Sixaba (20) owenza unyaka wesibili kwi-tourism.
"Basabisa abazali ngokuthi bazoyeka ukufunda uma intando yabo ingenzeki," kusho yena.
Lokho kuba buhlungu kakhulu emindenini esuke ichithe iminyaka ibeka imali yokufundisa ingane.
Konke lokhu kuhambisana nokududana. "Uma abangani bami begqoka ama-jean eLevis 501, nami ngiyawafuna," kusho uZinzi.
Kuyenzeka uthole nezitshudeni ezizalwa emakhaya ampofu zifihla ubuphofu basemakubo ngokugqoka izimpahla ezibizayo ngokukaRema Lekhehla, ongumeluleki wabafundi eWalter Sisulu University.
"Siphila esikhathini lapho abantu benake khona izinto ezingenamsebenzi, lapho kubhekwa khona ukuthi ugqokani."
Lokhu kuyabagqilaza abazali. Ukukhishiswa kwabo imali ngenkani kwenza benze izikweleti bagcine sebehluleka wukondla imindeni yabo.
Imali oyikhiphayo ingane ingayisebenzisa emaphathini ithenge notshwala ngayo, ngokusho kukaMpisi Mfete (65), umzali ongayedwana onendodakazi eneminyaka engu-21 efunda enyuvesi.
"Ngiyayazi le nto engikhuluma ngayo. Mina ngihola impesheni kanti kwathi uma indodakazi yami ilokhu icela imali yezincwadi ngacela ukuzibona lezo zincwadi," kusho yena.
Indodakazi yakhe ayizivezanga izincwadi kanti kwathi uma uMama uMpisi ebuza ukuthi iyithathaphi imali yokuthenga izicathulo ayebona izigqokile yathi iyayibeka.
"Ngaze ngaxhumana nomzali wengane eyayenza izifundo ezazenziwa yindodakazi yami ngezwa ukuthi indodakazi yami iqamba amanga."
Abazali abaningi bayazithemba izingane zabo ikakhulu uma kukhulunywa ngezidingo zesikole kodwa kuhle baqaphele - ngokukaMama uMpisi.
Abanye ochwepheshe bezengqondo bathi ukunika ingane imali ezoyisebenzisa kungaba ngumqondo omuhle ngoba ingane ingaphelelwa wukuzethemba uma ingenazo izinto ontanga yayo abanazo ize ingaqhubi kahle nasezifundweni zayo.
Okusho ukuthi izoqhuba kahle uma ichitha isikhathi sayo emaphathini?
Sakha isizwe sezinswelaboya uma sitotosa izingane zethu.
UKhetani Msimeki onguchwepheshe wezengqondo eNyuvesi yaseLimpopo uthi ukungazethembi nokungaqhubi kahle ezifundweni akuhlangene nendlela okugqokwa ngayo esikoleni kodwa kukhomba ukuthi lowo mfundi unezinye izinkinga eziseceleni.
"Kubalulekile ukuthi sisize lezi zingane ukuze zizibekele imigomo ithuba lisekhona."
UKhetani uqhuba athi izitshudeni ezibeka phambili ukujabulisa abazali bazo nothisha akufanele zizihluphe ngefeshini. [z]
West Cape News
UYanga Tunzi, Yonela Ntlahla noTshidi Selela - bathi kumele udlise ngefeshini ukuze ube "yisikhokho" kontanga.
"Abafundi basabisa abazali ngokuthi bazoyeka ukufunda uma bengakutholi abakufunayo"
Ngabe ukuba nezibuko ezinjengalezi kungenza uqhube kahle esikoleni?
UPhindile Gxumisa uthi izitshudeni zidlisa ngokugqoka izimpahla ezinhle emanyuvesi.
BONA ZULU November 2008
