zulu.2702.school (2)
BONA - August 2005
Siza ingane yakho iphumelele esikoleni
nguPRIMROSE WILLIAMS isithombe ngabeGREAT STOCK!
Ukukhombisa ukuzinikela emfundweni yengane yakho kuzoyisiza ibone ukuthi imfundo ingathokozeleka futhi iyimbuyiselo
ININGI labantu abaqala ukuzibandakanya emfundweni yezingane zabo kusuka emazingeni ase-junior primary umdlandla walokho uyehla lapho sezifika emazingeni ase-senior primary. Lesi yisikhathi lapho iningi labazali liqala ukuhlehla empilweni yemfundo yezingane zabo.
Iminyaka yasema-senior primary (engu-9 kuya kwengu-12) yiyona ebucayi emfundweni yengane, ngoba umfundi osala ngemumva noma onokwenqena isikole kungenzeka angaphinde abe nothando lwaso.
Nakuba ingane yakho isizoqala izifundele ngokuzimela, kodwa isakudinga ukugadwa nguwe nokuba uyeseke. Ukuzibandakanya emfundweni yengane yakho kulesi sikhathi, kungaba wukuzinikela okukhulu, kodwa futhi kunesidingo.
Kuyini ngempela ukuzibandakanya kwabazali"
Ukuzibandakanya kwabazali kuthinta izinto eziningi - ukuyifundela nokufunda nayo, ukuvakasha nayo emtapweni wezincwadi, ukuhlola umsebenzi wayo wesikole nsuku zonke, ukuyilawula ekubukeni iTV (uyikhuthaze ukuba ichithe isikhathi ekufundeni kunokubuka umabonakude) nokunye okuningi.
Noma kungalula njengokubuza ukuthi, "Belunjani usuku lwakho esikoleni"" Lokhu kuthumela umyalezo ocacile wokuthi isikole nemfundo yayo kubalulekile kuwena kangangoba uyacabanga ukuthi izokwenza ngcono.
Nazi ezinye izinto ongazenza:
n Yiba khona siqu sakho esikoleni somntwana wakho. Hambela imihlangano yabazali nothisha, ezemidlalo, amakhonsathi, imidlalo yasesteji, imicimbi yokuklonyeliswa noma ube yingxenye yabo uma benohambo.
n Yizwa ngothisha ukuthi umntwana wakho uqhuba kanjani esikoleni.
n Thola ukuthi yiziphi izinto ezingaba lusizo enganeni yakho nokuthi ungenzani ekhaya ukweseka imizamo yothisha.
n Qiniseka ukuthi ingane yakho iyaya njalo esikoleni.
n Ngokukhombisa uthando emfundweni yengane yakho, ukhuthaza ukuzimisela kwayo uyisize ngokuyiholela ekutheni ibone ukuthi ukufunda kungathokozeleka futhi kuyimbuyiselo.
Inhlalo yasekhaya ekhuthaza ukufunda ibaluleke kakhulu ekuphumeleleni komfundi kunemali engenayo, izinga lemfundo noma isisekelo sezamasiko.
Uma abazali bezibandakanye emfundweni yezingane zabo, liyehla izinga lokulova, izingane zikwazi nokuba ziziphathe kahle zicabange ngokuhle ngesikole, ziqhubekele emazingeni aphezulu.
Uma umzali ezibandakanya zisasuka phansi, nemiphumela iba mihle kakhulu. Ngisho ngabe lingakanani izinga lokuzinikela kwakho, zinikele njalo ukuze wenze umehluko obalulekile empilweni yengane yakho.
Umzabalazo wama-homework
I-home work kungaba yinkinga enkulu emindenini eminingi. Abazali bajwayele ukuzithola bedidekile ngokuthi bangazenza kanjani izingane zabo ziqedele i-homework yazo ngaphandle kokuzincenga noma ukuzenzela.
Umthetho uthi, ungayenzeli i-homework - i-homework akusiyo eyakho kodwa eyomntwana wakho. Ukumenzela yona ngeke kumsize aqonde noma asebenzise ulwazi alufundile kumenze futhi azibukele phansi.
Uma ingane yakho izabalaza, thola ukuthi idinga ukuba ifunde kakhulu ngaphambi kokuba iqonde noma isike yabhekana naleso simo esifanayo esizokwazi ukuyikhanyisela. Uma usiqonda leso sifundo, kungakuhle wenze ezinye izibonelo kanye nayo, kodwa umdedele azenzele i-homework.
Uma ubunzima buqhubeka, cela umhlangano nothisha wayo nithole indlela yokuxazulula inkinga.
Ikhuthaze ukuba itadishe
Izingane kufanele zazi ukuthi amahora eziwachitha zitadisha nomfutho eziwufaka kukho kuyokwenza umehluko phakathi kwempumelelo nokungaphumeleli. Abanye abantu abasha bakholwa wukuthi ezinye izinto yizo ezilawula ukuphumelela nokungaphumeleli - othisha, ukuhlakanipha noma nenhlanhla bakhohlwe yisibopho sabo.
Ngaphandle kokukala umfutho wokufunda, izivivinyo zingasiza impilo yonke ezimweni ezinjalo njengokuthola amalayisensi okushayela noma ukuthola umsebenzi.
Siza ingane yakho iqonde imizamo yayo yenza umehluko omkhulu. Ngokuzayo uma ifika nemiphumela yezivivinyo noma iriphothi, bonisana nayo ukuthi kungani yenze kahle noma kabi.
Uma ifaka umfutho kakhulu ekufundeni, nasezivivinyweni izokwenza kangcono.
Engakwenza emva kwesikole
Uma ungekho, ingane yakho ifika ekhaya iphuma esikoleni, uye wethembe ukuthi ayikho ezinkingeni. Kodwa kungalezo zikhathi zasemva kokuphuma kwesikole lapho uthola ukuthi ingane isiqala ukubhema noma izibandakanye notshwala noma izidakamizwa, odlameni, ebugebengwini noma ezintweni zezocansi.
Izinto engazenza emva kwesikole ziyindlela enhle yokwehlisa isikhathi somntwana engabhekwe muntu - mhlawumbe kunciphise namathuba okuzifaka ezintweni eziyimikhuba emibi.
Engakwenza, akudingi kuze kuncike emsebenzini wesikole. Kungaba yinto eqhutshwa ngabesikhungo somphakathi, izindawo zokukhonza, amakilabhu noma izinhlangano ezingabheke nzuzo, kusukela kwabezemfundo, ezemidlalo, ukufunda olunye ulimi, ezobuciko nokunye engakwenzela ukuzithokozisa. [z]
BONA ZULU - January 2006
Ukuzibandakanya kwabazali
BONA ZULU - January 2006
Uma ingane yakho ingaqhubi kahle esikoleni
Njengabo bonke abazali, ufuna ingane yakho ukuba iqhube kahle esikoleni ithole amamaki amahle.
Xhumana nothisha wengane yakho ngokushesha uma usola ukuthi kungenzeka inezinkinga. Ungalindi ukuba isikole sikuthinte noma iriphothi layo.
Ubokwazi ukuthi akuhambi kahle uma ingane yakho ingawuqondi umsebenzi wayo wesikole, noma idinga usizo oluthe xaxa ukuze iwuqedele. Buza uthisha wayo ukuthi yini wena (noma isikole) esingakwenza ukuze sisize.
Kuhle ukuthatha izinyathelo ngaphambi kokuba ingane yakho isale kakhulu.
Yenze ibone ukuthi uyakholwa izophumelela. Uma lokho kwenzeka, ihalalisele, uyikhuthaze, uyitshele ukuthi uyaziqhenya ngayo.
Bheka ingane yakho futhi uyilalele. Thola ukuthi kungani ingasithokozeli isikole. Inkinga kungenzeka ingabi esikoleni noma ezifundweni zayo, kodwa ibe kulabo abayiziqhwaga, abadala noma kubangani.
