zulu.269.purity
U-Sis Purity uthi...
U-Sis Purity oyilungu lesigungu soChwepheshe boKudla kweziNgane kwaPurity uphendula imibuzo yakho ekudleni kwezingane okunomsoco
ezezimakethe
Umbuzo 1:
Ingane yami yomfana inezinyanga eziyisithupha kanti ngisayincelisa ibele. Iyalidla nephalishi kodwa umhlengikazi wasemtholampilo uthi ukudla kwayo makube ne-iron. Ngabe yikuphi ukudla okune-iron"
- Z Basetsana, Vereeniging
Impendulo:
Ubisi lwebele lune-iron kodwa kungenzeka ukuthi umhlengikazi ufuna ukuqinisekisa ukuthi iphila kahle ezinyangeni ezilandelayo ngoba isuke isidinga i-iron ethe xaxa.
Kusemqoka ukuthi ingane engangeyakho inikwe iphalishi elenzelwe izingane eline-iron. Izingane ziyayidinga i-iron ekukhuleni kwazo ukuze kukhule nengqondo yazo.
AbakwaPurity banochunge lwephalishi lezingane leCream of Maize noma laMabele olunothiswe nge-iron elusizo ekwakhekeni kwengqondo yengane.
U-vitamin C no-A okulamaphalishi usiza ingane yakho ukuze i-iron ingene kahle emzimbeni wayo, i-zinc ne-selenium ivuselela amasosha ayo omzimba iyigcine iphila kahle.
Njengoba ingane ikhula ngamandla idinga i-iron eningi ekudleni kwayo. Iyakudinga nokondliwa ngezinhlobonhlobo zokudla kanti ephalishini layo ungafaka i-sauce yenkukhu noma i-gravy ye-minced meat ngoba inyama ine-iron eningi.
Umbuzo 2:
UThabiso indodana yami enezinyanga eziyisikhombisa akakufuni ukudla okuqinile uthanda ubisi.
Sengike ngazama ukumenzela iphalishi lempuphu kodwa uyaqunjelwa. Ngingenzenjani"
- A Hlomuka, Vryheid
Impendulo:
Izingane azikuthandi ukudla okungenashukela ngoba zijwayele ubisi lwebele noma lwebhodlela olunoshukela.
Ungamnika iphalishi lakwaPurity laMabele noma iCream of Maize - la maphalishi enzelwe izingane kanti awaqumbisi ngoba agayeka kalula.
Uma ingane ingalithandi iphalishi, thela ubisi lwebele noma lwebhodlela.
Kukhona amaphalishi amasha anongiwe kwaPurity kanti nawo ungawanika ingane yakho.
Uma iqunjelwa zikhathi zonke yinike isithelo esibondiwe noma ama-veg (noma izithelo zakwaPurity nama-veg kaStage 1.) Khumbula ukugcina amabhodlela ePurity asevuliwe efrijini, uwasebenzise engakapheli amahora angu-48.
IMIKHIQIZO YAKWA-Purity AYIGQUNYISWANGA, AYINAMIBALA NEZINONGO OKUNGEZONA EZEMVELO
Nika ingane yakho
isiQalo eSihle!
Qala usuku ngokunika ingane yakho isidlo sakwaPurity ekuseni. Khetha ochungeni lwakwaPurity lweBaby's Soft Porridges olunomsoco nolusuthisayo, olunama-vitamin angeziwe ne-selenium, i-zinc ne-iron. Khetha iPurity Cream of Maize (Original, Strawberry noma iBanana) noma iPurity Mabele (Original, Mixed Fruit noma iVanilla.) I-calcium eyengeziwe isiza ngokuqinisa amathambo namazinyo, kanti u-vitamin B1, B2, B3 no-B6 ukhulisa ingqondo yengane. Lawa maphalishi agayeka kalula kanti enziwe ngokolo, ayindlela enhle yokusuthisa ingane ngokunempilo.[z]
Bheka amaphakethe ethu amasha
