ZULU.2692.PPT
okwenzeka ezweni
Okwakwe-nzeka eGhana
Kuqopheke umlando!
Umlando waseSA usanda kuqopheka ngesikhathi iThe Lion King ithengisa ithikithi layo lika-500 000 nokwenza lo mdlalo ube ngumdlalo weDisney wakuleli onempumelelo ukuyedlula yonke.
IBafana Bafana iziqeqesha okokuqala eGhana.
Imvu ependayo!
Imvu ogama layo ngu-Ewereka yenza imisebenzi yezobuciko emangalisayo eWestern Cape
ngosizo lomnini
wayo u-Ann Gadd. Ipeni edweba
ngalo liboshelwe emzimbeni wayo.
KWESOBUNXELE NANGENHLA: Umcimbi wokuvulwa kwemidlalo yebhola e-Africa wakhela izwe laseGhana elikhulu igama.
Emdlalweni wokuvula, izwe laseGhana labhekana neGuinea kwi-Africa Cup Of Nations ka-2008.
okwenzeka ezweni
Iyeza!
ISoweto Opera Quadro – enamalungu ango-Elliot Koena, Edward Mabunda, Bokang Sehau noXala Mpo – izobe inamakhonsathi amabili eBaxter Concert Hall eCape Town ngomhlaka 1 March. Emva kwalokho izolibangisa eLondon ukuyocula kwiSouth Africa Proud! Festival. Hlale uvule amehlo ukuze ubone udaba lwethu ngaleli qembu elenza izimanga elishaya umculo othandwa yibo bonke abantu - kusukela kowe-pop kuya kowe-opera.
Oops!
Indoda eneminyaka engu-66 isanda kungeniswa esibhedlela eSouth Kitsap eWashington emva ngokuzidubula ngephutha. Lokhu kwadalwa wukudinwa emva kokungavumi ukuphuma kwe-nut elalingene laqina esondweni lohlobo lweLincoln Continental yalidubula ngesibhamu ngeshwa kwadubuleka yona ezinyaweni nasesiswini.
VROOM! VROOM!
Abathandi bezimoto basanda kuthuthelana eScottsdale e-Arizona ukuzobona umbukiso wezimoto ezingajwayelekile zeminyaka yama-20th Century kuza kwezanamuhla nokungumbukiso owawaziwa ngokuthi yi-“The Greatest Car Show On Earth.”
Uhlonishiwe
UShaun Bartlett weKaizer Chiefs enikezela uMakhaya Ntini ijezi eliyisipesheli lokuhlonipha lo mdlali oyi-bowler eqenjini lekhilikithi lakuleli ngenxa yegalelo lakhe kwezemidlalo eSA.
BAGQITSHWA BAVELE NGEMIQALA!
EBeppu kwelaseJaphani, abantu bagqitshwa bavele ngamakhanda esihlabathini esishisiswe ngokwendalo ukuze bakhiphe umjuluko okhuthaza impilo enhle.
UBeckham e-Africa
Isihlabani sebhola emhlabeni uDavid Beckham usanda kuvakashela eSierra Leone njengengxenye yohlelo lokuqwashisa umhlaba ngosizi olubhekene nezingane zasemazweni akhungethwe yizimpi.
