zulu.267.beautyaug
Ama-pads, amabhulashi nezinye izinto ezilusizo ozidingayo ukwenza ubuhle… indaba nguCharis Dawson
BONA ZULU August 2008
EZOBUHLE
Emehlweni
■ Eyeshadow pads: Lezi yizinto ezisetshenziswayo ezivame ukuhambisana nama-eyeshadow kanti zinhle kakhulu lapho wenza i-shadow kwi-lid yonke. Lokhu kuqinile kunama-brush, ngakhoke ungazithakela imibala oyithandayo. Kuvamile ukuba ama-pads aphuke adinge ukukhishwa kufakwe amanye.
■ Eye shadow brushes: Iqhamuka ngosayizi abehlukene. Kungumqondo omuhle ukuba uzitholele amabhulashi amabili angosayizi abehlukene, elilodwa elincane nelinye elibanzi ukuze akusize lapho ufuna ukufaka imibala eyehlukene emehlweni akho noma ufuna ukugqama ebusuku.
■ Liquid-eyeliner brush: Ngeshwa ngeke ukwazi ukuthenga i-liquid eyeliner brush ngokwahlukana. Lokhu kukwenza kubaluleke lapho uqoka i-liquid uyivule uyibuke - ibhulashi kufanele liqine libe lincane likwazi futhi ukudweba umugqa o-fine.
■ Mascara brush: Leli thuluzi alijwayelekile. Uhlangothi olulodwa luqinile lunengoxi kanye nezinsephe. Uhlangothi oluqinile luhle ekukameni ama-clumps kwi-mascara yakho.
■ Eyelash curler: Yinhle ekwenzeni izinkophe zibukeke zizinde. Khumbula: kufanele uzinike isikhathi esanele uma ufuna umphumela omuhle.
Eyebrows
■ Eyebrow brush: Olunye uhlangothi lwe-mascara brush ungalusebenzisela ukubhrasha ama-eyebrows.
■ Tweezers: Uma uncwela ama-eyebrows kubalulekile ukuba uzitholele ipheya elihle lama-tweezers ukuze isikhumba sakho singalumi. Cela osizayo esitolo ukuba akusize lapho uthenga ama-tweezers.
Izihlathi
■ Powder brush: Ungasebenzisi ibhulashi elincane elihamba no-powder noma i-blusher. Kungcono uthole ibhulashi elikhulu elithambile elizokhava isihlathi sakho sonke ngo-powder lapho ulisebenzise kanye ngesikhathi esisodwa.
Ezindebeni
■ Gloss brush: Ochwepheshe abaphambili kwezokucwala basebenzisa ibhulashi ukufaka i-gloss ne-lipstick ezindebeni - kanti ikwenza ubukeke kahle.
■ Liner brush: Yibhulashi elincane kakhulu elisetshenziswa ukufaka i-liner ezindebeni. Kudingeka uziqeqeshe kahle ukwenza lokhu ngoba akulula. Uma usukwazi, kwengeza ubuhle obumangalisayo.
Ezandleni nasezinyaweni
■ Orange stick: Yinduku encane enohlangothi olulodwa olucijile ukuze luhlanze izinzipho zakho nolunye uhlangothi oluphushela emumva izinzipho. Uma lisetshenziswa njalo, lungasiza ekutheni lwenze umsebenzi wokunakekelwa kwezandla nemilenze.
■ Cuticle-cutter: Uma usuyisebenzisile i-orange stick ukuphushela uzipho lwakho emumva, kungenzeka ufise ukusika izinyama ezindala esezifile. I-cuticle-cutter, yithuluzi elincane elimise okuka-V phakathi nendawo elingakusiza kakhulu ekwenzeni lokhu.
■ Nail-buffer: I-cube emhlophe eyenza kube bushelelezi ezingoxini zomunwe nezobhozo. Isebenzise emva kokusebenzisa i-emery board ezinziphweni zakho ukuze zibe bushelelezi ngokwedlulele.
■ Nail scissors: Zisebenzise ekwenzeni izinzipho zakho ziqoqeke noma zincweleke kahle.
Okunye
■ Blender: Ingxenye yesiponji ongasisebenzisela noma yini kusukela ekuhlanganiseni i-foundation ukuze ubukeke ngokwendalo.
■ Pumice stone: Yitshe elimahhadla lohlobo lwe-lava elisusa isikhumba esesomile ezithendeni zakho.
■ Exfoliating gloves: Ungawafaka kwi-shower noma kubhavu lapho ugeza. Lawa magilavu aswakamisa isikhumba sakho ngesikhathi ugeza. Ungawasebenzisi ebusweni ngoba angase akonele ibala lakho.
■ Exfoliating puff: Ikhipha ama-cells afile ivule nezimbobo zobuso. Isebenzise kahle ufake nebinzana le-face wash.[z]
Amathuluzi alo
msebenzi
BONA April 2008
