zulu.266.countdown
Kuqala kulolu shicilelo!
Siyahamba isikhathi kangangoba kuzothi maduze nje lufike usuku. Sijoyine ohambweni lwethu olubheke ku-2010, sibheka umlando womdlalo omkhulu emhlabeni - amanye amaqhawe akhomba ngomunwe amaqembu - abadlali - okuzomele babhekwe ngo-2010 kanti futhi sibheka nokuzilungiselela kweSouth Africa nokuqhuba kwayo…
BONA ZULU – January 2008
KUPHUKE IREKHODI!
Isibalo samaqembu angenele iWorld Cup ka-2010 sephule irekhodi eledlule njengoba yayingenelwe amaqembu angu-199 ngo-2002.
USUKU lokugcina lokungenela iWorld Cup ka2010 kwakungumhlaka 15 March 2007. Ngaleli langa, amalungu angu-204 eFIFA kwangu-208 ayesesayinile. IBhutan, Brunei, Laos Philippines behluleka wukubhalisa, kodwa iBhutan yavunyelwa ukuba ingene ngomzuzu wokugcina ngesikhathi kuxoshwa iPapua New Guinea.
Lokho kwakuseyisiqalo. Okwalandela kwaba yimiqhudelwano yokuhlunga eyayisezindaweni eziyisithupha zeFIFA - Africa, Asia, North and Central America and Caribbean, South America, Oceania nase-Europe.
Njengoba sizobona ku-2010, imizuliswano yokuhlunga ikhipha amaqembu ambalwa emazweni ahlukene. Ukuqhathwa kwamaqembu azodlala kwiWorld Cup ka-2010 kwenziwa eThekwini ngomhlaka 25 November 2007.
Le draw yayibandakanya amalungu eFIFA angu-156 kusukela kwangu-205 angenele nayehlukaniswe ngalolu hlobo…
UEFA: 53 abangenela; CAF: 48 abangenela; AFC: 20; kwiCONCACAF: 35.
Ayibanga khona i-draw yeCONMEBOL, njengoba wonke amalungu angu-10 ayedlala kwi-group eyodwa ukuqhathwa kwawo kwafana nokwemizuliswano ayekuyo ngo-2006.
Indlela eyayisetshenziswa iyehluka kanti konke kuzobe sekulungile phakathi kukaSeptember noNovember 2009.
Ezindaweni ezingu-32 ezikhona kule World Cup ka-2010, bheka i-map ngezansi ubone ukuthi kuzohamba kanjani...
North, Central American neCaribbean (CONCACAF)
35 amaqembu alwela izindawo ezintathu noma ezine ukuze adlale kuma-play-off kanye ne-South America.
Imizuliswano emibili yokuhlunga (okungenzeka idlalwe engxenyeni yokuqala yonyaka ka-2008) izokwehlisa isibalo samaqembu angenile angu-35 siye sifinyelele ku-24 kuze kufinyelele kwangu-12. Emva kwalokho kuzokuba khona ama-group ama-semi-final amathathu azokwakhiwa amaqembu amane nokuzothi amabili okuqala kuleyo-group edlulela kufayineli yamaqembu ayisithupha kuleyo-group ngo-2009.
BONA ZULU – January 2008
South America (CONMEBOL)
10 amaqembu abanga izindawo ezingu-4 noma 5, inombolo eyiyo iyotholakala kuma-play-off sekudlalwa neqembu le-CONCACAF
Indlela elula isetshenziswa kwi-CONMEBOL – okungamaqembu alishumi adlala wodwa kabili kwi-group eyodwa. Amaqembu aphezulu amane aqhubekela phambili emqhudelwaneni weWorld Cup ekubeni elesihlanu lidlala kuma-play-off neqembu elisuke lisendaweni yesine ngaphansi kweCONCACAF.
Europe (UEFA)
53 amaqembu alwela izindawo ezingu-13
Lapha kunamaqembu ama-group angu-8 kuwo okukhona amaqembu ayisithupha kanye ne-group eyodwa yamaqembu angu-5. Le midlalo yase-Europe yokuhlunga iyoqala ngoSeptember 2008.
Africa (CAF)
53 amaqembu alwela izindawo ezinhlanu kanye neSouth Africa njengoba kuzokube kuyiyo ephethe le midlalo
Ukuhlungela iCAF kwaqala phakathi kuka-October noNovember ngonyaka odlule emaqenjini angu-48 ngaphambi kokuqhathwa okwenziwa eThekwini.
Njengoba iSouth Africa kuyiyo ephethe imidlalo yeWorld Cup, kusho ukuthi yona isivele isiwungenele ngegunya layo.
Asia (AFC)
43 amaqembu ayobe elwela izindawo ezingu-4/5 kube khona nama-play-off ne-Oceania nokuyocacisa isibalo esifanele
Imidlalo emibili yokuhlunga yiyo eyokwehlisa isibalo samaqembu sifinyelele ku-20. Kule-group kuyokwahlukaniswa u-20 - kuma-group angu-5 amaqembu abe mane nokuyilapho abawinile nabangama-runners-up beyodlulela kweyamafayineli kule-group.
Abawinile nabafinyelele kumafayineli kulama-group amabili amaqembu amahlanu ayodlala kusukela ngo-November 2008 kuya ku-September 2009, kuthi amaqembu angu-two third adlale ama-play off ngo-October 2009 eqhudelana ne-Oceania sekuhlungwa okokugcina.
Imithetho yama-group yalo mqhudelwano
Imithetho isishintshile kusukela ngo-2006.
Kuyo yonke imiqhudelwano yama-group, owinile uthola amaphuzu amathathu, elilodwa uma edlale ngokulingana (draw), kuthi ohluliwe angatholi lutho.
Uma amaqembu ebambene ngamaphuzu sekuyoqalwa ngokubheka umehluko phakathi kwamagoli kuyo yonke imidlalo yama-group bese kubhekwa ukuthi ubani ofake amagoli amaningi kuyo yonke imidlalo yama-group.
Uma kwenzeka futhi ukuthi amaqembu asalingana bese kusetshenziswa lezi zindlela:
l inombolo yamaphuzu aphezulu emidlalweni emaqenjini alinganayo;
l umehluko kumagoli emidlalweni ephakathi kwamaqembu abambene;
l isibalo esikhulu samagoli afakiwe emidlalweni emaqenjini abambene.
Uma kwenzeka ukuthi lawa maqembu asalingana, kuyodlalwa kuma-play-off enkundleni engavuni muntu (kube nesikhathi esengeziwe kanjalo nokukhahlelwa kwama-penalty uma kunesidingo) lokho kuyokwenzeka uma uFIFA ubona ukuthi lowo mdlalo ungangena ngaphansi kwekhalenda yemidlalo yamazwe omhlaba.
Ukube le mithetho yayisebenza ngo-2006, lokho kwakuyokwenza ukuba kungene iNigeria esikhundleni se-Angola.
BONA ZULU – January 2008
U-32 yisimanga senombolo!
Ngo-1930 yayingekho indlela okwakuqokwa ngayo njengoba ababewungela lo mqhudelwano babengena ngokumenywa kuphela kunga, maqembu angu-13. Kusukela lapho isibalo samaqembu angenela lo mqhudelwano sesenyuke kakhulu - kusukela kwangu-16 phakathi kuka-1934 no-1978 kuya ku-24 phakathi kuka-1982 no-1994 kuya ku-32 kusukela ngo-1998.
Indlela yokwamukelwa namanje cishe isefana njengoba amaqembu efakwa kuma-group ngokwezindawo zamazwe lapho encintisana khona.
Bekuvame ukuba kube nezindawo ezimbili ezisuke “zibekelwe” izwe okuyilo okusuke kudlalelwa kulo lo mqhudelwano, enye kube ngeyalabo ababekade bengoshampeni ngokwedlule. Lokhu sekushintshile njengoba umqhudelwano weWorld Cup ka-2006 kwaba ngowokuqala ukuthi lubonakale khona lolo shintsho lokuba abaphethe indebe indawo yabo ingaqinisekiswa - abawina ngo-2002 iBrazil yaphumelela ukungenela umqhudelwano ka-2006 ngokuba ibe phezulu kwi-group yabo.[z]
Oceania (OFC)
10 amaqembu alwela indawo eyodwa eyobangwa ne-Asia kuma-play-off
Indlela yokuhlunga yaqala ngomqhudelwano wamaSouth Pacific Games ngo-August 2007. Amaqembu amathathu aphezulu - iNew Caledonia, Fiji neVanuatu – ajoyina iNew Zealand kwi-group yamaqembu amane adlalela ekhaya nasekuhambeni. Iqembu eliphezulu lizodlala umdlalo wasekhaya nowasekuhambeni nezwe lase-Asia. Uma kwenzeka lelo qembu liwina, kusho ukuthi kuzokuba khona iqembu lase-OFC kumafayineli.
