zulu.2663.vuvuzela
Umsindo owehlukile
Viva vuvuzela! Viva!
UYAWATHANDA noma awuwathandi, amavuvuzela eSouth Africa ayingxenye yomdlalo webhola njengamakhadi abomvu nokukhahlelwa kwamaphenathi. Kukhona nalabo abathi lama-trumpet kapulasitiki emibala ehlukene ayingxenye yesiko lwethu.
Kuthiwa asuselwa ezimpondweni zenyamazane i-kudu ezazishaywa zihlaba umkhosi kubantu bendawo lapho bebizelwa emhlanganweni ikakhulu labo bezindawo ezikude.
Ngisho ngabe kunjani, le misindo yamavuvuzela izwakala ingumculo - akunjalo? Kodwa lokhu kubukeka kuzoshintsha ngenxa yeqembu lomculo wokhehlegume iVuvuzela Orchestra.
Leli qembu lomculo elinamalungu angu-60 elisho ngamavuvuzela alo liphelekezelwa abalandeli abangu-2 000 beqembu lebhola iBloemfontein Celtic lahlanyisa izihlwele emdlalweni wobungani lapho iBafana bafana yayibhekene neqembu lesizwe laseMelika e-Ellis Park.
IVuvuzela Orchestra yasungulwa nguPedro Espi-Sanchis weKideo.
“Akuzange kuvume ukuba ngibekezelele ukuza kweWorld Cup ka-2010 ngaphandle kokuzwa umculo,” kusho yena etshela abakwaBONA. “ISouth Africa ingelinye lamazwe aziwayo ngomculo emhlabeni.”
Kodwa amavuvuzela? Uqweqwe le ntatheli engumlandeli wokuqina webhola lezinyawo uJon Qwelane useke wabhala egxeka yona le trumpet wathi yena njengamanje usencamela ukulibuka ekhaya ibhola nokuyilapho ehlisa khona umsindo ngenxa ‘yesihhogo sale-trumpet’.
Lokho akwethusi neze njengoba noPedro ekufakazela. “Abantu abaningi bacabanga ukuthi amavuvuzela abanga umsindo nje kuphela, kodwa ngeke nakancane uwahlukanise nezinkundla zebhola - lisuke lingekho ibhola ngaphandle kwamavuvuzela,” kusho yena.
I-orchestra useyisungulele amavuvuzela ehlukene ayisithupha. Wonke kulawa ayisithupha anemibala ehlukene kanti futhi adlala amanothi ehlukene. Bawadlala bawahlanganise nebhendi yabafutha izinsimbi (brass ensemble) kanjalo namathuluzi akwelase-Africa okudlala umculo.
Amaphimbo abantu asuke esejobelela kulowo msindo ozwakala uyingcwenga.
Lolu hlobo lwesitayela sokwenza umculo luncike osikweni lwase-Africa lokuba “umuntu oyedwa acule indlela eyodwa” njengeTshikona neDinaka zaseLimpopo neDithlaka yakwelaseBotswana.
UPedro wethemba ukuthi iVuvuzela Orchestra iyoba negalelo elikhulu ngo-2010. “Emidlalweni yebhola e-Africa sibona abalandeli bakwamanye amazwe afana noNigeria, Cameroon nabaseSenegal becula beshaya izigubhu befutha nemiqangala kuzwakala umsindo omnandi. Kithina ivuvuzela ingaba nelikhulu igalelo emculweni wakuleli owehlukile webhola.”[z]
BONA ZULU – March 2008
indaba nguTEDDY GOMBA
Ngabe ivuvuzela ingaba negalelo elehlukile ebholeni lakuleli? Uke uyicabanga i-orchestra esebenzisa amavuvuzela? Qhubeka ufunde…
NGENHLA: I-orchestra icula.
KWESOBUNXELE: UPedro Espi-Sanchis enamalungu e-orchestra.
