zulu.2661.yourlifeguide_legal
CHA!
AZI AMALUNGELO AKHO
Kule nyanga: ongakwenza uma bekuphoqa ukukhokhela umuntu isikweletu (funda ngaphambi kokusayina)
NGISIZENI! NGISENKINGENI YEZIMALI
Umngani wami wayefuna ukuthenga imoto. Ngenxa yomlando wakhe wokukweleta kwadingeka athole umuntu ozokuba ngufakazi ngemali-mboleko ayifunayo. Wangicela ukuba ngimsayinele incwadi yenkampani yemali ayekweleta kuyo. Le ncwadi yayiyinde ibhalwe ngamagama amancane. Angiyifundanga kahle ngaphambi kokuyisayina.
Emva kwalokho, umngani wami walahlekelwa wumsebenzi nemoto yadliwa.
Inkampani yemali isingithumelele incwadi ithi ngasayina njenge "surety" yomngani wami ngakhoke nginesibopho salesi sikweletu. Le nkampani ifuna ngikhokhe yonke imali esele ekweletwa wumngani wami. Lokhu kusho ukuthi ngizokube sengikhokhela imoto engekho nomngani wami angenayo.
Le nkampani yemali yangitshela ukuthi izimisele ngokwamukela imali engu-R1 900 ngenyanga - ne-interest yemali esele. Ngeshwa angikwazi ukukhokha leyo mali. Ngicela usizo!
ISELULEKO SOFEZELA
Incwadi osuke uyisayinile yaziwa ngokuthi yi"deed of suretyship". Ukuyisayina kwakho kukwenza ube yi-"surety" yomngani wakho.
Lena ngenye yezindlela izinkampani zemali ezizama ukuzivikela ngazo uma zibolekisa ngezimali.
Uma umuntu abamboleka imali (umngani wakho) esehluleka wukuyikhokha, owavuma ngokusayina isibophezelo sesikweletu kumele akhokhe - okunguwe.
Kungakuhle wenze lokhu okulandelayo:
1 YAZI INTO OYIKHOKHELAYO
Cela isitatimende esinemininingwane yonke yemali efuneka kuwena (Unelungelo lokukwenza lokho ngokusemthethweni.)
2 XOXA NABO
Yichazele izinkinga zakho obhekene nazo le nkampani yemali bese ubacela ukuba bavume ukuba ukhokhe isamba esincane kunaleso zinyanga zonke - ozokwazi ukusimela.
3 OKUNYE ONGAKWENZA
Uma inkampani yenqaba ukukusiza, ungadlulela phambili ufune usizo lwabe-registered debt counsellor okuyibo abazocubungula isimo sakho sezezimali. Uma unobunzima ekutholeni i-debt counsellor, shayela aboPhiko loFezela ngakini ucele usizo.[z]
UTHINI UMTHETHO
Iseluleko esingakunika sona esingcono ngesokuthi uthi "CHA" uma umuntu ekucela ukuba usayine kanye naye ekuzibophezeleni esikweletini sakhe. Uzibeka engcupheni yokungena enkingeni - abusho lutho ubudlelwane benu.
QAPHELA!
Qaphela uma usayina inkontileka ekwenza i-surety ne-co-principal debtor.
Isimo sakho singasibi lapho izinto zingahambi kahle. Ukwenza isibonelo, uma uyi-surety kungalindeleka ukuba ukhokhe uma umnini wesikweletu ehluleka. Oyi-surety angathwala isibopho sokukhokha naye, okusho ukuthi naye uthathwa njengomuntu okweleta imali ngokwakhe.
OKUNYE: Njenganoma iyiphi i-contract, qiniseka ukuthi iphelele ngaphambi kokuyisayina. Akufanele kube khona izikhala ezingenalutho, ikakhulu uma sekuziwa ezintweni ezifana nenani lesikweletu.
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
