zulu.2660.africa
BAQHAMUKE NEKHAMBI
ElaseSierra Leone lihlelekile ngokwentando yeningi nasekuthu-thukisweni kwezomnotho kodwa lithwele kanzima ohlangothini lwezempilo. Izinga lokushona kwezingane liphezulu kanti omama bashona bebeletha. Ukuntuleka kukagesi nokungafundi kwabantu bakhona kwenza ukuba iziphathimandla nenhlangano ye-UN zingabi nocwaningo oluphathekayo kule ndawo.
Inyuvesi yaseNorway iqhamuke nekhambi: lokubalwa kwamatshe.
Ababelethisela emakhaya bafaka amatshe amancane ebhokisini elinezikhala ezinhlanu ukuze kutholakale isibalo sezingane ezizalwayo, ezishona zizalwa, ezizalwa zishonile nomama abagulayo nabashonayo. Leli bhokisi lithunyelwa emtholampilo njalo ngenyanga, kubalwe amatshe izibalo zifakwe kwikhomphyutha.
Uma kunezibalo eziphathekayo, iziphathimandla zingakwazi
ukusungula izinhlelo zokugoma.
KUNGENZEKA!
Umalaleveva uyimbangela yokugula nokushona kwabantu e-Africa kanti amazwe amaningi, kubandakanya neSouth Africa, anenkinga yokunqanda o-mosquitoe ababulalayo ukuze bangayi ezifundeni ezintsha.
Kodwa okwaseGambia kuhlukile. Ngokocwaningo olusanda kwenziwa izibalo zababulawa umalaleveva zehlile eminyakeni emihlanu edlule. Ezibhedlela ezimbili izibalo zababulwa umalaleveva zehle ngaphezulu kuka-90 percent.
Izibalo zikhomba nokuthi zimbalwa izingane ezithola lesi sifo. Yizindaba ezinhle lezi, hhayi kwelaseGambia kuphela kodwa nakwabakholwa wukuthi lesi sifo siyanqandeka kwezinye izingxenye zezwekazi lethu.
EZASE-AFRICA
EZASE-
africa
BAWINILE
I-Tafel Lager, ekhiqizwa yiNamibia Breweries yawina indondo yegolide esigabeni seMild Beers emncintiswaneni wamazwe ngamazwe owawuseNuremberg, eGermany.
Laba baphisi botshwala baseNamibia badume kuyo yonke i-Africa eseNingizimu ngeWindhoek Lager yabo.
ABASHADE - NOMA BAHAMBE
Abaqwayizi abaHIV-positive abasebenzela eBauchi State kuthiwa abakhethe phakathi kokuhlukana nomsebenzi abawenzayo bashade nabantu abanaleli gciwane noma baphume baphele kulesi sifundazwe.
Lokho kuqhamuke noDkt Sulaiman Muhammad, usihlalo weBauchi Agency For The Control Of HIV/AIDS TB/Leprosy And Malaria (BACATMA). Le agency isishadise amakhaphuli angu-79 analeli gciwane ngenhloso yokwehlisa izinga lokusabalala kweHIV.
BONDLA UMHLABA
Kungenzeka ukuthi elaseSA lazi ukuthi iDaewoo yenza izimoto. Kodwa le nkampani eseSouth Korea ibuye yenze izibhamu nokudla! Inohlelo lokutshala ukolweni emhlabeni ongusayizi olinganiselwa esigidini eMadagascar ukuze elaseSouth Korea liyeke ukuthembela kwelaseMelika ngosizo lokudla. Kuzosetshenziswa ulwazi olucoshwe eSA uma sekutshalwa kube abaseSouth Korea abazotshala.
Amazwe aseMiddle East ashodelwa wumhlaba wokulima anjengeSaudi Arabia neKuwait abelokhu esizwa elase-Africa kwezolimo.
Elase-Angola lizothuthukisa umhlaba ebeliwusebenzisa kwezolimo ukuze kutshalwe kuwona kanti uMeles Zenawi onguNdunankulu wese-Ethiopia uthi angathanda ukubona izinkampani zangaphandle zisizwa yizwe lakhe ngezolimo.
UBHANANA WASE-AFRICA
Abalimi bahleka bodwa njengoba likhuphuka izinga lokufunwa kukabhanana e-UK naseMelika. Othandwa kakhulu yi-kibuzi - igama elisetshenziswa kule ndawo elichaza ubhanana ophekwayo ongabekwa isikhathi eside kunezinye izinhlobo zikabhanana.
Elase-Uganda lithumela amathani kabhanana angu-1 000 kwamanye amazwe ngonyaka - nempilo yabalimi isishintshe kakhulu. Sebeyakwazi ukukhokha imali yesikole bazakhele amakhaya angcono bathenge nokokugqoka ngokusho kukaJames Kanyije kwi-IPS.
Leli lizwe linohlelo olusha oluzosiza omakhelwane balo abampofu - lizosebenzisa ubhanana owonyisiwe njengofulawa okuzobhakwa ngawo isinkwa, amakhekhe namabhisikidi.[z]
