zulu.265.david
Akadlali
U-DAVID KAU ongusomahlaya akapheli eLowveld lapho esuke ehlekisa khona abantu eBarnyard Theatre eWhite River kanti amathikithi ama-show akhe athengwa aphele. Isizathu esenza athande le ndawo wukuthi ingoduso yakhe uThalia Zarkalis wazalelwa eWhite River.
U-Thalia ozalwa ngubaba ongumGreek nomama ongumZulu wakhulela eSwazini wabuyela eLowveld esezofunda e-boarding school ngo-1996. Ngo-2000 wathuthela eNelspruit, indawo athi usayithatha njengekhaya lakhe: “Ngiyalithanda elaseLowveld, liluhlaza cwe, lithokomele kanti linokuthula. Ngizizwa ngiyingxenye yomphakathi wakhona.”
Njengamanje uhlala eGoli noDavid kodwa akapheli eLowveld ukuze abone umndeni wakhe nabangani. Ubuye aye naseSwazini eyobona abangani bakhe, avakashele nasolwandle eMozambique. “Ngiyayithanda iPilgrim’s Rest neGod’s Window,” kuqhuba yena.
U-Thalia noDavid bahlela ukushadela esiqiwini sezilwane zasendle eLowveld ngoDecember.
Inkinga abangaba nayo eyokuthola indawo engathatha izimenywa ezilinganiselwa ku-200.
Ngabe le ntokazi yaseWhite River yahlangana kanjani nalo somahlaya okitaza abantu baseMzansi ngamahlaya akhe baze bazihleke nabo?
Udaba lokuhlangana kwabo luyihlaya ngokwalo… noma sithi lumnandi.
Bahlanganiswa ngumngani wabo ngosuku lokuzalwa kukaThalia ngo-2005 kanti bathandana kusukela ngaleso sikhathi.
“Ngangizwana nokuya emaphathini singakahlangani noThalia. Kodwa manje sesichitha isikhathi esiningi ekhaya,” kusho uDavid. Ikhaya likaDavid lise-Illovo, kanti elisha elisakhiwa liseKyalami.
U-Thalia wangihlebela wathi: “Ngihlushwa wukuthi uyongiphoxa uma sesidansa.”
U-David unomkhuba wokungahleki uma enezintatheli noma uma engekho esteji.
“Abantu bavame ukuthi, ‘ake usiphe ihlaya phela,’ kanti ngisuke ngingekho esimweni sokulisho. Ngaphandle kwalokho, ngisuke ngingazi noma basuke befuna ukuntshontsha amahlaya ami yini,” kusho yena.
Waswabuluka ngesikhathi sekungena uThalia. Waqhulula amahlaya wamqabula wabukeka ekhululekile. Bayaxoxa bahleke kubonakale ukuthi bayathandana.
U-Thalia ungumakoti okhululekile. Uma ekhuluma ngezinhlelo zomshado wabo ukhuluma kubonakale ukuthi uyazethemba uyalwethemba nothando lwabo.
Unothando
U-Thalia wangitshela ukuthi uDavid wayeguqe ngedolo ngesikhathi ecela ukushada naye kanti ngesikhathi beseWhite River ngempelasonto yePhasika beyobikela abazali bakaThalia izindaba ezimnandi, uDavid waphinda waguqa phambi komndeni wonke emva kokuba ubaba kaThalia emtshele ukuthi makenze njalo.
Ngesikhathi sixoxisana nabo uDavid wayefa amahloni kodwa kubonakala ukuthi uyayithanda ingoduso yakhe. “Kwangikhanyela ukuthi le ntokazi yayizoba ngumama wezingane zami. Yinhle, inesibindi kanti ihlakaniphile. Izingane zethu nazo zizohlakanipha,” kusho uDavid.
U-David Kau uyazi ukuthi kuzodingeka ukuba afunde ukubhekana nengcindezi yabalandeli bakhe uma sebeshadile. “Ngesikhathi sisanda kuthandana, abantu babeya e-restaurant kamama wakhe eWhite River bambuze ukuthi sithandana ngempela yini.
“Uma sisezitolo, bathatha izithombe zethu ngama-cellphones abo.
“Lokho akungiphathi neze kahle ngoba bangabhala noma yini ngawe. Ngiqikelela kakhulu uma nginoThalia ngoba ngifuna ukumvikela.”
Kodwa uThalia akanandaba. Akumhluphi ukuthathwa kwabo lezo zithombe. U-David akafuni ukuhlukana nesigqoko sakhe “senhlanhla” osekuphele iminyaka eyisishiyagalombili enza umsebenzi wakhe esigqokile. Kodwa uThalia wagcina ekwazile ukumcela ukuba asishintshe.
U-Thalia uneziqu ze-honours azithola ngokwenza izifundo zepolitiki ngo-2006 kanti ufuna ukusebenza emkhakheni wezentuthuko.
Uthi okwamhlaba umxhwele kakhulu ngezifundo zakhe wukuxhumana kwepolitiki nomphakathi: “Engakufunda ngepolitiki nokwenziwa abantu usuku nosuku kuyafana kanti into engiyifundile ngiyibona yenzeka njengoba injalo.”
Kukhona izinhlelo ezimbalwa uDavid ayingxenye yazo. Usanda kuqedela iDVD yakhe ethi I Did These Jokes 1st.
Okuningi okukuleyo DVD kwaqoshwa kuma-shows akhe awenza eLowveld. Ngabe uwathatha kanjani amahlaya akhe agxeka ubandlululo njengoba awenzela endaweni eshaya ngonyawo lonwabu uma kukhulunywa ngokwenza izinguquko?
“Phela ngingowaseKroonstad,” kusho yena ehleka. “Ucabanga ukuthi angazi lutho ngontamolukhuni?”
Uyakwazi ukuhlekisa
U-David ukwazi kahle ukuhlekisa abantu. Emva kokuphothula izifundo zakhe kwezobuciko azenza e-University of Cape Town, waqala ukuba ngusomahlaya ozimele wazakhela igama ngokuhlekisa abantu.
Ekufikeni kwakhe eGoli wasebenza kwiPure Monate kuSABC 1, ekanye nosomahlaya abanjengoKagiso Lediga noDavid Kibuuka.
Le show yadlala amasizini amathathu yagcina izale ifilimu ethi Bunny Chow eyenza ukuba abantu bawaqonde kahle amahlaya.
NgokukaDavid, ngamahlaya akuhlekiswa ngabantu. “Kufanele uvume amaphutha akho nobuthaka bakho uzihleke wena kuqala ngaphambi kokuhleka abanye abantu.”
Ngokusho kwakhe lokho kuyinto eyenzeka ngokwemvelo ongakwazi ukuthola kuyona amahlaya ozowasebenzisa.
“Kufanele ubheke impilo yakho ukuze uthole into enhle ozosebenzela phezu kwayo,” kusho yena.
Wathula kancane emva kwalokho wathi:
“Ngizoshada nomuntu ozalwa ngumZulu nomGreek. Lokho kuzongisebenzela kakhulu.”
– African Eye News Service/Lowveld Living
BONA ZULU – August 2007
Siziphumulele noDavid noThalia
KWESOBUNXELE: Indoda elethe amahlaya eLowveld.
KWESOKUDLA: U-David noThalia benza abakuthanda kakhulu...ukuchitha isikhathi ndawonye.
KWESOBUNXELE: I-God’s Window.
U-Rebecca Kahn wenza ukuba uDavid Kau athande indawo yaseLowveld
izithombe nguVANESSA GROBLER
BONA ZULU – August 2007
u
t
U-David ukwazi kahle ukuhlekisa abantu
BONA ZULU – August 2007
NGENHLA NANGAKWESOKUDLA: U-David noThalia bahlala bekhululekile uma bendawonye.
