zulu.2655.rugby
izithombe ngabakwaGALLO
Singoshampeni!
AmaBhokobhoko alethe indebe yomhlaba okwesibili kwachwaza isizwe…
KWAKUYIFAYINELI eyayinzima kodwake lokho akuzange kwethuse ngoba kuwo wonke amafayineli kuhlale kunjalo. Engikwaziyo wukuthi sasingeke siyiphinde iNgilandi ngesibhaxu sika-36-0 esayinika sona ekuqaleni kwalo mqhudelwano.
Kwi-World Cup yeRugby akusikho lapho uphonsa ibhola kude bese uthatha amashansi. Kulapho uzimisela khona ngenhloso yokuba enidlala nabo ningabaniki nelincane ithuba.
Okwamangaza kakhulu ngalobo busuku eStade de France eSt Denis budebuduze nendawo yaseParis, yindlela iSouth Africa eyawina ngayo kalula - ngaphandle kwesiwombe sokuqala nokuyilapho iNgilandi yathola i-try engazange ivunywe. AmaBhokobhoko ayevale ewudonga lukakhonkolo emumva kangangoba kwakungelula kuPhil Vikery nezakhe ukuba balubhodloze.
Okubalulekile kakhulu wukuthi iNgilandi sayipanisha ngamaphutha ayo. Kulokho sibonga uPercy Montgomery owafaka ama-penalty amane noFrancois Steyn owaba namaphuzu amathathu ekuwineni kwethu ngo-15-6.
Akusheshanga kwacaca ezigidini ngezigidi zabantu bakuleli ababehleli bebuka amaTV abo ngomhlaka 20 October ukuthi amaBhokobhoko kwakuzowahambela kalula kakhulu.
Kodwa kwavele kwacaca nakunoma ngubani ukuthi yiSouth Africa eyayiphethe lo mdlalo njengoba iNgilandi yayihluleka ukugqobhoza udonga emumva ekubeni namabhola ayo yayiwalahla.
Bonke abantu bakuleli babehleli bemincile imizuzu yonke engu-80 yomdlalo. Ephawula ngesikhathi bexoxa naye emva kokunqoba kwabo, ongukapteni wakuleli uJohn Smit uthi kubona injabulo yafana nokuthi bonke abantu bakuleli abayizigidi ezingu-45 ziyabahalalisela.
Ukuba khona kukaMongameli Mbeki nakho kwadlala indawo ebalulekile njengoba ayekanye nazo iziNsephe sezamukela indebe nezindondo enkundleni nangesikhathi sezise-change room sekuqhunyiswa ama-champagne.
Njengoba le ndebe yeWebb Ellis Trophy isibuyela eSouth Africa okwesibili, masethembe isifundo sizongena sigxile ezingqondweni zethu - ukuthi akuzona ezemidlalo ezihlanganisa isizwe kodwa wukuwina… [z]
BONA ZULU – December 2007
Niyawukhumbula umhlaka 20 October!
BONA ZULU – December 2007
