zulu.2650.kenya
BONA ZULU - August 2007
Kukhona iqembu eliphume umkhankaso wokubulala abantu eKenya - kanti kukhona abathi kulokho lesekwa yiziphathimandla zikahulumeni ezikhohlakele
Iqembu elibulala abantu
indaba nguKAREN CALABNA/AFP izithombe ngabe-AFP
Enye impi ephakathi kukahulumeni waseKenya neqembu leMungiki.
Baklajwa ngocelemba
UHLELI engadini yakhe eMuranga, eKenya uthunga ingubo nokuyinto ajwayele ukuyenza nsuku zonke. Lokhu ukwenza nje usilandisa udaba lwakhe. Wukuthunga kuphela osekubambe izinyembezi ukuba uMargaret Mugoiri angakhali lapho exoxa indlela umyeni wakhe abulawe ngayo yiqembu lamadoda ayehlome ngobhushu.
Wayesehlale nomyeni wakhe iminyaka engu-32. Uthi bamkhipha endlini bamhudulela emnyango bamusa emva kwendlu lapho bafike bamklabhela khona bambulala.
Amehlo akhe ayengacwayizi nhlobo lapho ekhumbula ukukhala komyeni wakhe ngesikhathi ebulawa.
Leli qembu elibulala abantu ngocelemba elaziwa ngokuthi yiMungiki, kulo nyaka ngoJune, lalibhekene ngeziqu zamehlo namaphoyisa - kanti uma ecabanga ngalo uvalo nokwesaba kubhalwa ebusweni.
Leli qembu lalizibandakanye ekubhemeni ugwayi wamakhala futhi kungabantu abasha ababelandela amasiko afana nokusokwa kwabantu besimame - kodwa njengamanje selizibandakanye nodlame lwezombusazwe, ukugcweleza abantu bomphakathi nasezenzweni zokubulala nokwesabisa.
"Angikaze ngiyibone into enjeyaya empilweni yami," kusho isikhulu esiphezulu emaphoyiseni aseMuranga esingathandanga ukudalulwa. "Asazi ukuthi laba bantu bangobani kanti futhi asazi ukuthi sizobalandela kanjani - wonke umuntu uyesaba."
Ukubulala kwabo
AbangamaMungiki - okuchaza iningi ngolimi lwesiKikuyu - basolwa ngokushumpula abantu abangaphezu kwabayisithupha amakhanda ngoJune kuphela kanjalo nokubulala abanye abangaphezu kwamashumi amathathu kubandakanya nezikhulu zamaphoyisa kusukela ngoMarch.
NgoJune amaphoyisa aseKenya abulala cishe abangu-21 ababesolwa ngokuba yingxenye yaleli qembu lababulali emijondolo yaseNairobi emva kokuba leli qembu leMungiki lalisolakala ekubulaweni kwezikhulu zamaphoyisa ezimbili.
Lolu dlame selugxekwe kakhulu eKenya nasezindaweni ezingaphandle kubandakanya iBandla lamaKhatholika namalungu omphakathi waseKenya asemazweni aphesheya.
UMugoiri, umyeni wakhe ongomunye wabane ababulawa ngalobo busuku eMuranga okuyindawo eqhele ngamakhilomitha angu-80 edolobheni laseNairobi namanje usenokukhulu ukwesaba ngenxa yokuthi kungenzeka leli qembu ligasele noma kunini futhi endaweni ahlala kuyo.
"Le ndawo inobugebengu, kodwa izenzo ezifana nalezi asikaze sizwe ngazo," kusho u-Alice Muthoni owayezokhalisa umakhelwane wakhe ngokulahlekelwa wumyeni wakhe.
Bakhohlakele
Lezi zenzo zeMungiki kucatshangwa ukuthi zidalwa yigebe phakathi kwabadla izambane likapondo nabahluphekayo kuleli lizwe elinabantu abangaphezu kwamaphesenti angu-60 abahluphekayo.
"Izenzo zabo zidalwa wukungalingani emphakathini wethu. Ngeke sivale amehlo sishaye sengathi asiboni abanye abantu sebesebenzisa udlame ukuze baziphilise," kusho uMburu Gitu wabeKenya National Human Rights Commission.
Abaningi bakholwa wukuthi abeMungiki babambisene nosopolitiki abanenkohlakalo kanjalo namaphoyisa - izikhulu njengamanje ziphenya abane ababengamalungu ephalamende abasolwa ngokuxhumana naleli qembu.
"Kunokucabangela ukuthi abanye babantu kuhulumeni bafuna ukugodla lezi zindlamlilo njengendlela yokuthola amandla," kusho u-Evans Monari ongumhlaziyi wezombusazwe.
"Ukuze kubonakale ukuthi unamandla kwezepolitiki e-Africa nakuleli lizwe, kufanele ushokobeze abantu," kuchaza yena.
Maduze nje uMongameli waseKenya uMwai Kibaki ukhiphe isinqumo sokuba kubulawe abeqembu leMungiki abagqugquzela ukubulawa kwabantu kulandela ukukhala kwabantu ngokuhluleka kukaJohn Michuki ongundunankulu wombutho wezokuvikela ukulawula leli qembu.
Ukuqedwa kwalo
"Ubugebengu bungaba yisizathu esingasihlanganisa nale nkinga," kusho u-Eric Kiraithe okhulumela amaphoyisa.
Amanye amaphoyisa ayengakazi ukuthi azoliqeda kanjani leli qembu elinamalungu esizwe samaKikuyu esikhulu kakhulu eKenya.
Ngokomthombo kahulumeni nowamaphoyisa, angu-3 000 amalungu aleli qembu - elasungulwa ngezidubedube zeMau Mau eyayilwa nokuphathwa abamhlophe ngeminyaka yo-1950.
Iningi labaseKenya lisenovalo ngelikubiza ngempi ephakathi kweMungiki nohulumeni.
"Sibhajwe empini okungesiyo eyethu," kusho umlimi waseMuranga ongathandanga ukudalulwa. Ungomunye wabantu ababa nesibindi sokuya edolobheni emva kosuku kuhlaselwe abantu.
"Ngihlala nginethemba ngikhulekela ukuthi laba bantu bangangihlaseli," kusho yena elungiselela ukuphindela ekhaya ngesikhathi abanikazi bezitolo bevala izitolo zabo ngaphambi kwesikhathi kungakafiki ukuhlwa.
"Mhlawumbe kusasa uzozwa ukuthi kushumpulwe elami ikhanda," kusho yena eya ekhaya.[z]
U-Margaret Mugoiri ethunga ngesikhathi esixoxela udaba lwakhe olubuhlungu.
BONA ZULU - August 2007
Amaphoyisa ebulala izicabha ebheka amalungu eqembu leMungiki.
u
t
BONAZULU - August 2007
Silwa impi engaqondene nathi
Umbutho wamasosha kahulumeni ugasela emizini okusolakala ukuthi ngeyamalungu eqembu leMungiki.
Nakuba abantu baseKenya behlukumezekile, bayesaba ukukhuluma ngeMungiki.
