Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Ukukhokha isondlo
Ukushintsha inani lesondlo
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Ukuba ngumzali
Umyalelo wokondliwa kwengane
Isimo
Umsebenzi wokondla ubekwa ngokulandlela ubuhlobo begazi, ukwamukela ingane engeyona eyakho ngokuzalwa (adoption), noma ukuthi abantu baganene.
Ingane kumele yondliwe noma inakekelwe ngu/ngo abazali bayo, ngisho noma bashadile noma kabashadile, abahlalisanayo, abehlukene, abadivosile, ababandakanya abazali abamukele ingane okungeyona eyabo ngokuzalwa ukuyinakekela; kanye/noma ogogo noma omkhulu wabyo, ngisho noma abazali babeshadile noma babengashadile. Kodwa lokhu, kuyehluka kudaba nodaba.
Umsebenzi wokondla ilunga lomndeni alipheleli nje ekondleni ingane. Ilunga lomndeni, ngisho noma lineminyaka emingaki, lingacela noma yiliphi ilunga lomndeni ukulondla, kodwa uma kuhlangatshezwane nezimo ezilandelayo:
Ilunga lomndeni elikleyima isondlo, lingakwazi ukuzinakekela ngokwalo.
Ilunga lomndeni lapho okufunwa kulo isondlo, likwazi ukuba kwisimo sokondla.
Ungafuna ukusekelwa ngesizathu esibambekayo ukunikeza ingane noma umuntu onelungelo lokondliwa ukuthi aphile kwisimo esifanele nokukhula okufanele. Lokhu kubandakanya ukuhlinzeka ngezinto ezifanele ezifana nokudla, okokwembatha nendawo yokuhlala kanye nokukhokhela imali yemfundo yangempela. Inkantolo ingakhipha umyalelo wokuthi ubaba akhiphe imali yezindleko zonakekelo lwengane ukusukela usuku eyazalwa ngalo ukufinyelela kusuku umyalelo okhishwa ngalo. Inkantolo inganikeza umyalelo wokuthi kukhokhelwe izindleko zemithi, noma inganikeza umyalelo wokuthi ingane ibhaliswe kwisikimu sonakekelo lwempilo ngemithi i-medical scheme somunye wabathintekayo kulolu daba. Ukuze inkantolo ikwazi ukukhipha umyalelo ofanele nolungile, bobabili kumele banikeze inkantolo ubufakazi bezindleko zabo.
Umbono wakho ngokuziphatha komunye umzali akunamthelela kwilungelo lengane lokunakekelwa. Kusafanele ukhokhe isondlo, ngisho noma ngabe omunye umzali usebuye washada;
akakuvumeli ukuthi ubone izingane; noma omunye kwababili ubuye waba nezinye izingane.
Umsebenzi wakho wokunakekela ingane awunamthelela kwilungelo lakho lokubona ingane, lokhu kuphatha njengezinto ezehlukene. Nangaphezu kwalokho, izingane ngakolunye uhlangothi azinamthelela womsebenzi wokudla. Kodwa, inani lesondlo okumele likhokhelwe lingashintshwa yinkantolo uma omunye kwababili elatha isicelo sokwenza lokho.
Ukuthola olunye ulwazi ngena kwi-website yoMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
Izinyathelo okumele zilandelwe
Yenza isicelo sesondlo enkantolo kamantshi kudistriki ohlala kuyo.
Uma ungabaza, inkantolo yendawo izokutshela ukuthi yiyiphi inkantolo okumele wenze kuyo isicelo sesondlo.
Nangaphezulu kwefomu eligcwalisiwe, nikeza ubufakazi bengeniso (bomholo) wakho wenyanga kanye nezindleko, okufane namarisidi okuthenga ukudla, ugesi kanye/noma ukukhokhela irente.
Inkantolo izobeka usuku lapho wena kanye nommangalelayo (umuntu ofisa ukuthi akhokhele isondlo) okumele niye ngalo enkantolo.
Isikhulu sezondlo kanye nomphenyisisi uzophenya ikleyimu yakho kanye nokubheka izimo zakho.
Inkantolo izokhipha amasamanisi (incwadi eyalela umuntu ukuyovela enkantolo) kummangalelwa (umuntu okufuneka kuye isondlo) ukuze avele ekantolo ngosuku oluthile ukuxoxisana ngodaba.
Ummangalelwa angakhetha uuthi avume ukukhokhela isondlo esifunwayo noma ukuya enkantolo ukuyophikisana nalolu daba.
Uma ummangalelwa evuma ukukhokha isondlo esifunwayo, umantshi uzobuyekeza amadokhumende afanele. Ebese ekhipha umyalelo, kanti futhi angathatha isinqumo sokwenza lokho ngaphandle kokuthi abathintekayo bobabili bavele enkantolo.
Uma umuntu okufanele akhokhe isondlo engavumi ukukhipha isondlo, kumele avele enkantolo, lapho khona okuzolalelwa ubufakazi obuvela kubo bobabili abathintekayo.
Uma ikantolo ithola ukuthi kumele akhokhe isondlo, ikantolo izokwenza umyalelo wokuthi akhipha malini. Inkantolo izobeka nokuthi isondlo sizokhishwa nini futhi kanjani.
Inkantolo ingakhipha umyalelo wokuthi imali ikhishwe ngenye yezindlela ezilandelayo:
Ehhovisi likamantshi wendawo, noma kwamanye amahhovisi ombuso abekelwe lenhloso
Kwi-akhawunti yebhangi noma kwi-building society yalowo muntu othintekayo
Ikhishwe iqondiswe ngqo kulowo muntu okumele athole imali
Ngomyalelo wokuthi imali kumele idonswe emholweni wommangalelwa, idonswe ngumqashi wommangalelwa, okumele akhokhele isondlo, ngokulandela umthetho wezondlo we-Maintanance Act, 1998
Imithetho nemigomo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Nizophathwa ngokulinganayo, ngobuntu kanye nesithunzi.
Izikhalazo zizobonelelwa ngokushesha ngendlela enomphumela ngendlela okungakhonakala ngayo.
Asikho isikhathi esibekiwe (esinqunyiwe) sale nkonzo (sale sevisi). Yonke inqubo, ukusukela ekufakelweni kwesicelo ukufinyelela lapho uthola khona imali yesondlo, ingathatha amaviki ambalwa, kuye ngokusebenzisana kwezinhlangothi zombili zabathintekayo.
Ofakazi abahambela ukulalelwa kodaba, okubandkanya abantu abafuna isondlo, bangathola imali ebekiwe yesondlo kanye nezindleko zokuhamba. Kodwa, inkantolo izothatha isinqumo ngokubona kwayo ukuthi ngabe lawo ma-alawensi azokhokhelwa umuntu owenze isimangalo nesicelo somyalelo.
Umuntu ocela isondlo kumele enze isicelo kusikhulu sezondlo ngokukhokhela imali yofakazi.
Izindleko (Imali ekhokhwayo)
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Xhumana naboMnyango wezoBulungisa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Ucingo:
Ikheli lendawo:
Ikheli leposi:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
