zulu.2639.KB
‘UBeyoncé wangephula umoya!’
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
izithombe nguBRETT FLORENS
iziphaqulo nezinwele nguBONGI MLOTSHWA
U-KB wafika eKZN bezohlala isonto ngesikhathi beqopha umdlalo weSABC 1 othi Mtunzini.com nokuyinto ayithokozela kakhulu.
“Sonke thina baculi baseGoli siyathanda ukuza olwandle ikakhulu eThekwini ngoba kumnandi. Siyazama ukuzinika isikhathi sihleli kule ndawo sizijabulise siye emaphathini,” kusho yena ehleka.
Akulula ukusho ukuthi yiyo le ntokazi okwadingeka ukuba ithathe ikhefu leminyaka emibili ngenxa yokuba izinto zazingayihambeli ngokwezifiso zayo.
Kukho konke, okumthokozisa kakhulu wukuba yingxenye yekontilaki yabezobuhle bakwaRevlon iFace Of Charlie.
“Samkhetha ngoba edumile futhi muhle,” kusho uToni Shuping wakwaRevlon. “Sikholwa wukuthi uyakwazi ukunika isithombe sabesimame abancane abaphokophele impumelelo.”
Kodwa le ntokazi esencane ayikona lokhu ongakulindela kuPhaphama nokuyindawo eyidlala kuMtunzini.com emva kokushiya kwiBackstage.
“Ekubuyeleni kwami futhi emidlalweni kamabonakude ngangifuna into eyayizongenza ngikwazi ukukhombisa abantu ukuthi ngiyakwazi ukuzinikela ekudlaleni nokuyiyonanto eyenziwa wuPhaphama. Usanda kuphuma othandweni olungeluhle, nokuyilapho ayengaphathekile kahle kanti kumanje usekwezamabhizinisi ngenhloso yokuzisimamisa.
“Ngicabanga ukuthi nginesibindi kunaye kodwa futhi sobabili sicishe sifane ngokuzenzisisa izinto esizenzayo,” kusho uKB.
Ukuzilungiselela ukushaya ibuya kumthathe cishe uKB izinyanga ezibuza eziphendula.
“Ngaleso sikhathi ngangingakasimami kule mboni. Ngo-2003 uKB wabe esengundabize-kwayo noma kuphi - eziteshini zokusakaza, emaphepheni kwiTV nasezikhangisweni zama-movie nokuyinto engabanga lula kodwa eyenzeka ngokushesha,” kusho yena.
Emzabalazweni wokufuna indlela eya phambili, uKB wahlangabezana nembibizane. Wamenywa ukuba abe ngomunye wezihlabani zakuleli kwiDivas Unite Against Hunger, okwakukhona kuyo uBeyoncé. Njengezinye izihlabani zakuleli ezifana noTK, Tamara Dey, Bianca Le Grange noPoseletso, uKB naye wenza konke okusemandleni ukuba azilungiselele. “Ngaqasha abadansi abaphambili ngenza konke okusemandleni ukuba sishaye into ecokeme. Kodwa sasingavunyelwe ukusebenzisa ibhendi, kwakuvumeleke ama-backtrack nokwakuthi lapho kuphela isikhathi sakho kuleyo ngoma bavele bakunqamule kabuhlungu.
“Kwenye indawo esteji sasingavunyelwe - ngoba yayibekelwe uBeyoncé.
“Wayephathiswe okwendlovukazi endaweni yethu. Thina saphathiswa okwezibi singavunyelwe ukuhlala ngemumva esteji emva kokucula, kuthi lapho uma sifuna ukubuka i-show kudingeke ukuba siyoma nezihlwele.
“Ngafunga ngagomela ukuthi ngeke ngiphinde ngicule esteji nabaculi baphesheya.”
Kungani pho emva kwalokho wabonakala no-Eve ne-Busta Rhymes kwi-Arts Alive ngoSeptember eGoli nyakenye?
“Lapho kwakumnandi kwehlukile,” kusho uKB. “Kusukela ngesikhathi besicela, ophromotha bakhona basiphatha ngenkulu inhlonipho bangivumela nethimba lami labantu abangu-29 sahlala ehhotela elilodwa neBusta Rhymes kanjalo nasengqungqutheleni yabezindaba.”
U-KB yena wathola okungaphezu kwayekulindele ngesikhathi imenenja ka-Eve ibuza eyakhe ukuthi labaculi bangacula yini ingoma eyodwa ndawonye kwi-show.
“Lokho kwakhombisa ukuthi abaculi bakuleli bangadlala kahle kanjani nokuthi bangazibonakalisa kanjani kwi-show. UBeyoncé uyohlale eyisihlabani ngenxa yabaculi abaphezulu abacula bemlekelela - uma nathi singakhuphuli amasokisi, sizozithola sesithathwa njengabaculi abaphansi yize kungenjalo.”
Ngesikhathi uKB esanyamalele emphakathini, wabona ukuthi uzogcina esedlala abantu engaziniki isikhathi ekutheni azi ukuthi yena qobo lwakhe uthokozile yini mhlawumbe ngendawo ethile ayidlalayo, iculo noma yini ayicabangayo.
Le nkulumo enqala uyisusela ebhizinisini ake azama ukulakha kule minyaka edlule. Wasungula inkampani yokuqopha iMathemo Records nomkhwenyana wakhe uTerry Pinana ombhalela umculo nemenenja yakhe uKing “Beatmaker” Phatedi-Mphahlele.
“UKing ungikhombisile futhi ukuthi akufanele ngivume noma yiziphi izicelo zomsebenzi eziqhamukayo, kodwa kufanele ngizibuze ukuthi ngabe ngiyazifuna yini nokuthi zizohambisana yini nezinhloso zami,” kuchaza yena.
“Lesi iseluleko esihle kakhulu ngoba ukukhetha, yikho okubukeka kukulethela umsebenzi okufanele nabantu abafanele.”
U-KB uzibona hhayi njengomuntu nje kodwa njengomuntu obalulekile ongaba wusizo afake ugqozi abaningi ngezindlela eziningi ezahlukile - kusukela eziphaqulweni, emotweni, ezinkampanini zezimoto nezezimfashini kuya kophromotha bomculo.
“Ngihlale nginesifiso sokuba bonke abaculi nabadlali bebhola bangakhumbula ukuthi babaluleke kangakanani - ngaphambi kokuba baqale bazifake otshwaleni nasezidakamizweni ngoba lokho kubulala isithunzi sabo nabakwenzayo.
“Abadlali bebhola kufanele bacabange ngokuthi bathola malini ngomdlalo, yibaphi abaxhasi abangabaheha - konke ngenxa yezinyawo zabo nokuthi bagijima kangakanani. Emva kwalokho bazokwazi ukubona ukubaluleka kwabo.”
Lena yiyona into uKB ayaziyo ngisho nasekuwineni kwakhe imiklomelo yeMetro FM ngo-2002 nango-2003 nomklomelo wamaSAMA ngo-2002, ukubaluleka kwakhe kuyadlondlobala - nokuyinto acabanga ukuthi ukubonga kwakhe akusoze kwenela.
“Ukuwina kwami umklomelo weMetro FM ngasekupheleni konyaka odlule kwangifikisela umuzwa omkhulu kunakho konke esengake ngakuwina. Kwakungesiwo owami - kwakungowethimba lami lonke - abaculi, abadansi, ophrojusa, abaqopha i-video, wonke umuntu owangisiza ukuba ngiphinde ngikwazi ukuba phezulu.
“Ngangiqala ukukhala ngikhaliswa yinjabulo ekutholeni umklomelo.”[z]
U-KB ushaya ibuya
U-KB Motsilanyane kuphele iminyaka emibili engabonakali futhi kungazwakali lutho ngaye engumuntu okhathazekile - njengamanje le ntokazi ishaye ibuya kanti ivutha bhe kunakuqala!
BONA ZULU – April 2006
NGENHLA: “UBongi nguchwepheshe weziphaqulo ongenza ngibukeke kahle.”
NGENHLA KWESOKUDLA: Esezimobeni … (i-Top: Woolworths; isikhindi: Stuttafords; amacici: Simply Divine.)
BONA ZULU – April 2006
Ucabanga ngomculo
U-KB waqala umculo neqembu le-kwaito nokuyilapho abaningi ngokusho kwakhe “babengithatha njengomculi weR&B kwi-albhamu yami yokuqala ethi Beautiful Vibrations, kodwa izingoma eziningi zazingeyona iR&B.”
I-albhamu yakhe yesibili ethi Rock Lefatshe, yayinesigqi se-rock kanti eyakamumva ethi El Musica, inesigqi esifuze esaseMelika. U-KB ngokwakhe uthe, “Ngisafuna isigqi okuzokuba ngesami kuphela.”
Uyathanda ukulalela izihlabani ezifana noLetta Mbuli noMary J. Blige – nokulalela iMessiah kaHandel emenza akhumbule ekhaya.
“Abazali bami babedlala umculo we-classic - nathi sasihlale sicula nezingane zakithi eziyisithupha,” kusho kukhumbula yena. “Ngisho nomshana wami oneminyaka engu-9 uyakwazi ukucula iMessiah.”
ESIKHULU: “Ngifika ngiziphumulele olwandle,” kusho uKB. (i-Top: Woolworths; isikhindi: Stuttafords; amacici: Simply Divine.)
KWESOBUNXELE: Waze wamuhle… (i-Top: Woolworths; isiketi: Stuttafords; umgexo: KZNSA Gallery; amacici: Simply Divine.)
t
Ubuyela ezimpandeni zakhe
Ukubuyela kwakhe ekhaya eSaulspoort, lapho azalelwa khona uKeabatswe eyolungisa anakekele amathuna ogogo nomkhulu bakhe nokuxhumana nezimpande zakhe yizinto ezibalulekile kuKB.
“Ukuxhumana nekhaya yinto ebalulekile - kufana nento ekuvikele. Ngiyajabula ngoba ngisayibona ‘intombi endala’ eyayingixosha ithi angiye esikoleni noma ngisakwazi ukukha iwolintshi esihlahleni sikagogo - lokho kubaluleke ngaphezu kokuthenga umtsholwane esuphamakethe.”
Kungakho kwakubalulekile kuKB ukufaka inkondlo yomndeni wakhe ethi The Roots, kwi-albhamu yakhe yakamumva - nokuyilapho kucula khona nomama wakhe.
“Ukuze ngithole ukuthi ngingubani, kubalulekile ukwazi ukuthi ngiphuma kuphi - lokho ngikwaze kangcono ngokusebenzisa inkondlo kuleyo ngoma.”
BONA ZULU – April 2006
Saphathiswa okwezibi!
KUDE KWESOBUNXELE: “Aze afudumala amanzi!” (i-Top: Woolworths; isikhindi: Truworths; ubucwebe: Simply Divine; izicathulo: ezikaKB.)
KWESOBUNXELE: “Ngiyazifela ngale ndawo!”
