zulu.2622.mob
Siyaziphindiselela!
BONA ZULU - June 2007
Ngabe leli yikusasa "lokuphoqelelwa komthetho" eSouth Africa njengoba ziya ziba ziningi izakhamuzi eziziphathela umthetho ngezandla ekungasebenzini kahle kwamaphoyisa nokungabi namdlandla kukahulumeni ekuqedeni ubugebengu"
Iningi labantu bakuleli liyaphoqeka ukuzivikela ekugqekezelweni nakobunye ubugebengu, ngesikhathi uhulumeni nabeSAPS kungekho abakwenzayo ukuqeda izinga lobugebengu eliphezulu
indaba nguTEDDY GOMBA
SEKUYINHLALAYENZA. Iqembu labesilisa elalihlomile langena kwenye yezindawo zokucima ukoma endaweni yase-Emmarentia eGoli nokuyilapho abantu beziyela khona nabangani ukuyothiba ukoma emva komsebenzi.
Ukukhombisa ukuthi laba bantu babengamagwala kanjani - baqale bashaya ababeziphuzela ngezibhamu.
Omunye kwababephuza, kwakuyiphoyisa elalingekho emsebenzini lizihlalele nentombi yalo nayo eyiphoyisa. Lo mlisa wayengahlomile kodwa intombi yakhe ihlomile.
Yamdlulisela isibhamu ngaphansi kwe-counter, waqala wadubula.
Leli phoyisa ladubula abaphangi abathathu. Imoto ababaleka ngayo abasinda yayintshontshiwe ngalo lolo suku - yabaleka isihamba ababili.
Ngaphambi kokubiza amaphoyisa, ababeziphuzela kule ndawo bama eduze kwezigebengu ezase zifile, baqedela utshwala babo baqhubeka bazincokolela. Emva kwesikhathi oyedwa watshela iphepha ukuthi: "Bafa kancane, kancane, nathi sonke sama eduze kwabo sibahleka."
Ezweni lonkana, abantu bayaphoqeka ukuziphindiselela njengoba ubugebengu bukhula futhi bungasalawuleki.
"Izehlakalo ezifuze lesi zenzeka masonto onke," kusho uBuyani Tshehla oyisikhulu kwezobugebengu nezobulungiswa kwabe-Institute For Security Studies.
"Lolu hlobo lwesigameko, nokwenzeka kwaso, kuyehluka esikhathini esehlukene onyakeni," kusho yena.
Ngaphambi kukaDecember, ukwenza isibonelo, izigebengu kulapho ziqola abantu abaningi, nezenzo zokuziphathela umthetho ngesandla ziyakhula.
"Abantu bakhathele wubugebengu kangangoba sebeqale ukujikela ekubulaleni ukuze bavikele izimpilo zabathandiweyo babo," kusho uTshehla.
"Ezigigabeni eziningi uthola ukuthi kunochunge lwezehlakalo, amaphoyisa ehluleka ukuba asebenze ngazo."
Ukuziphindiselela kuvame ukwenzeka emva kokuba isigebengu sibanjwe oqotsheni, sishaywe kabi, sikhandwe ngamatshe noma sibulawe yizakhamuzi ezithukuthele.
"Lezi zenzo azikhombi nje kuphela ulaka nokucasuka komphakathi, kodwa futhi zikhomba ukwesaba," kusho uTshehla.
Ukuba nodlame
Abaningi sebecabanga ukuthi akusho lutho ukubikela amaphoyisa. Izibalo zizikhulumela ngokwazo.
Ngokwezibalo zamaphoyisa, angaphezu kwengxenye yesigidi amacala okugqekeza noma okuqola abikwa emaphoyiseni nyakenye, ekubeni abantu abangu-18 528 babulawa. Ucwaningo lwakamumva lwabeNational Prosecuting Authority lwathola ukuthi yiphesenti elilodwa kuphela lezigigaba zokugqekeza ezabikwayo, nokungamacala aya enkantolo.
Lokhu kusho ukuthi izigigaba zokugqekeza ezingu-495 000 namacala okubamba inkunzi awazange axazululwe.
"Ubugebengu bugqama ngesikhathi umenzi wabo ebanjwa," kusho u-Andre du Toit, ongumqondisi wezokuShushiswa koMphakathi osabambile eFree State.
Kodwa amathuba okubamba abagqekeza imizi awekho.
Ngokuka-Du Toit, ukubamba inkunzi ngelinye lamacala anzima angavamile ukubikwa emaphoyiseni.
Ubugebengu eSA buya buqhubeka - futhi buhambisana nesihluku.
UPhuti Setati uthi akukho ukuthethelela kubantu abaziphathela umthetho ngezandla zabo.
"Uma abantu bengathokozile ngendlela amaphoyisa aphatha ngayo amacala abo, lezi zinkinga bangazibika kubaphathi beziteshi zamaphoyisa noma babike ezinhlanganweni zomphakathi ezibambisene namaphoyisa okungama-community-policing forum," kusho yena. Ngabe yena useke wakuzama ukukwenza lokhu njengelungu lomphakathi"
Wexwayise labo abaziphathela umthetho ngezandla ukuthi bangase bagcine ejele.
"Kufanele sikhuthaze imiphakathi ukuba izibike izenzo zobugebengu. Bangabikela amaphoyisa ngaphambi kokuba ubugebengu benziwe ngoba bahlala nazo lezi zigebengu, kanti kuvamile buhlelwe nabo bekhona," kusho uSetati.
USetati kubukeka engenalwazi lokuthi kukhona umehluko omkhulu phakathi "kobulungiswa balabo abangoqonda" nokuzivikela, njengakulesi sigigaba sase-pub esisibalulile, nakwezinye lapho abantu bakuleli bezithola besatshiswa amagwala ahlomile.
Ucwaningo lwangoFebruary kulo nyaka lwakhombisa ukuthi abantu ababili kwabathathu babona ukuthi uhulumeni wenza okuncane kakhulu ukulwa nobugebengu kunokufanele ngabe uyakwenza.
"Iningi labantu bakuleli abaluqondi uhlelo lwezobulungiswa," kusho uBuyani Tshehla.
Ngokuvamile abantu bacabanga ukuthi umuntu obekwe icala ongaphandle ngebheyili usuke esekhululiwe. Ukwenza isibonelo, esigamekweni saseDebe Neke eduze kwaseKing Williams Town e-Eastern Cape, iqulu labantu elalithukuthele ligane unwabu, labulala indoda eyayilindele ukuqulwa kwecala lokubulala nokudlwengula phezu kwemizamo yamaphoyisa yokuchaza isimo kulelo qulu.
UChristiaan Bezuidenhout oyi-senior lecturer enyuvesi yasePitoli ophikweni lwenhlalo yomphakathi nobugebengu uthi ukushoda kwezikhulu zamaphoyisa yikho okwenza kube nzima ukubhekana namacala afana nokudlwengula nokuphanga.
"Ukwethembana phakathi kukahulumeni nabantu sekuyonakala, akwanele okwenziwayo ukulwa nobugebengu," kusho yena.
"Umbutho wamaphoyisa kumanje ulahlekelwa amaphoyisa amaningi kunalawo owaqashayo."
Okunye okwethusayo okwenziwa uhulumeni, wukuthatha isibopho sawo sokugcinwa komthetho usethwese izimboni ezizimele.
Empeleni umphakathi kulindeleke ukuba uzivikele.[z]
BONA ZULU - June 2007
Ubugebengu eSA
u
t
Ukungabi nalwazi
Luthini uvo lwakho"
Ngabe uhulumeni unalo ilungelo lokulwisa abantu bakuleli "abaziphathela umthetho ngezandla" ukuze bazivikele nabathandiweyo babo, njengoba uhulumeni ngokwawo ubukeka wenza okuncane ukulwa nobugebengu"
Yini engenziwa ukulwa nezinga lokukhula kobugebengu ezweni lethu"
Masizwe uvo lwakho, sibhalele. Ikheli lithi: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060.
UKenny Nkuna wasePretoria washaywa waze wafa emva kokusolelwa ukuqola.
