zulu.2605.BEC events
Yiba yingxenye yezokuvakasha, utshale izimbali nama-vegetables
INHLOSO yeBONA Empowerment Club wukukhuthaza abafundi ukuba bavule amabhizinisi abo. Abantu baseSouth Africa akufanele babe mpofu kanti kuyinjongo yethu ukuqinisekisa ukuthi uhlome ngolwazi olufanele.
NgoJuly i-Empowerment Club iyobe iseMisty Hills Country Hotel eMogale City.
Wina nge-Aranda
THENGA obhulankethi bakwa-Aranda babe baningi ngesaphulelo ubadayise uzitholele imali.
1. Iya kwi-workshop noma kwi-forum yeBona Empowerment Club.
2. Thola ifomu enemithetho onga-oda ngayo kunoma yimuphi umcimbi.
3. Funa amakhasimende ongawadayisela ngokuxhumana nabantu. Ungabadayisela nakuma-spaza shop noma ezikoleni.
Uma ungeke ukwazi ukuya emicimbini yethu shayela uJerminah Tseise wakwa-Aranda ku-011-693-3721 umcele akuthumelele imininingwane nge-fax. Abakwa-Aranda neBona Empowerment Club bazoba nama-workshop ebhizinisi lokudayiswa kobhulankethi kulo nyaka.
Ukuze abakwa-Aranda bazokhombisa bacacisele abestokifela sakho ngobhulankethi babo, shayela iRevue Liaison kule nombolo:
011-883-8829 ukuze ubhuke.
BONA ZULU – July 2007
Pudding
250g ama-dates
5ml i-bicarbonate of soda
250ml amanzi abilayo
80g imajarini ethambile
130g ushukela onsundu
5ml i-vanilla essence
2 amaqanda
225g iSasko Self-raising Flour esefiwe
50g i-pecan nuts eqotshiwe
Toffee Sauce
130g ushukela onsundu
60g imajarini encibilikisiwe
250ml ukhilimu
1. Endishini, hlanganisa ama-dates ne-bicarbonate of soda. Thela amanzi abilayo, ukuyeke imizuzu engu-20 kuze kuthambe ama-dates.
2. Kwenye indishi, hlanganisa imajarini, ushukela ne-vanilla.
3. Shaya amaqanda, elilodwa ngesikhathi ufake engxubeni, faka isipuni sikafulawa uma ingxube ingashubile.
4. Thela ufulawa osele, i-pecan nuts nengxube yama-date.
5. Faka endishini esetshenziswa kuhhavini engu-20 x 30cm. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-180oC imizuzu engu-30-40.
6. Usosi: Epanini, hlanganisa ushukela, imajarini nokhilimu. Bilisa kugxabhe imizuzu engu-5.
7. Khipha u-pudding kuhhavini, thela usosi. (Seva nokhilimu noma u-ice-cream.)
Kwanela abangu-6
ABAKWA-SASKO Flour babalwa kubaxhasi bama-workshop eBONA Bake and Cook for profit kanti bebematasa bekhombisa amalungu eBONA Empowerment Club ukuthi kulula kangakanani ukubhaka okunambithekayo.
Yiba kanye nathi kwiBONA Empowerment Club ubone ukuthi ukubhaka kungakulethela inzuzo engakanani.
Khumbula ukuthi iSasko Flour yenziwe ngokolweni wakuleli nowakwamanye amazwe oyikhwalithi. Sekuphele iminyaka eyevile kwengu-70 iSasko Flour yenza ukuba sibhake okumnandi.
Umndeni wakho uzokuthokozela okwehla esiphundu kulobu busika - ngabe ikhona indlela egcono ongawujabulisa ngayo edlula amaresiphi eSasko Flour?
Kuyintokozo ukubhaka ngeSasko Flour
Easy Sticky Toffee Pudding
I-Mageu isiza abamabhizinisi
I-MAGEU Number 1 isaqhubeka nokuhlomulisa osomabhizinisi abasafufusa ngeBusiness Start-up Awards eyenzelwe ukubakhuthaza, ibathuthukise ibaklomelise.
Njengoba kunemali engango-R50 000 ezowinwa kulo nyaka, obashaye emakhanda uzowina u-R15 000, owesibili awine u-R7 000 owesithathu athole u-R4 000.
Abangu-12 abafinyelele kowamanqamu bazowina u-R2 000 umuntu emunye.
Owokuqala owafinyelela kowamanqamu nguBuyani Mbongwe waseThekwini owavula iBulethu Contractors ngo-2004. Ufuye izinkukhu
kanti ubuye aphekele umphakathi waseSeaview eThekwini.
Ukuze uwine, thumela imininingwane yebhizinisi lakho kwabakwaMageu Number 1. Bhala igama lakho, inombolo ye-ID neyocingo ufake ne-barcode yeMageu Number 1 emngenelweni wakho uwuthumele kuleli kheli: Mageu Number 1 Business Start-Up Awards, Box 3858, Rivonia, 2128.
Abazowina nyangazonke bazothola imiklomelo yabo emicimbini yethu bakhishwe nakuBONA. Amafomu okungenela nemininingwane kutholakala kule-Website: www.empowermentclub.co.za
UBuyani Mbongwe owawina eThekwini.
Imititilizo kwaSavellsFairdeal
UMA ufuna ukuthenga ifenisha nezimpahla zikagesi bheka okubiza kahle.
KwaSavellsFairdeal uthola uchunge lwezimpahla ezibiza kahle. Yonga ngokuthola imikhiqizo emibili noma ngaphezulu ngenani lowodwa.
Khetha ifenisha yase-bedroom, yase-lounge nemisakazo namaTV. Vakashela kwaSavellsFairdeal namuhla wonge, uthole incazelo egcwele nangeminye imititilizo esesitolo.
Umncintiswano weCommunity Builder!
n Ngabe ukhona umuntu omaziyo endaweni yangakini okhuthaza athuthukise umphakathi?
n Ngabe nawe usebenza emphakathini uyawuthuthukisa ukuze izimpilo zabantu zibe ngcono?
n Uma kunjalo, ngenela umncintiswano wethu ngokusithumelela imininingwane yakho kuleli kheli: SavellsFairdeal Community Builder Competition, Box 1300, Rivonia, 2128. Ungasithumelela futhi neyalowo omkhethile nge-fax eya kuPuleng kule nombolo: 011-883-8830.
Indlela yokukhethwa kwabawinile
Kwi-forum ngayinye kuzomenyezelwa iSavellsFairdeal/BONA Empowerment Community Builder. Lowo muntu kanjalo nomkhethile bazowina imiklomelo emangalisayo yabakwaSavellsFairdeal.
I-Glenryck - inomsoco!
Kwanela abangu-4 - 6
QINISEKA ukuthi umndeni wakho uphila kahle ngokuwunika isidlo seGlenryck. I-Glenryck eyinhlanzi esethinini ithakwe nge-Omega-3 fatty acids, i-calcium nama-protein ukuze abathandiweyo bakho baphile kahle ikakhulu ebusika.
1 x 425g ithini lenhlanzi iGlenryck eneTomato Sauce
2 amazambane acwecwe aqotshwa
usawoti ne-freshly ground black pepper
1 iqanda elishayiwe
1 u-anyanisi oqotshiwe
2 izipuni i-parsley eqotshiwe
1 isipuni ujusi kalamula
ufulawa
uwoyela
1. Cwenga ubonde inhlanzi, ubeke usosi.
2. Pheka amazambane emanzini anosawoti. Cwenga ubonde, faka usawoti no-pepper.
3. Hlanganisa inhlanzi, amazambane, iqanda, u-anyanisi, i-parsley ne-lemon juice. Nonga ngosawoti no-pepper.
4. Ebhodini elivuvuzelwe ngofulawa, yenza ama-patties. Wabhuqe kahle ngofulawa.
5. Thosa kube nsundu. Beka kwi-paper towel.
Seva nososi ne-mixed salad.[z]
Khetha iFirst Choice
I-WOODLANDS Dairy yaqala ukukhiqiza imikhiqizo yayo kusukela ngo-1996. Khetha iFirst Choice! Zama iFirst Choice Long Life Custard, Butter, Cream noShizi.
Sibhalele kuleli kheli: First Choice/BONA Recipe Competition, Box 1300, Rivonia, 2128, usinike igama lakho, isibongo nenombolo ye-cellphone nekheli lasekhaya ukuze sikumeme komunye wemicimbi yethu endaweni yangakini, kungenzeka uziwinele ihampa ka-R200 kulowo mcimbi.
BONA ZULU – July 2007
Ingqikithi yeBona Empowerment Forum:
Imicimbi kaJuly
Ezokuvakasha, ukutshalwa kwezimbali nama-vegetables
U-Calvin Koketso Seerane, imenenja yaseMogale City.
Indawo: Misty Hills Country Hotel & Conference Centre, 69 Drift Boulevard, Muldersdrift
Usuku: ULwesine, 26 July 2007
Isikhathi: Fikani ngo-6.30pm ukuze siqale ngo-7pm
Indlela yokugqoka: Bukeka kahle/uvunule ngokwesintu
Imali: R30 umuntu. (Eyokudla neyezipho ibaliwe. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.)
Kukhokhwa emnyango ngalobo busuku.
UKUZE UBHUKE SHAYELA U-PULENG KULE NOMBOLO: 011-883-8829 NGEZIKHATHI ZOMSEBENZI
Bake & Cook For Profit Workshop
Indawo: Misty Hills Country Hotel & Conference Centre, 69 Drift Boulevard, Muldersdrift
Isikhathi: 9 ekuseni kuze kube ngu-1 emini
Usuku: ULwesihlanu, 27 July 2007
Imali: R20 umuntu. Kukhokhwa emnyango
UKUZE UBHUKE: Shayela uPuleng kule nombolo: 011-883-8829 (ngezikhathi zomsebenzi).
Oyosithokozisa nguPress
U-Vicky Kubheka – umethuli weBake & Cook for Profit ongumpheki owaziwayo eSoweto.
