zulu.2589.baseball
Amadayimani akhazimulayo
Nakuba inkundla yabo kwakuyindawo yokulahla udoti, lo mdlalo uyabasiza baxoshe indlala
BONA ZULU – May 2008
Bamatasa bayaziqeqesha.
ZIBANDAKANYE
USIZI nokuhlupheka ngeke kume endleleni kaThembokuhle Majwede (16). Akumkhathazi ukuthi inkundla abaziqeqesha kuyona yindawo esetshenziswa njengeyokuchitha udoti - kuyena okubalulekile wukudlala i-baseball.
Iningi labafana abangangaye likhonze ibhola kanti linesifiso esisodwa sokuzibona begijima kwiBafana. Kodwa uMajwede yena ungomunye walabo badlali abambalwa basemalokishini aseCape Town abazikhethela i-baseball.
UMajwede udlalela iPhilippi Angels Baseball Club, nokuyilona kuphela iqembu laselokishini elingaphansi kweBaseball Association Of The Western Cape.
Leli qembu lasungulwa ngo-2006 emva kokuba ongumqeqeshi omkhulu uNyameko Gabada asuka ePaarl wathuthela ePhilippi.
Nakuba iSA inalo iqembu lesizwe le-baseball, kodwa lo mdlalo ngomncane kakhulu uma uwuqhathanisa nowamaqembu ebhola amaningi eLanga, Gugulethu, Nyanga, Philippi naseKhayelitsha. Leli qembu iPhilippi Angels linabadlali cishe abangu-80.
Leli qembu bekungelula ukuba lithole imidlalo ebelizoyidlalela ekhaya, kudingeke ukuba lihambe liyodlala kwezinye izindawo.
Lawina ku-U12 naku-U14 kwiligi yeBaseball Association Of The Western Cape ngo-2006.
Kulo nyaka leli qembu lithole imvume yokudlala namanye amaqembu enkundleni yalo eseMarcus Garvey ePhilippi okokuqala ngqa. Lokhu bakwenza ngempumelelo njengoba bawina imidlalo emine kweyisithupha.
Ukubekezela
UMasixole Jack odlala ku-U16 uthi waphoqwa wumngani ukuba ajoyine iqembu lama-Angels emva kokusungulwa kwalo.
“Ngangingazi lutho nge-baseball kodwa ngazitshela ukuthi kufanele ngibekezele ngiyifunde kancane kancane.
“Ngajoyina ngoba ngifuna ukuzama enye into eyehlukile.” Ongumdlali wama-U10 uMpumelelo Fumba uthi kuhle ngoba amanye amaqembu asevumile ukudlala nama-Angels adlalele enkundleni yawo “okulahlwa kuyo udoti”.
“Ngesinye isikhathi siye sibe namahloni - kodwa isimo senkundla siya ngokuba ngcono,” kusho uFumba owaqala ukudlala i-baseball ngonyaka odlule emva kokubuka omunye umdlalo.
“Inhloso yami wukuba ngidlale emazingeni esifunda emva kwalokho ngidlalele iqembu lesizwe,” kusho yena.
Nakuba uFumba, Jack nabanye abadlali bazi ukuthi bayaphoqeka ukudlala enkundleni engekho esimweni esifanele, kodwa abalandeli babo bona abakuboni lokho.
Kunalokho babongela iqembu labo balikhuthaze becula izingoma bememeza.
Umzali uMtati uthi kumthokozisa kakhulu ukubona indodana yakhe eneminyaka engu-11 idlala i-baseball.
“Manje sesizokwazi ukubuka yonke imidlalo yaleli qembu elizoyidlalela ekhaya,” kusho yena.
Ukuzinikela
Lona yiwona moya uNyameko Gabada ayezimisele ngawo ngesikhathi eqala le kilabhu.
Waqaphela ukuthi abantu abasha endaweni ayikho into abayenzayo emva kokuphuma kwesikole. Njengoba i-baseball kwakungumdlalo wakhe, uthi wacabanga ukuthi kungakuhle ukuba afundise laba bantu abasha.
“Abadlali bavame ukufika ejimini belambile mhlawumbe bengenazo nezicathulo zokuziqeqesha,” kusho yena.
“Ukuphumelela kulo mdlalo kulele ekuzinikeleni nasekuzihlonipheni,” kusho u-Ian Edelstein ongu-programme director kuleli qembu.[z]
INDABA NGUSANDISO PHALISO IZITHOMBE NGUNEIL BANES / WCN
UMansurul’hag Peters (16) ebheke ibhola ngabomvu amehlo.
◄
Udlalwa kanjani
Azi ngalo mdlalo omkhulu waseMelika
I-baseball wumdlalo odlalwa nge-bat nangebhola phakathi kwabadlali bamaqembu amabili anabadlali abangu-9. Inhloso ye-baseball wukuba iqembu elisebenzisa i-bat likwazi ukufaka ama-run ngokushaya ibhola emva kwalokho bagijime ukuze bakwazi ukuthinta ama-marks amane abizwa ngama-bases okuyiwo abekwa emakhoneni.
Njengekhilikithi abadlali eqenjini elilodwa bayashintshana ngokushaya ibhola kuthi abelinye iqembu bazame ukubavimba ekufakeni ama-runs ngokukhipha abashayayo.
Lokhu kubandakanya ukubamba ibhola ngaphambi kokuba libhampe noma kwenzeka oshayayo egeja amabhola amathathu, okubizwa ngokuthi yi “striking out.”
Emva kokushaya ibhola, umdlali uyagijima nokwenza nabanye bagijime.
Abangama-filders bangakhipha oyedwa wabo ngokumthinta ngebhola engakayithinti i-base.
Njengo-six wekhilikithi nakulo mdlalo utholakala ngokuba oshaya ibhola alishaye liye kude liphume enkundleni.
Ukushaya kweqembu elilodwa kunama-inning - kanti angu-9 emdlalweni.
THANDI ZULU
BONA ZULU – May 2008
▲
BONA ZULU – May 2008
I-Baseball yasungulwa eNorth America nge-18th Century kusetshenziswa ama-bat amadala nemidlalo yamabhola - njengama-rounders afika eMelika nababaleki baseBrithani nase-Irish.
Ngu-Alexander Cartwright waseNew York okwathi ngeminyaka
yo-1840 washintsha i-“soft ball” eyayisetshenziswa kuma-rounders wayenza ibhola elincane eliqinile. Imithetho ayisungula lapho yaba yingxenye ye-baseball yanamuhla.
THANDI ZULU
Umqeqeshi uNyameko Gabada ekhuthaza iqembu lakhe.
UTHI UBUWAZI?
“Ukuphumelela kulo mdlalo kulele ekuzinikeleni nasekuzihlonipheni”
