zulu.2577.yourlifeguide_relation
Yiba NESIFUBA
Ngabe ubudlelwane bakho bezothando busengozini ngenxa yokutshela abangani izindaba zakho?
NGABE ugijimela kubangani bakho njalo uma uxabene nesoka lakho? Ngabe abangani bakho bayazi ukuthi nenzani uma nisekamelweni?
Ngabe uke uzisole ngokuthi ubatshelelani abangani bakho izindaba zakho?
Uma impendulo kungu "yebo" kule mibuzo kusho ukuthi izindaba zakho zothando uzidalulela abangani bakho kuze kweqe. Lokho kungalubulala uthando.
U-Angie Diale onguchwepheshe kwezothando aphinde abe ngumeluleki usinika izeluleko ngokuthi yikuphi esingakutshela abangani nokungafanele sibatshele kona uma kukhulunywa ngezothando.
Ngokwendalo, abesimame abakwazi ukuhlala nezimfihlo kanti akumangalisi ukuzwa ulangazelela ukutshela abangani bakho konke okwenzeka ebudlelwaneni bakho bezothando. Bayathanda ukukhuluma ngokubamba umuntu wakho edla iKFC nenye intombi. Kodwa abagcini ezindabeni zalolo hlobo ngoba batshela abantu nezinto okufanele zigcinwe ziyimfihlo.
Ukuxoxa ngezinto ezikukhathazayo kuyelapha ikakhulu emphakathini wethu ongenamandla okuthola usizo lwabantu abanjengochwepheshe bezengqondo.
Abangani bethu sibuye sibatshele izimfihlo zethu ngoba sazi ukuthi bazovuna thina noma kugqibeke amahlazo ethu esiwenza kulobo budlelwane.
Kodwa u-Angie uthi kuhle uqaphele uhluze nomqondo wazi ukuthi kukhona izinto okungafanele uzitshele abanye abantu. Kulula ukuthi izindaba ozitshela abangani zigcine sezaziwa abanye.
"Kukhona abangani abanomona," kusho u-Angie. Uqhuba athi yilokho kanye okwenza ukuba indaba idlulele kwabanye. Kubi ukuxoxela bonke abangani izindaba zakho ngoba ngeke ubathembe bonke.
Umngani weqiniso angaba nesandla ekwakheni uthando lwenu akweluleke kahle akududuze. Ngakolunye uhlangothi abangani bamanga bangakweluleka kabi basebenzise inkulumo obatshele yona bakwehlise isithunzi noma bakhulume kabi ngawe.
CABANGA NGAPHAMBI KOKUKHULUMA
Zixazululele izinkinga zakho zothando ngaphambi kokugijimela kubangani. Ngokuxazulula izinkinga zakho wedwa uzokwazi ukucabanga ujule ngazo. Nakuba ungeke uqhamuke nekhambi eliyilo, kodwa uzokwazi ukuthatha izinqumo obona zifanele ukulungisa isimo.
Khumbula ukuthi abangani ngeke bahlale bekunika izeluleko ezinhle. Kungenzeka izinto bazibone ngamanye amehlo noma bahlabe okwenzayo.
Uma kunokungaboni ngaso linye phakathi kwakho nomaqondana wakho khulumani nilungise leso simo ngaphambi kokufaka amalungu omndeni nabangani. Ukufaka abanye kungenza isimo sibe muncu. Kungenzeka abangani bayibambele igqubu indoda yakho ngisho noma wena usuyixolele.
Khumbula ukuthi ebanganini bakho kukhona nokungebona abeqiniso. Khetha ozobatshela izindaba zakho. Qaphela labo bangani abahleba ngabanye kuwena. Khumbula ukuthi uma bekwazi ukuhleba ngabanye, bangahleba nangawe.
Cabanga ukuthi isoka lakho lingaphatheka kanjani uma lizwa ukuthi izindaba zenu zaziwa yibo bonke abantu. Indaba ayihlali phansi kanti ingagcina ifike ezindlebeni zendoda yakho. Cabanga ukuthi kungayiphatha kanjani ukwazi ukuthi abangani bakho bayalazi iphutha elenzile. Wena ungathanda yini ukuthi abangani bakhe bazi ngamaphutha akho?
Uma nisanda kuthandana, qiniseka ukuthi niyazana kuqala ngaphambi kokutshela abangani ngothando lwenu. Kujwayelekile ukuxoxela abangani ngesoka lakho elisha kodwa lokho kungabanika ithuba lokubeka imibono ephambene neyakho. [z]
Indaba: Kamogelo Sebola
EZOTHANDO
Sitha-nda uku-tshela abanga-ni izi-ndaba zethu
