zulu.2576.yourfamily_preg
Ukhulelwe
futhi!
UMAMA wabantwana ababili uxoxisane noBONA ngadlule kukhona esekhulelwa okwesibili: "Ngesikhathi ngikhulelwe umntwana wami wesibili ngangikhathazekile ngingenasiqiniseko ngezinto eziningi," kusho uNokufika Ngcongo waseThekwini. "Ngangicabanga ukuthi ngizomelana kanjani nomthwalo wabantwana ababili, ikakhulu indodakazi yami eneminyaka emithathu enomdlandla. Kokunye kungenzeka ingane yakho yesibili usuke ungayihlelelanga nokuyinto engabeka ingcindezi ebudlelwaneni nomndeni noma nomyeni, kwezezimali nasemsebenzini imbala.
Konke lokhu kukhathazeka kujwayelekile ngokusho kwabangama-psychologists.
Ngizomelana nalokhu?
Isinyathelo sokuqala wukwazi ukuthi nguwe olawulayo (ngisho ngabe awuzange ukuhlele ukukhulelwa). UPeter Lerefolo oyi-psychologist yaseThekwini wenze lezi zincomo:
Kuthokozele futhi: Buka izithombe zomntwana wakho wokuqala uzikhumbuze ukuthi abantwana bayigugu kanjani.
Ungesabi ukucela usizo: "Noma unesipiliyoni, ungesabi ukuzwakalisa ukwesaba kwakho nezihlobo nabangani - ucele nezeluleko zabo," kusho uPeter.
Mbandakanye nobaba: "Mkhuthaze ukuba ahambe nawe lapho uyokwenza ama-check-ups," kusho uPeter.
Ibhajethi. Hlala phansi ubheke ukuthi yini ozokudinga nokuthi kuzokuba yimalini. "Ukwesabela into ongayazi ngokunye kokwesaba okumangalisayo. Uma ungazibalekeli izinkinga ubhekana nazo, usuke ususendleleni yokuzixazulula," kuqhuba uPeter.
Kuzokwehluka kanjani?
Ukukhulelwa kwesibili kuzozwakala ngokwehluka. Nazi izinguquko ezintathu ongazilindela:
Ukukhula! Ukhula ngokushesha ngoba emva kokuthola umntwana i-uterus ayishwabani ibuyele kusayizi wayo wakuqala nokuyinika ithuba lokukhula ngesikhathi sokukhulelwa okulandelayo, kusho uDkt Susan Moore ongumbhali wezincwadi ezimbalwa zokubelethwa kwabantwana. Ungaxhumana naye kwiWebesite ethi: mom2be.com
Ngokushesha: Umama oqalayo ukuthola umntwana uye aqaphele ukukhahlela kwakhe ngenyanga yesihlanu, kongaqali, lokho kwenzeke ngenyanga yesine, ngokusho kukaDkt Susan.
Uphinde wathi, "ngisho ngabe yiziphi izimpawu ezikhona abesimame abazizwayo ngokukhulelwa kokuqala, kodwa bazosheshe bazizwe."
Ngezansi! Izinyama zakho zasesiswini ziyanwebeka ngokubeletha kokuqala zize zibe ntekenteke. Ngenxa yalokhu, azikwazi ukweseka umntwana njengoba zazenza phambilini, ne-fetus yehlele ngezansi esiswini, kusho uSister Sherry Jimenez.
Qeda ukwesaba ngokwenza lokhu: qinisa izinyama uzidedele endaweni eseduze kwesinye nembobo yomchamo sengathi ubuzama ukubamba umchamo. Zibambe isikhathi esifana nokubala ugcine ku-10 - uzame ukwenza amasethi o-10 nsukuzonke.
Ngabe ukubeletha kuzokuba lula?
Nakuba ukukhulelwa okubili kungeke kufane, iningi lalabo abangama-gynaecologists bayavumelana ngokuthi ukubeletha okwesibili kuthanda ukuba kube lula, njengoba umgudu wakho wokubeletha usuke wavuleka kanye - nakuba lokho kungachazi ukuthi ubuhlungu buzokuba buncane. Kodwake ukusikwa nokubeletha kuzothatha isikhathi esifishane!
"Isikhathi sokuphusha naso sifishane kulabo abangaqali ukubeletha - phakathi kwemizuzu engu-30 nehora," ngokusho komunye wama-gynaecologist esixoxisane naye. "Kungakho sinomthetho lapha kulesi sibhedlela: asimjikisi owesimame oseke wathola ingane eyodwa noma ezimbili phambilini."[z]
Indaba: Smangele Zuma
UKUKHULELWA KWAKHO
Isikhathi soku-phusha naso sifishane kulabo aba-ngaqali ukube-letha
Ukuba ngumama okokuqala kuhlale kunezinselelo zakhona. Yini okufanele uyilindele ngesikhathi sesibili?
UNGALIBALI AMA-CHECK-UPS!
Kubalulekile uhlale uhlolwa, ikakhulu uma uphethwe yisimo esifuze ese-high blood pressure noma ubhekana nezinkinga ngesikhathi usakhulelwe ingane yakho yokuqala.
