zulu.2568.mokebe
AMAJIMBOS aseMavimbela
▲UDingaan nothisha (kwesobunxele) uTshidiso Mothijoa, Thereza Hlubi nothishanhloko uCollen Sidumba besesikoleni ayefunda kusona.
THINA nabangani bakaDingaan akhula nabo, oSibusiso Nkabinde, Themba Sibanyoni noPercy Mtshali, savakashela esikoleni okwakufunda kusona lo mdlali weMuvhango saya nasezindaweni ayevame ukuzipholela kuzona eMavimbela Section elokishini laseKatlehong.
Endleleni
“Asibonge ngoba sesihamba ngezimoto bafowethu. Kungu-14 kms ukusuka ekhaya uya esikoleni engangifunda kusona,” kusho uDingaan owayehamba ngezinyawo esuka ekhaya eya esikoleni.
“Ngangizalwa emndenini owawumpofu kanti abazali bami babenamandla okunginika imali yokudla kuphela esikoleni.”
ESijabulile Secondary
Kwathi lapho sesifikile esikoleni uDingaan ayefunda kusona, saya e-staff room. “Ake nicabange nje ukuthi lezi zintokazi ezazingifundisa zazinjani eminyakeni engu-10 edlule,” kusho yena kithina.
“Nani niyazibonela ukuthi zazizinhle. Wena ngangikuthanda,” kusho yena eqondise komunye uthisha wesimame.
Abanye othisha bahleka kanti uthisha uDingaan ayeqondise kuyena wavele waphelelwa amagama.
Othisha basitshela ukuthi uDingaan akakwazanga ukubhala i-accountancy ngoba wayengazwani nothisha owayemfundisa.
Kodwa bavumelana ngokuthi wayekhaliphile ekwazi ukuhlela i-newsletter yesikole abuye abe ngusihlalo wethimba lenkulumo-mpikiswano. Wayebuye abe yisekela likamongameli womkhandlu omele abafundi ngokukaTshidiso Mothijoa owayemfundisa isiNgisi.
E-dry clean
U-Percy ongumngani kaDingaan weminyaka wayesebenza e-dry clean abangani bakhe bamchithise isizungu kusihlwa.
“Ngangingazwani nomculo weR&B owawukhonzwe abangani bami,” kusho uDingaan.
“Cha akunjalo. UDingaan wayengawazi lowo mculo. Yithina esamfundisa wona,” kusho uPercy.
“Wayengasheshi ukufika ngoba wayesuke esabukela iDays Of Our Lives.”
Ibhola nezobuhle
“USibusiso wayengunozinti eboza. Iqembu labo iGazankulu salishaya ngo-13-0,” kusho uDingaan.
Laba bangani babebuye babambe iqhaza emincintiswaneni yabesilisa “yonobuhle” – isithunzi sikaSibusiso sabuya lapho.
“Ngahlula uDingaan ngalala isibili kokaMr Kathorus (Katlehong, Thokoza neVosloorus),” kusho yena.
“Akakutshele ukuthi nami ngaziphindiselela ngawina kokaMr Cosas,” kusho uDingaan.
I-ludo
“Uma uDingaan esekhathele yimpilo yasedolobheni uyasivakashela achithe isizungu nathi,” kusho omunye wabadlali esamfica lapho kudlalelwa khona i-ludo.
“Siyathokoza uma simbona ngoba uyisihlabani sethu.”
U-Ernest Mabuza ongomunye wabadlali wathi uDingaan wayengadlali neze kahle emuva uma bedlala ibhola ezitaladini.
“Ningamnaki lo. U-Ernest wayehlala ngemuva kwabadlali basemumva afake igoli eyi-off-side. Akekho owayemvimba ngoba sasingenabo onompempe emidlalweni yethu,” kusho uDingaan.
Ekhaya
Nakuba esehlala e-Alberton eGoli, uDingaan umatasa ulungisa ikhaya lakubo. Igceke lakubo eliwubhuqu ayedlala ibhola kulona nabangani bakhe alikabi nalutho namanje. [z]
Indaba: Force Khashane
Izithombe: Oupa Bopape
ILOKISHI LAMI, ISIHLABANI SAMI
►Kusukela kwesobunxele:U-Percy, Themba, Dingaan noSibusiso bese-dry clean uPercy ayesebenza kuyona – uDingaan wafundiswa umculo kule-dry clean.
UDingaan Mokebe weMuvhango wasiyisa elokishini ayehlala kulona ekhumbula impilo ayeyiphila nabangani bakhe abane
◄Abangani: Kwesobunxele) nguPercy Mtshali, Sibusiso Nkabinde noThemba Sibanyoni - bathi uma behlangene noDingaan bakhumbule ezakudala.
◄UDingaan ebukela kudlalwa ekanye noSibulelo Maphinda (kweso-bunxele) no-Ernest Mabuza. UThami Maphisa (kweso-bunxele) noNkosana Mokubung badlala i-ludo.
◄UDingaan engaphandle ekhaya akhulela kulona. Uyalilungisa manje.
