zulu.2567.trivia
ILIMPOPO iqala enkabeni yeningizimu ye-Africa ihambe iye ngasempumalanga lapho ifike ichithele kwi-Indian Ocean.
Cishe ingu-1 750km ubude kanti ingumfula wesibili omkhulu kunayo yonke e-Africa ilandela iZambezi.
Ifana njengomngcele ebangeni elingu-640km lapho yehlukanise khona iSA kuya e-southeast kusuka eBotswana kuya e-northwest naseZimbabwe kuya enyakatho.
Enye into egqamile kwiLimpopo yi-Olifants River neShashe, Mzingwane neMwenezi River.
ILimpopo ifakela ukudla namanzi kubantu cishe abangu-14 million sebebonke kanti abantu baqala ukuhlala eduze kwale mpophoma eminyakeni cishe engaphezu kwengu-3,5 million eyedlule. Enye indawo esingayibalula kule ndawo yiMapungubwe nokuyilapho futhi kwatholakala khona igolide eminyakeni eminingi eyedlule.
IMPILO IYINTOKOZO
AMAPENSELA
5 IZINTO obungazi lutho ngazo
ILimpopo
BONA ZULU July 2008
ISIFUNDA
ILimpopo ngesinye sezifunda zaseSouth Africa – sathola leli gama emva kokushintshwa kwelalithi yiNorthern Province ngoJune 2003
Inhloko-dolobha: Polokwane
UNdunankulu: Sello Moloto (ANC)
Indawo: 123 900 sq km
Abantu: 5 402 900
Izilimi: Sepedi (57%)
Tsonga: (23%)
Venda: (12%)
IsiBhunu: (2,6%)
■ Ipensela lakhiwa ngeRoman stylus ngesikhathi sasemandulo. Lokhu kwakuyinduku yensimbi eyayenziwa ngomthofi isetshenziselwa ukuxebula kwi-papyrus, okuyinhlobo yakudala yephepha.
■ Igama elithi “pencil” laqhamuka kwelesiLatin elithi pencillus, elisho ukuthi “little tail”
■ Ingxenye yepensela ebhalayo yi-graphite.
■ Kuqala izindukwana ze-graphite zazisongwa ngentambo noma isikhumba semvu. Abantu baseNtaliyane abaqala ukucabanga izinto zokubamba ipeni zokhuni.
■ Ngomhlaka 30 March 1858, uHymen Lipman waseMelika wathola i-patent yokuqala ngokuxhuma irabha ekugcineni kwepeni.
…enziwa kanjani
Amapensela enziwa ngokuhlanganisa i-graphite emahhadla nempuphu yobumba, amanzi kwenziwe imicu emide ethi mayifane ne-sphaghetti. Iyashiswa icwiliswe kuwoyela noma kwi-wax encibilikisiwe engena ezimbotsheni ezincane kwi-graphite, bese kuyabhaleka.
I-juniper noma i-incense-cedar plank enezikhala isikwa ibe ama-“slat.” Izintanjana ze-graphite/clay zifakwa kulezi zikhala ngenhla kufakwe ipulangwe elenziwe umgodi, bese lapho kusikwa amapeni ahlukene.
Funa igama
Thola amagama ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi, uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
UTHI UBUWAZI?
Izinkunzi zoshaka zitholakala emhlabeni jikelele ikakhulu ezindaweni ezisogwini nakuba zitholakala futhi ezindaweni ezimaphakathi nasemifuleni emikhulu efana noZambezi. Lesi yisona sizathu esiyenza ibizwe ngokuthi yiZambezi Shark. Lolu wuhlobo oluyingozi lukashaka oseluqede abantu abaningi.
SIKHUMBULA…
UWALTER SISULU
UWalter Max Ulyate Sisulu wazalwa ngomhlaka 18 May 1912 Engcobo endaweni eyayaziwa ngokuthi yiTranskei.
Wafunda esikoleni sendawo, kwathi ngo-1928 walibangisa eGoli.
Wajoyina i-ANC ngo-1940. Ngo-1943 ekanye noNelson Mandela no-Oliver Tambo bajoyina uphiko lwentsha ye-ANC (ANC Youth League).
Ngonyaka ka-1949 waba ngusihlalo jikelele we-ANC.
Njengomunye wowayephambili ekuhleleni umkhankaso weDefiance Campaign, waboshwa ngo- 1952 walengiselwa isigwebo. Ngo-1953 wahamba waya e-Europe, USSR, Israel naseChina emele iqembu le-ANC.
Waboshwa izikhathi ezingu-7 eminyakeni elishumi eyalandela kubandakanya izinyanga ezinhlanu ngo-1960, waboshelwa endlini ngo-1962.
Wasebenza ngendlela yomshoshaphansi ngo-1963 kodwa wabanjwa eRivonia ngoJuly 11.
NgoJune 12, 1964 wagwetshwa udilikajele. Wakhishwa ngo-October 1989 nokwathi ngoJuly 1991 waqokwa njengosekela mongameli we-ANC engqungqutheleni yokuqala kazwelonke ye-ANC emva konyaka le nhlangano ivulwe umlomo. Wedlula emhlabeni ngoMay 5, 2003.
I-Puzzle yezithombe
Isithombe ngasinye yiso esikunika impendulo okumele uyibhale ezikweleni ezimnyama.
Konke ngama...
DASSIE
■ I-dassie yiCape Hyrax. Ama-hyraxes yizilwane eziyindilinga eziphakathi kuka-30cm no-70cm ubude ezinesisindo esingu-5kg.
■ Ama-dassie azala izingane ezimbili noma ezintathu emva kwezinyanga eziyisithupha noma eziyisikhombisa. Encane ingakwazi ukugwinya ukudla okuqinile emva kwamasonto amabili.
■ Impilo yawo ingafinyelela eminyakeni eyishumi,
■ Ziphila zibe yimihlambi engafinyelela ko-80. Ama-dassie ahlukana amaqoqo amancane emindeni embalwa ephathwa ngezabesili.
UTHI UBUWAZI?
Ama-dassies akhiqiza injimbilili eyaziwa ngokuthi yi-hyraceum – okungubulongwe nomchamo nokuyizinto ezisetshenziswa ekwelapheni izifo eziningi kubandakanya i-epilepsy nama-convulsions.
BONA ZULU July 2008
