zulu.2565.golden cloud
B2816/06 izindlela zokuhlela ngu-ANNA MONTALI izithombe nguVANESSA GROBLER
AKUKHO okuconsisa amathe njengokubona (nokuzwa iphunga!) lama-muffins afreshi nashisayo aphuma kuhhavini. Kulula ukuwabhaka uma usebenzisa iGolden Cloud Muffin Mix. Zama le ngxube etholakala ngezinhlobo ezintathu
ezintsha…i-chocolate, savoury ne-vanilla.
Kulezi zingxube eziyikhwalithi ungafaka izithako zakho ukuze kuphume ama-muffin amnandi abantu baze bacabange ukuthi uyinkunzi yompheki!
Thatha ingxube ye-savoury muffin wenze ama-muffin e-ham noshizi, noma wenze awama-veg afakwe ukherothi, u-anyanisi no-green pepper. Uzothola namaresiphi amahhala ephaketheni.
Kulula ukubhaka uma usebenzisa umqondo kuphela. Ama- muffin alunga ngokuphazima kweso! Uchunge lweGolden Cloud lokwenza ama-muffin lutholakala emasuphamakethe amakhulu ezweni lonkana.
AmaMuffins asheshayo
Wina ihampa yeGolden Cloud eyodwa kwamahlanu ebiza u-R500. Thumela iresiphi yakho yeGolden Cloud Muffin Mix kuleli kheli: Golden Cloud Recipe Competition, PO Box 989, Germiston, 1400. Uvalwa mhlaka 31 May 2006.
Yiba ngumpetha kwezokupheka usebenzise iGolden Cloud Muffin Mix.
Uzothola ama-muffin ehla esiphundu ngaphandle kokugqilazeka!
BONA ZULU – April 2006
ezentengiso
Choc chip and
banana muffins
IZITHAKO
500g iGolden Cloud
Chocolate Muffin Mix
175ml i-sunflower oil
225ml amanzi
2 amaqanda
80ml amasi
2 ubhanana oqotshiwe
100g i-choc chips
50g i-dark chocolate encibilikisiwe
amakinati okuhlobisa
1. Shisisa uhhavini ngo-180°C.
Gcobisa ithini elikhipha ama-muffin
ayisithupha noma angu-12.
2. Faka i-muffin mix endishini. Faka uwoyela, amanzi, amaqanda
namasi. Hlanganisa kahle umzuzu
owodwa usebenzise i-electric
mixer. Faka ubhanana ne-choc
chips ufake inhlama ethinini. Bhaka
imizuzu engu-30-40. Kukhiphe
ethinini ukupholise.
3. Seva uvuvuzele ngo-chocolate
namakinati.
Kuphuma ama-muffin angu-6 noma angu-12.
