zulu.2563.joyous
I-Joyous Celebration
Bathokozisa umhlaba
I-JOYOUS CELEBRATION yiqembu eselizakhele elihle igama endimeni yomculo kanti sekuphele iminyaka engu-10 leli qembu lasungulwa. Abantu batheleka ngobuningi babo uma licula bukhoma emadolobheni amakhulu akhele leli lizwe kanti amaCD alo avame ukuthola ama-platinum.
Leli qembu lasungulwa nguJabu Hlongwane, Mthunzi Namba noLindelani Mkhize kanti ngokusungulwa kwalo kwakuhloswe ukuba kuthuthukiswe amakhono entsha.
"Amalungu ethu siwaqeqeshela ukwakha amaphimbo awo acwecweke kahle, ahumushe umculo afunde nezingoma," kuchaza uNamba ongumqondisi womculo kwiJoyous.
U-Brian Makiwane noVicky Vilakazi asebehambele amazwe omhlaba becula beshiyelana inkundla nezingwazi ezingoQuincy Jones, Michael Jackson nabanye abaculi, bangabaculi "abaphekwa" kuleli qembu.
"Amandla okwenza engikwenza manje ngiwathole kwiJoyous Celebration. Ngibe nesibindi sokulishiya leli qembu ngavula inkampani yami yokuqopha umculo ngaqhubeka nokucula ngedwa," kusho uVilakazi.
UJabu Hlongwane ongumbhidi abuye abe ngumfundisi uthi ukwakha intsha emculweni igcine isingabaculi abavuthiwe kungenye yezinto ezimhlaba umxhwele kakhulu kwiJoyous Celebration.
"Ngiyathokoza uma ngibabona kwiTV noma ngibezwa becula emsakazweni noma becula bukhoma."
"Ukuthuthukiswa kwabaculi sikuthathisa okohlelo oluqhubekayo kanti yileso sizathu esenza ukuba amalungu ethu siwasayinise isivumelwano seminyaka emibili," kuchaza uLindelani Mkhize.
"Nakuba amalungu ethu siwafundisa neZwi leNkosi ukuze asizakale ebudlelwaneni bawo noNkulunkulu, akekho umuntu ophoqwa ukuba abe ngu 'Mkhrestu Ozelwe Kabusha' kuleli qembu."
Iqembu leJoyous Celebration selike lagxekwa ngokuthi alimhloniphi uNkulunkulu.
"Labo abacabanga ukuthi ukudansa kuphambene nokuKholwa banephutha," kusho uHlongwane. "UNkulunkulu usikhuthaza ngokuthi masidanse, sicule sidlale nezinsimbi uma sicula." [z]
BONA ZULU - January 2007
Sekuphele iminyaka engu-10 becula kanti namanje basashaya into ecokeme
NGENHLA NANGEZANSI: I-Joyous Celebration icula - uma becula ababadumazi abalandeli babo.
indaba nguTEDDY GOMBA
