zulu.2559.tourism
BONA ZULU – April 2008
Sinethulela u ‘Mr Tourism’ wasenkabeni yeKZN
KWAKUKHONA isikhathi lapho uFrank Mchunu ayehlala angalali ebusuku elalele umsindo wokuqhuma kwezibhamu. Icebo lakhe lokusungula uhlelo lomsebenzi wezokuvakasha elokishini laseMpophomeni eduze kweMidmar Dam kwabukeka njengephupho elingeke lifezeke.
Wavala amadlebe akhe ngezandla wacimeza echaza: “Pow! Pow! Pow! Lo msindo sasiwuzwa nsuku zonke. Ngangicabanga ngijule ukuthi ngizobaletha kanjani abavakashi kule ndawo? Bazokuba sengozini!”
Ngesikhathi udlame lwezombusazwe endaweni ludamba, zaqala izinto zashintsha kuFrank.
“Senginesiqiniseko sokuthi kuphephile, ngaqala ngaletha abantu endaweni yakithi.”
Yasunguleka kanjalo-ke iZulu-Mpophomeni Tourism Experience esihehe abavakashi abaphuma emazweni afana noGerman, Britain, America naseChina.
UFrank nguye ophethe lolu hlelo lomsebenzi - aluphethe ngokubambisana nomphakathi.
“Le nhlangano iphethwe wumphakathi. Sisebenzisa amakhono abantu ehlukene ukuheha usizo lwezezimakethe,” kusho yena.
Namuhla izinkulungwane zabavakashi ziza kule ndawo yaseMpophomeni KwaZulu Natal. Ilokishi lakule ndawo liyikhaya kubantu cishe abangu-45 000 kanti lizungezwe yizimpophoma.
UFrank usichazele ukuthi lavela kanjani igama lakule ndawo: “Umfula uMngeni uhamba ugudle amagquma namadwala uzwakale sengathi uhuba ingoma emnandi uthi pho-pho-pho-pho, ugeleza wehlela olwandle i-Indian Ocean.”
Izinkulungwane zabavakashi
Uma ulihumusha leli gama elithi Mpophomeni ulihumushela esiNgisini lisho ukuthi ‘waterfall’.
“Ngihlale nginika ulwazi ngendawo yaseMpophomeni. Ungangibuza noma yingani ngale ndawo ngizokutshela. Angiyeki ukufunda - ngifana nempophoma ehlale igobhoza.”
Uhambo lukaFrank lona lube nzima. Ngesikhathi eneminyaka emihlanu waphathwa yisifo sovendle samkhubaza imilenze yomibili. Wadlala indawo eyaba negalelo emzabalazweni wobandlululo.
Ukubekezela
Indawo yaseMpophomeni yasungulwa ngo-1972 kanti kulapho kwakuhlala khona iningi labasebenzi basembonini yeBritish Tyre And Rubber eHowick nokwathi ngo-1984 kwasuka khona esikhulu isiteleka samaholo. Abasebenzi bonke baxoshwa kwathi abanye abangama-shop steward badutshulwa.
Kwakhiwa uDonga lokuBuyisana (Wall Of Reconciliation) njengesikhumbuzo sabantu abangu-120 abafa kulolu dlame. Lolu donga laqanjwa ngoNokulunga Gumede, umfana owayeneminyaka emihlanu owafa egayiswa yimoto yamasosha.
Uhlelo lwakhe lomsebenzi lwaqala emva kokuba ethole ukuxhaswa ngezimali eziphuma kwEzemvelo KwaZulu-Natal Wildlife ngo-2000. Ukubekezela kwakhe nothando lwakhe entweni ayenzayo sekube nomvuzo omuhle: ngo-2005 uFrank wawina umklomelo owaziwa ngokuthi yi-Zulu Kingdom Service Excellence Award.
Uthe indawo yaseMpophomeni yehluke kakhulu uma kuziwa ngakwezokuvakasha. “Uhambo lokuvakashela indawo yaseMpophomeni lubandakanya ukuba abavakashi bavakashele isangoma ukuze bayothola ukuxhunyaniswa namadlozi abo, ukubona abashaya indlamu nokuvakashela izindawo zasemijondolo nokuxhumana nezakhamuzi.”
Ukusebenzisana
Ngabe abantu abangabavakashi abakhathali wukubona abantu besina? “Cha abakhathali nakancane. Lokho yikho abakuthanda kunazo zonke izinto - abaphesheya nabakuleli. Uma benza izicelo zokuvakasha, yiyona into yokuqala abayibuzayo,” kusho kugcizelela uFrank.
Kusukela ngo-2004 kuya ku-2006 ukuvakashela kule ndawo kwenyuka ngo-20% ngokusho kukaFrank. Lokhu kwehluke kakhulu kunesikhathi sakudala lapho ayesasebenza njengo-salesman esitolo sefenisha waphinde waba yi-assistant esitolo esiyi-takeaway.
UFrank uthi into emlethela impumelelo kulokhu wuthando lwento ayenzayo. “Embonini yezokuvakasha kufanele ube nothando lwento oyenzayo. Uma ufuna abantu ukuba baphinde babuye endaweni, batshele ngayo ukuze nabo batshele abanye. Lokho kuzobenza ukuba bayithande njengawe. Ngiyithanda kakhulu le ndawo!”
Lokhu kwabonakala ngesikhathi ebona abashadikazi abadala ababebukeka njengabavakashi bengena kwenye i-restaurant eHowick lapho sasiphuza khona ikhofi. Wabamba izinduku zakhe zokuhamba waqonda kubona emamatheka, wathi: “Siyanamukela esifundeni sethu esisenkabeni yeKZN. Ngabe senizwile ngeZulu-Mpophomeni Tourism Experience? Ake nginichazele ngayo...” [z]
African Eye News Service/Homegrown
UFrank Mchunu uthi ezokuvakasha akumele zithathwe njengento ‘yabelungu’ nokuthi umphakathi ungazuza kanjani kule mboni
BONA ZULU – April 2008
indaba ngu-CORRINE LOUW
izithombe ngu-MATTHEW WILLMAN/HOMEGROWN
ABANTUBAKITHI
t
t
BONA ZULU – April 2008
Ngiyithanda kakhulu le ndawo. Iyikhaya kimina!
Lezi zicathulo ezipholile zenziwa yiqembu elenza okwesikhumba
UFrank Mchunu lukhulu azimisele ukulenzela indawo ephakathi nesifunda saKwaZulu Natal.
