zulu.2551.boston
umfundaze owodwa kwemithathu ebiza R10 000 umunye
NJENGOBA sekusondele isikhathi sokuphela kwesigamu sokuqala sonyaka, abafundi abenza u-matric kufanele baqale ukucabanga ngabazokwenza – ukuthola umsebenzi. Ngisho noma bewuphase kahle u-matric, abafundi abaningi ngeke kube lula ukuthi bakhethe umsebenzi abangawenza kusasa.
Emva kokubona izinselelo abafundi abaqeda esikoleni abahlangabezana nazo, iBoston City Campus and Business College ikhiphe uchunge lwezinhlelo ezizosiza abafundi ukuze bathathe izinqumo ngomsebenzi obafanele.
NgeCareer Interest Assessment Programme yakwaBoston kuhloswe ukusiza abafundi ukuze bakhanyiseleke ngemisebenzi ehlukahlukene bathole nolwazi olunzulu ngayo.
Umeluleki wakwaBoston oqeqeshiwe usebenza nomfundi ngamunye ukuze kutholakale ukuthi yiziphi izifundo angazenza ukuze kufezeke izinjongo zakhe.
Kulolu hlelo kubuzwa imibuzo efana nethi: Ngabe unekhono lokusebenzisa izandla zakho? Ngabe unekhono lokucabanga ngento ethile uyenze? Ngabe unolwazi ngezinombolo? Ngabe ufuna ukuba yi-technician, iWeb designer, i-programmer noma i-administrator?
U-Ari Katz, oyiCEO eBoston City Campus and Business College, uthi lolu hlelo lusemqoka kakhulu ekunikezeni abafundi umhlahlandlela. “Sinemisebenzi embalwa ongayifundela... ngokusiza abafundi ngale ndlela sibanika isikhali esimqoka esibakhanyisela ngomsebenzi abangawenza.”
I-Boston inikeza abafundi lolu sizo mahhala kuwo wonke amagatsha ayo angu-46 ezweni lonkana ngaphandle kokubabekela imigomo, ngakhoke shayela ihhovisi lakwaBoston elikhulu ku-011-485-2838.
UBONA nabakwaBoston City Campus and Business College banemifundaze emithathu ebiza R10 000 umunye abaphisana ngayo. Ngomfundaze ngamunye, owinile uzothola ithuba lokukhetha esinye salezi zifundo ezilandelayo:
n IT/Computing
n Accounting
n Management
n Secretarial
n Sports Management
n Marketing and Sales.
BONA ZULU – March 2007
WIN
IMITHETHO. 1. Lo mncintiswano uvuleleke kunoma ngubani ngaphandle kwabasebenzi bakwaCaxton nabemindeni yabo, abaxhasi babo nababathuthukisela ukuthengiswa kwemikhiqizo yabo. 2. Isinqumo samajaji singujuqu akuyukuboniswana ngaso. 3. Imiklomelo ngeke ishintshaniswe nemali. 4. Yimingenelo yoqobo kuphela eyokwamukelwa. 5. Imiklomelo okuyophela izinyanga eziyisithupha ingalandiwe iyodliwa.[z]
Gcwalisa ifomu uyithumele kuleli kheli: BONA/Boston Bursary, Postnet Norwood, Suite 287, Private Bag X5, Norwood, 2117.
Igama: ...............................................................................................
Ikheli: ....................................................................................................................................................... Ikhodi: .....................................
Ucingo/Cell: .....................................................................................
(Sicela usinike inombolo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini.)
Umbuzo: Sinike esinye sezifundo esingakhethwa owinile.
Impendulo: .......................................................................................
Kuvalwa mhlaka: 30 March 2007
Ukuze uwine
Ukuze ube sethubeni lokuwina umfundaze owodwa kulena, gcwalisa ifomu yokungenela uyithumele kuleli kheli: BONA/Boston Bursary, Postnet Norwood,
Suite 287, Private Bag X5, Norwood, 2117.
