zulu.254.niggles
Ukukhulelwa
INDLELA ebange ekubeni wumama isiqalile. Ucabanga izinto eziningi - injabulo, ithemba, mhlawumbe nokutusa okuncane.
Kukho konke ukukhulelwa kwakho, ziningi izinto ozizwayo ezingeke zikuphathe kahle ezehlukayo ngokwahlukana kwabesimame kodwa okungezona eziyizinkinga ezinkulu.
Kubalulekile ukukhumbula ukuthi impilo yakho neyomntwana izoba ngcono ngokugxila emikhubeni emihle yokuphila.
Ezinye izeluleko zokubhekana nokugula okujwayelekile.
Ubuhlungu beqolo
Ubuhlungu beqolo yinto ejwayelekile ngesikhathi sokukhulelwa nengadala ukukhuluphala esiswini, ukungahlali kahle noma ukunwebeka nokuthamba kwemisipha.
Yini engasiza: Uma ugoba, umqolo wakho awuqonde kugobe amadolo. Zama ukuzijwayeza ukuhlala kahle - qiniseka ukuthi iqolo lakho aligobile bese ugwema izicathulo eziphakeme. Zinike isikhathi sokuphumula uma kade umile isikhathi eside bese uthola umuntu ozokuwotawota emhlane.
Izinkinga zesinye
Ukuxineka okudalwa wukukhula kwe-uterus yakho kuzokwenza ufune ukuchama njalo kanti kwabanye besimame, ukukhula kwesisindo se-uterus kudala ukuba ungakwazi ukuzibamba uphunyuke.
Yini engasiza: Hlale uphuza amanzi. Ukwesweleka kwamanzi emzimbeni kungadala ukuba ungaphatheki kahle, ukhathale kwenyuse namathuba ezinye izinkinga.
Ungalindi isikhathi eside, uma uzwa ukuthi ufuna ukuchama uye endlini encane njalo. Uma uzwa ukushisa, kungenzeka ukuthi unokufa okuthile, ngakhoke thola iseluleko kudokotela wakho.
Ungahlali usonge imilenze noma ufake izingubo ezikumpintshayo ngoba lokhu kuzodala ukungahambi kahle komchamo mhlawumbe kudale nokufa okuthile.
Izinsini ezophayo
Uma ukhulelwe, igazi emzimbeni wakho liyanda, lidale ukuvuvukala nokuthamba kwezinsini. Lokhu kwenyusa amathuba okuqoqelana kokudla ezinsinini kuholele ekuboleni nasesifweni sazo.
Yini engasiza: Sebenzisa isixubho esithambile uwaxubhe kancane amazinyo akho. Sebenzisa i-floss, ubonane nodokotela wakho wamazinyo njalo. Yidla okuno-Vitamin C, nokuyisithako eselapha ama-tissue. Sebenzisa okokugeza umlomo ukuze uqede iphunga legazi uma izinsini zopha.
Ukuqunjelwa
Izinyama emathunjini ziyakhululeka zisebenze ngokuvilapha uma ukhulelwe zikwenze uqunjelwe. Kuba khona nengcindezi edalwa wukukhula kwe-uterus emathunjini akho.
Yini engasiza: Yidla okunofayibha njengama-whole grains, ama-fruit nama-vegetables uphuze okuningi okuluketshezi.
Izinkinga ngokomoya
Uzophatheka ngezindlela ezahlukene emoyeni - uthokoze uzizwe ujabule kakhulu kodwa futhi ube nokungabaza. Ungazithola ukhala kalula ukhathazeke ngezinto eziningi.
Yini engasiza: Zitshele emqondweni ukuthi yinto ejwayelekile ukuba nale mizwa. Kuvumele ukukhala. Thola ukusizwa abangani nabomndeni, kube khona mhlawumbe umuntu oyedwa ozobonisana naye ngokukhathazeka kwakho. Qikelela kakhulu ngokudla ngokuyikho, ngoba ukungadli okunomsoco kuzokwenza lokhu kwedlulele.
Isiyezi
Ukwenyuka kwegazi, kwenza ama-progesterone levels akhulule imithambo yegazi
kugwemeke i-high blood pressure. Lokhu kungakwenza ube nesiyezi uma uthi uyama.
Yini engasiza: Ungami isikhathi eside. Geza ngamanzi apholile noma esisefweni ukuze kunganyuki izinga lokushisa komzimba wenze nama-exercises azokwenza uphefumulele phezulu ukuze uthole i-oxygen eningi. Ungeqiwa ukudla kwakho. Thola okokubamba umoya uma kunesidingo ukuze ugcine izinga lakho likashukela liphezulu.
Ukukhathala
Lokhu kujwayelekile ngamasonto okuqala angu-8 kuya kwangu-10. Kungahlobana nokungadli okunomsoco, ukukhuluphala nokungalali kahle.
Nge-term yesithathu, ukwesinda komzimba nokungalali ebusuku kungakwenza ukhathale kakhulu.
Yini engasiza: Lala uphumule ungasebenzi kakhulu. Ukusweleka kwamanzi emzimbeni kungakwenza ukhathale, phuza amanzi amaningi.
Ama-Haemorroids
Lena yimithambo (varicose veins) esemgudwini ongemumva edala ukweluma nobuhlungu uma uhlala. Ingadalwa yingcindezi yomntwana nokuqunjelwa.
Yini engasiza: Yidla okunofayibha - whole grains, fruit, vegetables, uphuze amanzi amaningi ukugwema ukuqunjelwa.Cwilisa indawo ebuhlungu emanzini afudumele ukuze kuphole.
Umqhubukusho
Umqhubukusho ujwayelekile nge-term yokugcina ngokukhula kwengcindezi esiswini sakho.
Yini engasiza: Gwema ukudla okuthosiwe, okunezinongo noma okune-acid neziphuzo. Yidla ukudla okuncane njalo kunokukodwa okukhulu. Ungaphuzi lapho udla. Nyusa ikhanda lakho ngemicamelo uma ulala, ungawasebenzisi ama-antacids ngaphandle kokuthola iseluleko sezokwelashwa.
Ukuqwasha
Uma umzimba umkhulu kuba nzima ukulala. Ukwengeza kulokho, ungajuluka, ube namajaqamba emilenzeni, uzwe ingane ikhahlela uvuke izikhathi eziningi uya endlini encane nokuyinto ekuphazamisa ebuthongweni.
Yini engasiza: Zama ukuziqabula ngokugeza ngamanzi antukuntuku ngaphambi kokuba uyolala bese usebenzisa imiqamelo eminingi ukwesekela isisu sakho, emhlane nasemilenzeni.
Amabele avuzayo
Kujwayelekile ukuba amabele aphume okusaluketshezi ngesikhathi izingono zivuthwa sekwakheka i-colostrum, kokunye angavuzi. Ukuvuza kwawo noma cha ngeke kukuvimbe ekutheni uncelise.
Yini engasiza: Faka ama-breast pads ngaphakathi ku-bra ukuze amunce umswakama, bese ugeza ususe i-colostrum esiyomile ngamanzi afudumele. (Insipho ayidingeki.)
Amajaqamba emilenzeni
Amajaqamba angadalwa wukungabikho kwe-calcium ekudleni kwakho nokwehla kwezinga lokuhamba kwegazi emilenzeni.
Yini engasiza: Yidla ukudla okune-calcium, ugweme
okokugqoka okungenza igazi lingayi kalula emilenzeni. Uma uba namajaqamba, zama ukuhlikihla noma ubeke into efudumele lapho. Uma esezihluzwini, cindezela izithende zakho phansi, izinzwane zibheke phezulu.
Ukucanuzela kwenhliziyo nokuphalaza
Abanye besimame akwenzeki baphathwe wukucanuzela kwenhliziyo kanti abanye bavame ukugula kakhulu.
Ukuhlasela kokucanuzela kwenhliziyo kuyaphela ngenyanga yesine.
Yini engasiza: Gwema ukudla okunamafutha, i-acid noma izinongo. Njalo emva kokudla, phuza okusaluketshezi - hhayi ngesikhathi udla. Uma ucanuzelelwa yinhliziyo uvuka ekuseni, yidla ama-dry crackers noma uthosi. Okokubamba umoya kwasebusuku kungasiza futhi. Gwema ukubhema nokunuka okungakwenza ucanuzelelwe yinhliziyo.
Ukopha kwamakhala
Ukwenyuka kwegazi emzimbeni kungadala imithambo emincane emakhaleni ukuba yophe.
Yini engasiza: Yidla ukudla okuno-Vitamin C ukuze ama-tissue akho aphile elapheke. Futha amakhala kancane uwagcobe uvaselina ngaphambi kokuba ulale.
Ukunqanyukelwa wumoya
Isidingo sakho se-oxygen sizokwenyuka ngokwezidingo zengane emzimbeni wakho nesisindo somzimba wakho.
Yini engasiza: Zifundise ukuphefumulela phezulu ukuze uthole i-oxygen eningi. Nciphisa ukusebenza kanzima.
Amaqakala avuvukele
Ngenxa yokuthi igazi lihamba kancane, lokhu kungadala ukuba ube noketshezi. Ukudla kakhulu okunosawoti kungaholela ekuvuvukaleni.
Yini engasiza: Yehlisa usawoti ugweme nokuma isikhathi eside. Uma uphumule, izinyawo zakho mazibe phezulu.
Okuphuma esithweni sangasese
Ngesikhathi ukhulelwe i-cervix ikhiqiza uketshezi olugcina umgudu wesitho sangasese uhlanzekile ungenakufa. Lokhu kwenyuka komswakama kwenza le ndawo ibe nokufa kwe-yeast kwenze nesikhumba esiluntwentwesi sidabuke lapho usubeletha.
Yini engasiza: Faka ama-panty kakotini ugweme okokugqoka okukumpintshayo. Ama-pantie-liner angasiza ekwehliseni umswakama, kanti uma kwenzeka, hamba ungalifakile i-panty ebusuku. Geza ngamanzi afudumele "lapho ngezansi" kuphela ngoba insipho izokomisa isikhumba. Uma kukhona ukufa okutholayo, bonana nabasemtholampilo noma udokotela, ngoba ukufa kwe-yeast kungadlulela enganeni ngesikhathi sokubeletha.[z]
BONA ZULU - February 2006
Zifundise ukuphefumulela phezulu kakhulu ukuze uthole i-oxygen eningi.
Ukumelana NOKUNGAPHATHEKI KAHLE
Kuvamile ukungazizwa kahle, kodwa lokho kungakukhathazi
nihlanganiselwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe ngabeGREAT STOCK!
BONA ZULU - February 2006
u
t
Ukugula okujwayelekile
