ZULU.2546.free
BONA ZULU – September 2006
20 AMAHAMPA
Uchunge lwe-Iceman
Uchunge lweBlue Ice lwamaCologne Deodorant Sprays nama-Anti-Perspirant Roll-on Deodorants lunamakha ahlala isikhathi eside ikakhulu kwabesilisa bempilo ematasa nephambili.
Manje sekukhona isiqedaphunga esisha i-Blue Ice Vibe Anti-Perspirant Roll-on Deodorant efakwe entweni esawolintshi okungeyabesilisa abazithandayo.
UBONA unamahampa angu-20 enani lika-R200 iyinye aqukethe imikhiqizo yakwaBlue Ice yeziqedaphunga namabhodlela amanzi ophisana ngako. Ukuze uwine, bhala kwi-postcard igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini. Ikheli: BONA/Blue Ice Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe BLUEICE
ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
2 AMAHAMPA
Nakhu okukufanele
Uchunge lweFoodState lwehlukile kanti luhambisana namavithamini nama-mineral ngoba ukuthola nasekudleni kwendalo. Lokhu kwenza kube lula ukuba umzimba wakho usebenzise lezi zithako.
Ukuze uthole eminye imininingwane ngalolu chunge, shayela kwethi: 011-317-8550, noma uvakashele kwethi: www.foodstate.co.za.
UBONA uphisana ngamahampa amabili abiza R2 000 iyinye enochunge lwemikhiqizo yakwaFoodState. Kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/FoodState Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe FOODSTATE ku- 35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Imititilizo
25 AMAHAMPA
Yilwa nomkhuhlane
Amaphilisi amasha iLinctagon Forte Tablets ayisikhali esinamandla ekulweni nomkhuhlane kanjalo nokufa okudala i-bronchitis, ukucinana, amathansela nokufa emadlebeni.
Izithako zendalo zisiza umzimba ukuba ulwe namagciwane.
ILinctagon Spray ingena kahle kwi-handbag noma kwi-satchel kanti iLinctagon Throat Lozenges ipholisa umphimbo obuhlungu idambise ukukhwehlela.
UBONA uphisana ngamahampa angu-25 abiza R160 iyinye aqukethe izinto ezintathu zokulwa nomkhuhlane. Bhala igama lakho kwi-postcard, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini. Nanti ikheli:
BONA/Linctagon Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140, noma u-SMSe LINCTAGON ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Kuvalwa mhlaka:
29 September
2006
16 AMAHAMPA
Isiphuzo sikashokoleti esinempilo
Uma ulungisa isiphuzo seCadbury Bournvita esisashokoleti, izingane zakho zizothola okwakha umzimba ngempela futhi okulungele impilo yazo. I-Cadbury Bournvita ihlose ukufaka amavithamini nama-mineral anika amandla ekudleni kwabantwana ukuze bakhule kahle. UVitamin A – usiza ekuboneni kahle, Vitamin B complex – unika amandla, Vitamin C – uqinisa amasosha omzimba, kanti i-calcium ngeyamathambo namazinyo anempilo.
UBONA uphisana ngamahampa angu-16 emikhiqizo yakwaCadbury (kubandakanya neBournvita) abiza R250 iyinye. Ukuze uzibeke ethubeni lokuwina eyodwa yawo, bhala igama lakho kwi-postcard, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini. Ikheli lithi: BONA/Bournvita Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe BOURNVITA ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza-R3.) [z]
Izipho zika-
R16 000
BONA – August 2005
