ZULU.2544.africa
I-Cape Verde
Ziqhenye ngokuba se-Africa – 39
ingelinye lamazwe anentando yeningi e-Africa
I-REPUBLIC Of Cape Verde – noma iRepublica De Cabo Verde, njengoba yaziwa, ikwi-Atlantic Ocean, nokuyindawo engamakhilomitha angu-620 ukuya ngasentshonalanga ezwenikazi lase-Africa, iCape Vert. Uchunge lweziqhingi eziningi (archipelago) lwakhiwe ngezilishumi kanye nezinhlanu ezincanyana ezihlukaniseke ngokuba nomoya (Barlavento) nangokuba namawa (Sotavento).
Ezinomoya ezisenyakatho yiSanto Antão, São Vicente, Santa Luzia, São Nicolau, Sal, neBoa Vista.
Ezinamawa eziseningizimu yiSão Tiago, Brava, Fogo, neMaio.
Phezu kwesomiso, nokwentuleka kwezinhlaka zosizo, iCape Verde ingelinye lamazwe anombuso wentando yeningi osimeme.
Inhloko-dolobha – Praia
Izifunda – zinomasipala abangu-17: Boa Vista, Brava, Maio, Mosteiros, Paul, Praia, Porto Novo, Ribeira Grande, Sal, Santa Catarina, Santa Cruz, Sao Domingos, Sao Filipe, Sao Miguel, Sao Nicolau, Sao Vicente, Tarrafal.
Isimo sezulu – kufudumele, lomisile kanti kunezimvula.
Inkolo – eyamaKhrestu
Impilo – abesilisa: 67 iminyaka; abesimame: 74 iminyaka
Izilimi ezisemthethweni – Portuguese
Imali – Cape Verdean escudo
Izwe
l Indawo yonke: 4 033 square km.
l Iziqhingi zidalwa yimililo-ntaba. Kuzona zonke, zintathu ezibalulekayo iSal, Boa Vista, neMaio – ezinezintaba nemisele ejulile edalwa wukuguguleka kwenhlabathi nezintaba-mlilo.
l Izitshalo ama-shrubs, inhlaba nezikwazi ukumelana nesomiso.
l Ezilwaneni zasendle singabala izibankwa, izinkawu, izimbuzi zehlathi nezinhlobo eziningi zezinyoni.
Abantu
Amaphesenti angu-71 abantu axube abangama-Africa nabenzalo yase-Europe kanti baziwa ngokuthi amaCreoles, noma ama-mestiços.
Abanye bangama-Africa ngokuphelele.
Abantu baseCape Verde cishe bangu-410 000 (nokuyizibalo ezalinganiswa ngo-2005). Cishe bangu-100 endaweni eyi-square kilometre.
Abangamaphesenti angu-44 bahlala emaphandleni. Kutshalwe ubhanana, ummbila, ubhontshisi, ubhatata, umoba, ikhofi namakinati.
Ukufuduka kwabantu kuleli lizwe yiyona mpilo.
Cishe abangu-600 000 kucatshangelwa ukuthi bahlala phesheya - nokuyisibalo esingaphezu kwesabahlala eCape Verde.
Ezinye iziqhingi
I-Praia, okuyinhloko-dolobha iseSão Tiago, okuyisiqhingi esikhulu. Ngasenyakatho yeSão Tiago kunesiqhingi okungesesibili ngobukhulu, iTarrafal, esidume ngamabhishi aso.
I-São Vicente yisiqhingi sesibili esibalulekile okukhona kuso idolobha iMindelo. Imikhumbi inqamula echwebeni laseMindelo okuyindawo enama-bar, ama-night club nama-restaurant angcono kunawase-Praia.
Inkinga ngamanzi
Ukuqhubeka kwesomiso yiyona nkinga enkulu kuleli lizwe elincane elineziqhingi namadwala.
Bangamaphesenti angu-65 kuphela abantu abathola amanzi ahlanzekile.
Ukomisa emadlelweni, ukuhlukumezeka kwenhlabathi nokusetshenziswa kwezinkuni yikho okubulala imvelo.
…izidakamizwa
I-Cape Verde isetshenziswa njengephoyinti lapho imikhumbi yethula khona izidakamizwa ezisuka emazweni aseMelika nase-Asia ziya e-Europe. Kodwa ukweswelakala kohlelo olukahle lwezimali, kwenza leli lizwe lingakwazi ukuzenzela elikuthandayo.
Iziqhingi ezisendleleni yemikhumbi, zichaza ngokusobala ukuthi leli lizwe liphila ngemboni yokukhanda imikhumbi.
BONA ZULU – October 2005
siqoqelwe nguWALTON GOLIGHTLY
Cishe amaphesenti abantu angaphezu kuka-80 abangaphezu kweminyaka engu-15 bayakwazi ukufunda nokubhala
GALLO IMAGES
Usawoti utholakala eziqhingini zaseSal, Boa Vista, naseMaio. Idwala le-Volcano (pozzolana) liyiswa kwamanye amazwe - kanti lisetshenziswa ekwenzeni usimende.
BONA ZULU – October 2005
Iziqhingi
eziselangeni
Lezi ziqhingi zazisetshenziswa ngabadobi baseSenegal ngaphambi kokufika kwabase-Europe bokuqala.
Ngo-1495, iziqhingi zathathwa njengendawo yamaPutukezi, kwathuthelwa kuzo izigqila.
Emva kokuthuthukiswa kweziqhingi, zadonsa abahamba ngemikhumbi nabakwamanye amazwe - amaNgisi, amaDutch, namaFulentshi.
Ngesikhathi kuqedwa ukuhwebelana ngezigqila ngasekupheleni kwe-19th Century ukubaluleka kwalezi ziqhingi kwehla.
Njengezinye izinto zamaPutukezi e-Africa, lezi ziqhingi ngo-1951 zathathwa njengezifunda zaphesheya kunokubuswa ngamanye amazwe.
Ngokwehluka kunezinye izifunda, iCape Verde yayingayikhathalele inkululeko kwaze kwaba yiminyaka yo-1970.
Emva kokuketulwa kombuso ePortugal ngo-April 1974, kwaba khona ithemba, kwathi ngoJuly 5, 1975 leli lizwe lathola inkululeko.
Ngaphansi kukamongameli walo wokuqala u-Aristides Pereira, iCape Verde yayibuswa yiqembu elilodwa lingaxhumene futhi namanye aphesheya nakuba lalincike kakhulu osizweni lwasentshonalanga.
Izinguquko zango-1990 zenza kwasungulwa isiShaya-Mthetho esisha nokhetho lokuqala olukhululekile olwawinwa ngu-António Mascarenhas Monteiro ngoFebruary 1991.
Iqembu lakhe iMPD – labusa iminyaka elishumi, laphinda labuyela futhi ngo- ‘elethu’ ngo-1996.
Ngo-2001 okhethweni lwephalamende, leli qembu lehlulwa yiqembu le-PAICV elase livuselelwe kabusha nokuyiqembu futhi elake laphatha.
NgoMarch uPedro de Verona Rodrigues Pires wePAICV waqokwa njengomongameli omusha wezwe ehlula imbangi yakhe uCarlos Veiga weMPD, ngamavoti angu-17.[z]
IPhrojekthi kaBONA
