zulu.2540.yourman_soccer
ABASIZI BABAQEQESHI:
Yini umsebenzi wabo?
Ngabe bangabantu abafuna ukudicilela abanye phansi okufanele babhekwe? Ngabe mhlawumbe umsebenzi wabo wukuhlela ama-traffic cones ejimini? Iqiniso wukuthi, abasizi babaqeqeshi bangaphezu kwama-“ball boys” kanti negalelo labo lingasiza ekuthuthukiseni iqembu liphumelele – uma bengazami ukubukela phansi imizamo yomqeqeshi omkhulu
EZISEMATHENI
KUKHONA labo abathi abasizi babaqeqeshi kuhle ukuba khona kwabo uma udinga abantu abazoqoqa izingubo zabadlali noma abazohlela ama-traffic cones ejimini.
Ziningi izindaba ngabasizi babaqeqeshi esezidale ukungathokozi emaqenjini abo.
Ukwenza isibonelo, ngesikhathi uMuhsin Ertugral eqala ukuqeqesha iChiefs kwakunamahhebezi okuthi abasizi bakhe uDoctor Khumalo no-Ace Khuse babenukeka ngokuthi bakhuthaza abanye babadlali ukuba badlale kabi kwaze kwaba uMuhsin Ertugral uyaxoshwa ukuze babe sethubeni lokuphatha.
Lawo kwakungamampunge - kumanje u-Ertugral usebuyile kwiChiefs kanti noKhumalo noKhuse basekhona.
Ngo-2004 owayengunozinti we-Orlando Pirates u-Innocent Mayoyo wayengumsizi kaTrott Moloto kwiMaritzburg United washiya phansi emva kwezinsolo zikaTrott zokuphatha ngesandla esiqinile nokungabikho kokutusa igalelo lakhe eqenjini.
Yiliphi ngempela igalelo lomsizi womqeqeshi ebholeni?
Umqeqeshi singamfanisa nojenene, kuthi abasizi bakhe sibafanise nezinduna ezibhekene nokuthi izinqumo zikajenene ziyenzeka yini nokuthi abadlali sebekulindele yini ukukhipha umsebenzi enkundleni.
Umsizi womqeqeshi ngumuntu osebenzisana nomqeqeshi, ngokusho kukaTed Dumitru owayengumqeqeshi weChiefs owayiwinisa izicoco zeligi ezimbili.
Uma umqeqeshi edinga umsizi, uye akhethe ngokubhekela umkhakha othile - njengokudlala kwabadlali basemumva. Ngale ndlela, ulwazi olutholakalayo eqenjini luyakhula, kusho uDumitru okumanje useyi “technical advisor” kwiSundowns.
Iqembu lisuke libhekene nobunzima obukhulu uma abasizi bomqeqeshi bebona sengathi sebengaphatha.
UPitso Mosimane owayengumsizi kaDumitru ngesikhathi iBafana iyingxenye ye-Africa Cup Of Nations ka-2006 e-Egypt uthi umsizi womqeqeshi ongameseki umqeqeshi usuke ehluleka ukwenza umsebenzi wakhe.
Okunye akubalulile wukuba umsizi womqeqeshi abheke amakhono amasha nokuyinto umqeqeshi angeke akwazi ukuba nesikhathi sayo.
Uma futhi kwenzeka ukuba umqeqeshi angaphumeleli ukuba semdlalweni, umsizi wakhe kufanele ukuba aqiniseke ukuthi wonke umuntu uhambisa ngokohlelo lomqeqeshi.
“Leso kusuke kungesiso isikhathi sethuba lokwenza izinto ngendlela yakho,” kusho yena.
“Umsizi womqeqeshi kufanele avikele umqeqeshi ameseke ezinqumweni azithathayo. Uma engeke akwenze lokho kungadingeka ukuba ashiye phansi eqenjini.”
NjengoDumitru, uMosimane ukholwa wukuthi iqembu lisuke selehlulwe lingakangeni enkundleni uma abasizi babaqeqeshi bengathembekile. “Abasizi babaqeqeshi bangaba ngabantu abadla abaqeqeshi izithende. Abanye bangenza noma yini ukudicilela umqeqeshi phansi,” kusho uMosimane.
Abasizi babaqeqeshi nabo bayingxenye yawo wonke umsebenzi, kusho u-Ian Palmer owayengumgadli kwi-Orlando Pirates ngeminyaka yo-1980 nosebuyile kulo leli qembu njengesekela lomqeqeshi uRudi Krol.
“Umsizi womqeqeshi usebenzisana ngokubambisana nomqeqeshi ekubhekeni indlela abadlali abadlala ngayo. Uma umqeqeshi efuna ukuba umsizi wakhe agxile emkhakheni othile, uyakwenza lokho,” kusho uPalmer.
“Sonke sinemibono eyehlukene ukuthi ibhola kumele lidlalwe kanjani, kodwa ekugcineni umuntu onezwi elizwakalayo wumqeqeshi,” kusho u-Ian Palmer.
Emva kancane kokuxoxisana noPalmer sezwa ukuthi usehlele ukuthi esule kulandela ukungaboni ngaso linye nomqeqeshi omkhulu uKrol.
Omunye umthombo uthi uKrol unuka uPalmer ngokuhlwayela imbewu embi kubadlali. Omunye uthi uPalmer akasakwazi ukuqhubeka nokusebenzisana nale ndoda “elikhuni” njengoKrol. UPitso Mosimane yena unethemba elikhulu.
Njengoba ake aba ngumqeqeshi omkhulu weBafana isikhashana emva kwesikhathi eside eqeqesha ngempumelelo iSupersport, uPitso uvele abahleke labo abacabanga ukuthi ukuba ngumsizi wabaqeqeshi beBafana abafana noCarlos Parreira noJoel Santana kwakhe wukwehliswa esikhundleni.
“Lokhu kukhulu kakhulu. Njengamanje sisemazingeni amazwe omhlaba nokuyilapho izinga lilikhulu ngaphezu kwebhola lalapha ekhaya. Kukhulu engikufundayo kuSantana njengoba kukuningi futhi engakufunda kuParreira.”
Mhlawumbe lena iyona into ebalulekile umsizi womqeqeshi adinga ukuba ayiqaphele ekuzakheleni igama ekuqeqesheni.
Ukuba ngumsizi womqeqeshi eqenjini leBafana kunezakho izinselelo ezehlukile. “Ngokuvamile ngumqeqeshi ogxekwayo lapho izinto zingahambi kahle, kodwa kwehlukile ngeBafana. Uma yehlulwa abantu bagxeka mina ngokunika umqeqeshi ulwazi olungelona”, kusho uMosimane.[z]
Indaba: Siyabonga Ngcangisa
Izithombe: Gallo
◄Abalandeli bayamthanda, kodwa abanye abasizi babaqeqeshi bathi uTrott Moloto yindoda okungelula ukusebenzisana nayo.
▲Umsizi womqeqeshi ngumuntu osebenzisana nomqeqeshi, ngokusho kukaTed Dumitru.
◄“Sonke sinemibono ehlukene ukuthi ibhola kumele lidlalwe kanjani. Ekugcineni umuntu onezwi elizwakalayo wumqeqeshi omkhulu,” kusho u-Ian Palmer.
Ukubheka amathalente amasha ngomunye wemisebenzi ebalulekile kubasizi babaqeqeshi, ngokusho kukaPitso Mosimane.
