zulu.253.yourfood_diet
Ukudla okuyisipesheli
OKUMNANDI
OKUKHULU-PHALISAYO
OKUNOSAWOTI OMNCANE
OKUNAMAFUTHA AMANCANE
STEAMED CHOCOLATE PUDDING WITH CHOCOLATE SAUCE
Pudding
* 4 izipuni (60ml) i-castor sugar
* 4 izipuni (60ml) imajarini
* 2 amaqanda ashayiwe
* 1/2 inkomishi (125ml) ubisi
* 2 izipuni (30ml) i-cocoa powder
* 1/2 i-teaspoon (2,5ml) i-baking powder
* 4 izipuni (15ml) i-cake flour
Sauce
* 50g ushokoleti wokupheka
* 1/2 inkomishi (125ml) u-cream
* 2 izipuni (30ml) ushukela
1. Endishini hlanganisa imajarini noshukela kuze kube lula. Faka amaqanda nobisi.
2. Kwenye indishi, sefa izithako ezomile ulokhu ukufaka engxubeni yemajarini.
3. Faka ingxube endishini egcotshiwe. (Kufanele igcwalise u-1/2 kuya ku-2/3 wendishi.) Mboza ngezingxenye ezimbili ze-waxed noma ze-greaseproof paper. Bopha ngentambo noma ngelasitiki.
4. Beka i-teacloth esongiwe ebhodweni elikhulu. Faka amanzi abilayo ebhodweni abe nguhhafu umboze. Gxabhisa imizuzu engu-45 u-pudding uze uzwakale uqinile lapho uwuthinta. Uphendulele epuletini.
5. Sauce. Ebhodweni ncibilikisa ushokoleti ku-cream noshukela. Thela phezu kuka-pudding oshisayo. Kuseve no-ice-cream.
Kwanela abane
PEAR CRUMBLE
* 1 x 200g iphakethe lamakhekhe agayiwe
* 2 izipuni (30ml) imajarini
* 1 x 410g amapheya asethinini
1. Shisa uhhavini ube ngu-200°C.
2. Endishini hlanganisa ndawonye amabhisikidi noju.
3. Faka imajarini ukuhlanganisise.
4. Hlela amapheya kwi-ovenproof dish, ngaphezulu ufake ingxube yezimvuthu. Kubhake imizuzu engu-10. Kuseve ne-yoghurt enamafutha amancane.
Kwanela ababili
Ezinye izindlela:-
■ Ungasebenzisa noma yiliphi i-fruit elisemathinini.
■ Ungasebenzisa i-rolled oats esikhundleni samabhisikidi agayiwe.
BAKED PEACHES AND YOGHURT
* 2 amapetshisi athambile
* 1/2 i-teaspoon yoju
* 1/2 inkomishi (125ml) i-plain yoghurt
1. Shisa uhhavini ube ngu-200°C.
2. Sika amapetshisi phakathi ukhiphe izinhlamvu uwabeke kwi-baking tray. Vuvuzela ngoju.
3. Bhaka imizuzu engu-15, ukuseve kushisa kanye ne-plain yoghurt.
Kwanela ababili [z]
Amaresiphi: Ntwenhle Mpanza Izithombe: Roelene Prinsloo
Okuncindisa iminwe okufanele wonke umuntu okuqikelelayo akudlayo
