zulu.2502.yourfamily_child
Sixoxa nodado
Kumqoka ukuthenga eziyikhwalithi ezingabizi kakhulu - ukuthenga ezibizayo kumosha imali ngoba izicathulo zisheshe ziyishiye ingane.
Kala unyawo lwengane. Izitolo ezidayisa izicathulo zengane zizokusiza. Ungakali izinyawo zengane ngezinyawo zengane elingana nayo.
Khumbula ukuthi izicathulo zama-brands ehlukene azilingani ngendlela efanayo. Kungenzeka ingane yakho igqoke usayizi omncane kuBrand A kunakuBrand B.
Qiniseka ukuthi isicathulo sinamathiselwe kwi-sole ngomthungo hhayi nge-glue ngoba isheshe ixebuke.
Ungathengi izicathulo ezinezithende ezinde noma ezivuleke ngemuva, ama-slip-on noma eziyipulasitiki - lezi zicathulo ngeke ziyihambise kahle ingane kanti zingayiphatha kabi.
Izicathulo ezikahle azidingi sikhathi sokujwayelwa wunyawo - zisheshe ziyilingane kahle ingane.
IZELULEKO UMA UTHENGELA INGANE IZICATHULO
Ngesinye isikhathi izingane zike zisho izinto ezihlekisayo ngokunganaki. Sixoxa noSimingaye Mhlungu waseSydenham eThekwini ona-4 years
Ngabe wathathwaphi?
Umama nobaba bangithenga kwaShoprite ngo-R50. Omama nobaba bathenga izingane zabo kwaShoprite.
Uzokwenzani uma usukhulile?
Ngifuna ukusebenza eMahatma Gandhi Hospital nomama wami ukuze sihlale kahle siziphumulele.
Umama wakho uneminyaka emingaki?
Uneminyaka emihlanu.
Luyini uthando?
Uthando lusho ukuhlala e-lounge ekhaya siphuze ama-cool drinks, kanye nokuba ne-birthday party yami.
Yini oyithandayo ngesikole?
Ukufunda izincwadi, kanye nama-birthday party namakhonsathi.
Yini othanda ukuyibuka kwiTV?
Ngithanda ukubukela ama-cartoon eBarbie neGarfield. Ngithanda neGererations (Generations) ngoba ngiyajabula uma uBelinda eshaya uKhethiwe.
Udinga malini yokuthenga imoto?
U-R20. Ngizoyithenga egaraji.
INGANE YAKHO
Uma ufuna ukuba "sikhulume" nomuntuza wakho, bhalela kuleli kheli: BONA Kidspeak, Box 473014, Parklands, 2121. Sinike iminyaka yengane yakho ufake nesithombe sayo nenombolo yocingo esizokuthola kuyona ngezikhathi zasemini.
Ukugwema
IZI-NTWALA
Intwala wuhlobo lwesina-mbuzane kanti zintathu izinhlobo zezintwala ezithanda abantu - yizintwala ezihlala oboyeni esithweni sangasese; ezihlala emzimbeni; nezihlala ekhanda. Yizintwala ezihlala ekhanda ezingahlasela ingane yakho.
Lezi zintwala ezingenamaphiko ezimunca igazi zisabalala ngokuthintana nomuntu onazo, ngokubolekisana ngamakamu, amabhrashi nezigqoko.
Zincane kanti kungenzeka ubone amagobolondo azo angenalutho abantu abavame ukuzitshela ukuthi yinkwethu noma yisikhumba esomile.
Izimpawu
Kuluma isikhumba ekhanda ikakhulu ngemuva kwezindlebe nangemuva emqaleni.
Isikhumba siba noqweqwe sithambe uma usithinta.
Kuvuvukala izindlala ngakuleyo ndawo enezintwala.
Ukwelapha
Uma ingane inezintwala, tshela isikole noma inkulisa ngokushesha ngoba izingane efunda nazo zingatheleleka. Izingane ezinezintwala kufanele zihlale ekhaya zelashwe. Ungathenga i-shampoo yezintwala ekhemisi. Ibulala izintwala namagobolondo.
ISEXWAYISO: Ungasebenzisi uphalafini ekulweni nezintwala ngoba ungadala umonakalo esikhumbeni kwakheke izilonda.
