zulu.2499.joe
Nesihhogo asifani
nokudinwa
UYASEBENZA usujuluke umanzi te lapho usula phansi efemini osebenza kuyo ekubeni umphathi wakho uyazingcebelekela. Ubuyela ekhaya kudingeka ukuba ubhekane namabhodwe, nansi nengane iyakhala, kukhona nomyeni wakho owazi ukuthi yena empilweni kufanele ahlale aphuze ubhiya, afunde amaphepha azibukele iTV.
Emva kwalokho usuku luphethe ngokuba yena lo myeni wakho akubangele umsindo.
Ngabe yini yonke le nto" Uthole imali encane emsebenzini usuthola ukuhlukunyezwa yilo myeni wakho ongakhombisi ukubonga"
Akuhambi kanjalo mfowethu! Yisikhathi sokuba uvuke uzinuke amakhwapha. Sekwanele!
Nami nginomqondo. Ungangithathi njengento engenamsebenzi noma ungithathise komata wokusulela izinyawo emnyango ngoba ngiyahlanya ngimemeze uma ngithanda. Ngisho nesihhogo ngeke usifanise nowesimame odiniwe ngenxa yokunengwa.
Sekuyisikhathi sokuba usukume mfowethu kube khona okwenzayo ekhishini.
Kunjalo - masiyeke umqondo wokuthi: "Yimi indoda lapha. Wena nezingane kufanele nidansele isiginci sami."
Kwakuthi ngisho umuntu wesimame egula lokho kungasho lutho kumuntu wesilisa. Kwakudingeka ukuba avuke ekuseni ngovivi abase umlilo aphinde ashanele isitubhi ukuze kuthi lapho wena muntu wesilisa uvuka, uthole ibhulakifesi lakho elishisayo selikulindele, nehembe lakho nebhulukwe ozokugqoka sekukulindele.
Konke lokhu ngikwenza nje ngibelethe ingane emhlane.
Kwakuthi lapho kwenzeka owesimame egula, owesilisa uyocasuka akhahlele yonke into ephambi kwakhe ngenxa yokuthi ukudla kwakhe bekungakalungi, njengomuntu futhi ozitshela ukuthi indoda inkulu idla inyama, ayicabangi ukuba kube khona ezenzela kona.
Ngaphezu kwalokho, uyomnyonkoloza unkosikazi uyoze avuke embhedeni aqonde ekhishini ngoba umsebenzi wakhe wukugqilazwa wuwe.
Uma ngifuna ukukushaya ngenqindi esiswini, yingoba ngangingeke ngikwazi ukuba ngikuklinye.
Konke lokhu kulele endleleni abesilisa abakhuliswa ngayo, akulona iphutha labo mfowethu.
Umama wakho wakufundisa ukuba uphume uphele ekhishini ngoba odadewenu yibo ababepheka, behlanza indlu bewasha, wena uzidlalela nabangani bakho.
Kwakuthi lapho uke wabonakala usekhishini ubaba wakho akuthethise athi awundoda yalutho, akuhlekise nabangani bakho.
Kukho konke lokho, angiqondi ukuthi kungani umsebenzi omncane njengowokuthosa iqanda kube yinto enzima nelikhuni kumuntu ofana nawe oziqhayisa ngobuhlakani.
Uhlale uzitshela ukuthi abaqashi bakho akukho abangakwenza ngaphandle kwakho, ngoba ucabanga ukuthi inkampani yakho imiswe nguwe. Kodwa kuthi lapho ufika kwakho uphenduke isilima soqobo.
Leso kwakuyisikhathi sakudala, manje sekuyimanje. Angisakuthokozeli ukufaka iduku nengubo ende ngoba ngithokozisa abakini.
Kusukela manje sengizoshayela imoto yami ngiqonde kuma-boardroom. Uma ngiphuma emsebenzini, nizobona ngami ngiyozibhekela ingqephu yefeshini yakamumva, ngizihlalele ezindaweni zokucisha ukoma ngiziphuzele nabangani kuze kuse.
Nawe ke mfowethu, sekuyisikhathi sokuba usondelane nekhishi uqale ukwenza ama-pancakes ujwayelane nebhodwe.[z]
Singalifihli iqiniso madoda - izikhathi ziyashintsha, abesimame abasenakuwumela udoti wethu...
BONA ZULU November 2008
EZASELOKISHINI
nguJoe Khumalo
"Sekuyisikhathi sokuba usukume mfowethu kube khona okwenzayo ekhishini"
