zulu.2495.robinho
UMA kunomdlali osemncane onethalente oliqhamukisa eBrazil, akwenzeki bangambizi ngo “Pelé omusha.” Obhala ngezemidlalo wake wabhala ukuthi baningi abadlali ababizwa ngo “Pelé abasha” kanti ungaze ukhiphe iqembu labo.
Bambalwa abadlali abaziphethe kahle ababalulwa yilo mdlali. Ngo-1999 uPelé wayekwiSantos FC ezosiza izikwata zayo ezincane kanti osukwini lokuqala eqale umsebenzi amehlo akhe ahlala kumdlali owayeneminyaka engu-15.
“Nangu uPelé omusha!” Waqhuba wathi ufikelwa yizinyembezi uma ebuka lowo mdlali owayenguRobson de Souza, odume ngelikaRobinho…
UPelé wathi uRobinho umkhumbuza izikhathi zakhe esemusha – wayemncanyana, ebukeka engondlekile emamatheka.
Okwakukhathaza uPelé wukuthi ukukhulela kukaRobinho ebuphofini kwakungamthikameza ebholeni. Watshela uRobinho ukuba afike nobaba wakhe uGilvan uma eseyozilolonga ngesonto elalizolandela.
UPelé wabuza uDe Souza ngokuziphatha kwendodana yakhe esikoleni nasekhaya waphetha ngokuthi uzomgada lo mfana.
Emva kweminyaka emithathu, uRobinho owayeneminyaka engu-18, wadlala okokuqala kwiSantos.
Wayebalwa kwababeyizihlabani ngaleyo sizini wafaka iSantos kwifayineli yesicoco sikazwelonke eBrazil ngo-2002.
Wayedlala ngobuchule ebukisa ngabadlali basemumva. Isitayela ayesisebenzisa uma edlala kwakuyi “pedalada” – lapho ayedansisa izinyawo zakhe ebholeni enze sengathi uyalishova.
ELASE-BRAZIL lihamba phambili emhlabeni ngokukhiqiza inyama yenkomo, ushukela, ikhofi – kanjalo nabadlali abadlalela amaqembu amakhulu. Bangu-12 000 ababhalisile kanti bangaphezu kwenkulungwane abadlala kwamanye amaqembu emhlabeni.
UPelé unesandla kulokho. Wasiza elaseBrazil lawina amaWorld Cup amathathu okuqala.
Intsha iyakulangazelela ukudlala ibhola – kodwa sengathi kwelaseBrazil lelo phupho limandla kakhulu.
Leli lizwe libuye lihambe phambili emhlabeni ngokungalingani kwabantu njengoba abayizigidi bebulawa yindlala. U-Robson de Souza owazalwa ngomhlaka 25 January, 1984 eParque Bitaru, okuyindawo ebalwa kwezikhungethwe wububha eSão Vicente, naye uyazi kahle indlala.
Wayevame ukudlala ibhola ekhaya ngoba babengenayo imali yokumthengela amathoyizi.
“Kwakumnandi kakhulu ukudlala emangcwabeni. Kwakungcono lokho kunokudlala ezitaladini. Sasidlala usuku lonke nabangani bami,” kusho yena.
Impilo yalo mdlali yayimkhathaza kufanele uPelé. Wayephila ngerayisi namaqanda. Izidlo ezintathu ngosuku waqala ukuzidla esehlala endaweni okwakuhlala kuyona abadlali beSantos FC abasebancane.
Manje uRobinho usehola izigidi ngonyaka ngenxa yebhola nesivumelwano asisayina nabakwaNike.
Ezinganeni ezingu-10 000 ezaziliqhamukisa ezindaweni ezazakhelene nalapho kwakuhlala khona uRobinho ezazizokwenza ama-trials kwiSantos eminyakeni emine edlule, kwathathwa eyodwa kuphela. Kodwa noma kunjalo, ukudlalela amaqembu akhokhelwayo kuyohlala kuyiphupho entsheni.
U-ROBINHO wayeneminyaka eyisithupha ngesikhathi ethathwa yiBeira-Mar.
Njengoba abadlali baseBrazil bethola ukuzicija ebholeni ngokudlala ezitaladini nasolwandle, izingane zabafana zifunda ukudlala ibhola uma sezikwazi ukuhamba.
U-Robinho wayedlala esigabeni sabadlali abaneminyaka eyisithupha kwiBeira-Mar. Leli qembu laba ngoshampeni bendawo uRobinho enonyaka edlala kulona.
Okumangazayo ngebhola laseBrazil wukuthi zimbalwa izingane ezidlala ibhola endaweni enotshani ngoba utshani abumili kahle kuleli lizwe kanti nokuthuthukiswa kwamadolobha okungahlelekile kushodisa indawo yokwakha izinkundla ezinkulu.
Emaqenjini anjengeBeira-Mar, izingane zikhula zidlala i-futebol de salão, noma i-futsal, edlalelwa enkundleni ye-basketball ngebhola eliqinile.
U-Robinho uthi yi-futsal eyamenza waba nomzimba olula. Kuyasheshwa uma kudlalwa yona akufani nasebholeni kanti njengoba indawo edlalelwa kuyona ingenkulu, izingane ziyaphoqeka ukuba zifunde amakhono anjengokudribula.
U-Adroaldo Ricardo weBeira-Mar usalukhumbula usuku afika ngalo uRobinho kuleli qembu. “Sabona esalithinte okokuqala nje ibhola ukuthi uhlukile kwabanye.”
U-Robinho wanikwa igunya lokungayikhokhi imali eyayikhokhwa njalo ngenyanga. Wayengenayo nemali yokukhokha ebhasini.
Iminyaka engu-14 wayihlanganisa edlala kwiSantos.
EMVA kokuba iSantos iwine isicoco saseBrazil ngo-2002 kwacaca ukuthi likhulu ikhono analo lo mdlali. Komunye umdlalo owawuseColombia, lapho babebhekene khona ne-América de Cali bedlalela iLibertadores Cup, wenza ezibukwayo waze wahalaliselwa abalandeli beqembu ababedlala nalo.
Ekupheleni kuka-2004, ngesikhathi kunamahlebezi okuthi uRobinho ucabanga ukuyodlala e-Europe, kwathunjwa umama wakhe.
Ababemthumbile bamgcina izinsuku ezingu-40 bamdedela emva kokuba uRobinho enqabe ukusizwa amaphoyisa wakhokha imali eyayifunwa abathumbi.
Okunye okwakuyinkinga, njengoba iSantos yayifuna ukuba iReal Madrid ikhokhe u-£25-million ukuze imdedele ayodlala kuyona lokho kwakusho ukuthi amathuba okuthi ayodlala e-Europe ayemfimfa.
Iqembu laseSpain lalingathokozile ngemali eyayifuneka kanti noRobinho wayenganeme kwiSantos – ngoJuly 2005 wahlawuliswa emva kokuba enqabe ukuzilolonga naleli qembu.
Isikhathi esiningi wayesichitha esebhentshini eselishiyile waya kwiReal.
“Akubanga lula ukujwayela,” kusho yena. “Lwalulukhulu uguquko olwalwenzeka empilweni yami kanti angitholanga nesikhathi sokulujwayela.”
Kodwa kukhona abathi ukulinda unyaka ngaphambi kokuyodlala e-Europe kwamsiza uRobinho.
Udlala kahle manje akasagcini ngokudribula nje kuphela. Ubaphasela kahle ibhola abanye abadlali azimisele noma esefaka amagoli.
Kungenzeka ukuthi u-2006 ngunyaka uRobinho azogqama ngawo ebholeni akhombise umhlaba ukuthi unekhono elingakanani! [z]
BONA ZULU – March 2006
Ngabe unguPelé omusha?
Ngabe unyaka ka-2006 ngunyaka elizogqama ngawo ithalente lalo mgadli?
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabeGETTY IMAGES/TOUCHLINE PHOTO
U-Robinho weReal!
Kokunye ama-defender enza konke okusemandleni ezama ukuvimba lo mdlali waseBrazil.
BONA ZULU – March 2006
u
t
U-Robinho ethokozisa izihlwele ngezitayela abuya nazo ohambweni lokuyodoba.
Abanye bathi kwaba kuhle ukuthi uRobinho alinde unyaka ngaphambi kokuya e-Europe
BONA ZULU – March 2006
Eshiya enye i-defender!
Indlela ebheke kwiReal ayibanga lula kuRobinho, kodwa useyabuyela efomini yakhe.
U-Robinho ebhekene nonozinti weqembu ababedlala nalo.
